Duduza Abashonelwe, Njengoba Kwenza UJesu
ULAZARU, isakhamuzi saseBhethaniya, wagula wabangwa nezibi. Odadewabo, uMarta noMariya, bathumela izithunywa kumngane wabo omkhulu, uJesu. Kodwa ukugula kwamehlula. ULazaru wangcwatshwa, futhi abangane nomakhelwane baya kuMarta noMariya “ukuze babaduduze.” (Johane 11:19) Ngemva kokulindwa ngokulangazela, uJesu wafika eBhethaniya. Ngokucabangela lokho akusho nakwenza, singafunda okuthile ngokududuza umuntu oshonelwe.
Ukuba Khona Kwakho Kubonisa Ukuthi Uyakhathalela
Ukuze afike eBhethaniya, uJesu wahamba cishe izinsuku ezimbili, wawela uMfula iJordani, wahamba ngomgwaqo onamajika nokhuphukelayo osuka eJeriko. UMarta waphuthuma wayomhlangabeza ngaphandle komuzi. Kamuva, lapho uMariya ezwa ukuthi uJesu ufikile, naye waphuthuma wayombona. (Johane 10:40-42; 11:6, 17-20, 28, 29) Ngokuqinisekile, ukuba khona kukaJesu kwaba yinduduzo enkulu kulezi zelamani ezazisosizini.
Nanamuhla, ukuya kubantu abashonelwe kungabaduduza kakhulu. UScott noLydia, abashonelwa yindodana yabo eyayineminyaka eyisithupha, uTheo, engozini yemoto, bayakhumbula: “Sasidinga ukusekela komndeni nabangane futhi bafika ebusuku esibhedlela.” Yini eyashiwo yilabo bangane babo? “Ngaleso sikhathi sasingadingi ngempela ukuba basho okuthile. Ukuba khona kwabo nje kwasho lukhulu—kwasitshela ukuthi bayasikhathalela.”
IBhayibheli lithi lapho uJesu ebona ababekhalela uLazaru, “wakhathazeka” futhi “wakhala izinyembezi.” (Johane 11:33-35, 38) UJesu wayengakholelwa ekutheni indoda ayikhali. Wazwelana nabo futhi naye waveza indlela ayezizwa ngayo. Sifundani lapha? Lapho sivakashele umuntu oshonelwe, akufanele sizizwe sinamahloni okukhala kanye naye. (Roma 12:15) Ngakolunye uhlangothi, akufanele sizame ukumkhalisa. Abanye bangase bakhethe ukukhala lapho bebodwa.
Lalela Ngobubele
Kungenzeka ukuthi uJesu wayenakho engqondweni lokho ayengathanda ukukusho kuMariya noMarta ukuze abakhuthaze, kodwa kusobala ukuthi wabanika ithuba lokukhuluma kuqala. (Johane 11:20, 21, 32) Lapho ekhuluma noMarta, wambuza umbuzo, wabe eselalela impendulo yakhe.—Johane 11:25-27.
Ukuba yisilaleli esihle kubonisa ukuthi umkhathalela ngempela oshonelwe. Ukuze simduduze, kumelwe simlalelisise. Singabonisa ukuthi siyizilaleli ezinhle ngokubuza imibuzo emsiza ukuba aveze indlela azizwa ngayo. Nokho, ungamphoqi ukuba akhulume uma engafuni. Kungenzeka ukuthi ukhathele futhi udinga ukuphumula.
Abashonelwe bangase bangazi ukuthi bazizwa kanjani futhi ngezinye izikhathi bangase baphindaphinde into eyodwa. Abanye bayakwazi ukuveza imizwa yabo. UMariya noMarta bathi kuJesu: “Nkosi, ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga.” (Johane 11:21, 32) UJesu wenzani? Walalela ngesineke nangozwela. Wakugwema ukuzama ukubatshela ukuthi kufanele bazizwe kanjani. Akungabazeki ukuthi wayeqonda ukuthi abashonelwe bagajwa kakhulu usizi.
Uma ungazi ukuthi kufanele uthini lapho uvakashele oshonelwe, ungaqala ingxoxo ngokumbuza ukuthi angathanda yini ukuxoxa ngokumehlele. Uma evuma, mlalelisise. Mbheke futhi uzame ukuqonda imizwa yakhe.
Ukuzama ukuqonda imizwa yoshonelwe kunzima kakhulu. ULydia uyachaza: “Indlela esasizizwa ngayo yayishintshashintsha. Ngezinye izikhathi sasikhala singathuliseki lapho kunezivakashi. Sasidinga ukuba zona ziqine. Abangane bethu babezama ngempela ukuqonda imizwa yethu.”
