Lithini Ibhayibheli?
Ingabe uNkulunkulu uphendula yonke imithandazo?
UBUNGATHI EYOBANI IMITHANDAZO AYIPHENDULAYO?
Eyawo wonke umuntu
Eyabantu abathile
Ayikho
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“UJehova useduze nabo bonke . . . abambiza ngeqiniso.”—IHubo 145:18.
YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?
UNkulunkulu akayilaleli imithandazo yalabo abamvukelayo. (Isaya 1:15) Nokho, ‘bangazilungisa izindaba’ naye ngokushintsha izindlela zabo.—Isaya 1:18.
Ukuze uNkulunkulu aphendule umthandazo, kumelwe uhambisane nezimfuneko zakhe eziseBhayibhelini.—1 Johane 5:14.
Ingabe kufanele sime ngendlela ethile lapho sithandaza?
ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi njalo lapho bethandaza kumelwe baguqe, bagobise amakhanda noma bahlanganise izandla. Wena ucabangani?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
UNkulunkulu wayamukela imithandazo yalabo ‘ababehleli phansi,’ ababemile, ‘ababewe ngobuso’ noma ‘ababeguqe ngamadolo.’ (1 IziKronike 17:16; 2 IziKronike 30:27; Ezra 10:1; IzEnzo 9:40) Akukho ndlela ethile ekhethekile afuna sime ngayo lapho sithandaza.
YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?
UNkulunkulu uyabalalela labo abathobekile. —IHubo 138:6.
Ungathandaza nganoma yiluphi ulimi ngisho nangenhliziyo.—2 IziKronike 6:32, 33; Nehemiya 2:1-6.