UJesu wakwenza kahle kakhulu lokhu. Wayazi ukuthi umuntu ngamunye ‘unenhlupho yakhe nobuhlungu bakhe.’ (2 IziKronike 6:29) Wakhuluma nalezi zelamani ngezindlela ezingefani. UMarta wayelokhu ekhulume njalo, ngakho uJesu waqhubeka emxoxisa. Ngenxa yokuthi uMariya wayekhala, akukuningi uJesu akusho kuye. (Johane 11:20-28, 32-35) Singafundani esibonelweni sakhe? Kungaba ngcono kakhulu ukuvumela oshonelwe kube nguyena olawula ingxoxo. Ukuzimisela kwakho ukumlalela lapho eveza usizi lwakhe kungase kumduduze kakhulu.
Amazwi Elaphayo
Ngesikhathi uMariya noMarta bethi kuJesu: “Ukube ubulapha,” akazange abe nomuzwa wokuthi bambeka icala. Waqinisekisa uMarta: “Umfowenu uzovuka.” (Johane 11:23) Ngalawo mazwi ambalwa, uJesu wamsiza ukuba ame isibindi futhi wamkhumbuza ngomusa ukuthi lalikhona ithemba.
Lapho ukhuluma nomuntu oshonelwe, khumbula ukuthi amazwi aqotho nakhayo angasho lukhulu kuye, kungakhathaliseki ukuthi ambalwa kangakanani. Singamduduza ngomlomo noma simbhalele incwadi. Ngenxa yokuthi umuntu angakwazi ukuzifunda noma nini izincwadi namakhadi, angaduduzeka njalo lapho ezifunda nangemva kwesikhathi eside ashonelwa. Ngemva kwezinyanga ezingu-9 umyeni wakhe, uBob, ashona, uKath waphinde wawafunda wonke amakhadi ayewatholile. Wathi: “Ngaphawula ukuthi aba namandla kakhulu ngaleso sikhathi futhi yileso isikhathi engaduduzeka ngaso ngempela.”
Yimaphi amazwi enduduzo angadlé ngabude ongawabhala encwadini noma ekhadini? Ungabhala ngomufi—ngokuthile enake nakwenza ndawonye noma ngemfanelo yakhe enhle. UKath uthi: “Izinto ezimnandi abantu abazisho ngoBob nangobuntu bakhe zangijabulisa futhi zangikhalisa ngesikhathi esifanayo. Izindatshana ezihlekisayo ngaye zangihlekisa futhi zangikhumbuza ukuthi sasibe nokuphila okujabulisayo ndawonye. Emakhadini amaningi kwakunamavesi eBhayibheli engiwazisa kakhulu manje.”
Siza Ngokoqobo
Ukuze asize abakubo kaLazaru, uJesu wenza okuthile thina esingenakukwenza. Wavusa uLazaru kwabafileyo. (Johane 11:43, 44) Nokho, zikhona izinto ezingokoqobo esingazenza, njengokupheka, ukuvula imizi yethu ukuze kuhlale izihlobo zoshonelwe, ukumhlanzela izingubo, ukumgadela izingane, ukumyela ezindaweni ezithile noma ukusiza ngemoto. Akungabazeki ukuthi oshonelwe uyozazisa kakhulu izenzo ezincane ezibonisa uthando.
Kuyaqondakala ukuthi abashonelwe bangase badinge isikhathi sokuba bodwa. Noma kunjalo, ungathatha isinyathelo esifanele sokuhlale ubahlola. Umama othile owashonelwa ingane, uthi: “Asikho isilinganiso sesikhathi sokulila.” Abanye bazama ukukhumbula umuntu owashonelwa ngezinsuku ezithile ezikhethekile, njengosuku ashada ngalo, noma usuku umufi ashona ngalo. Ngokuba khona ngalezo zinsuku, ungase ube umngane owusizo ngalezo zikhathi ezinzima.—IzAga 17:17.
UJesu wanikeza induduzo nangokukhuluma ngethemba yena nabalandeli bakhe ababenalo: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya khona ukuze ngimvuse ebuthongweni.” (Johane 11:11) UJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi kuyoba khona uvuko lwabafileyo. Wabuza uMarta: “Uyakukholelwa lokhu?” Waphendula: “Yebo, Nkosi.”—Johane 11:24-27.
Ingabe nawe uyakholelwa ukuthi uJesu uzobavusa abafileyo? Uma ukukholelwa lokho, xoxela oshonelwe ngaleli themba eliyigugu. Msize ngokoqobo. Amazwi nezenzo zakho ziyomduduza ngezinga elithile.—1 Johane 3:18.
[Ibalazwe ekhasini 9]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IPHEREYA
UMfula IJordani
IJeriko
IBhethaniya
ULwandle Lukasawoti
IJerusalema
ISAMARIYA