Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Laliyini iphutha likaMose elamlahlekisela ilungelo lokungena eZweni Lesithembiso? Ingabe laliwukuthi washaya idwala esikhundleni sokumane akhulume kulo noma laliwukuthi wehluleka ukukhazimulisa uJehova uNkulunkulu?
Kubonakala sengathi iphutha likaMose lalingaphezu kokuthi nje washaya idwala esikhundleni sokukhuluma kulo, njengoba uNkulunkulu ayeyalile.
Ngasekupheleni kweminyaka engama-40 yokuzulazula, amaIsrayeli akanisa eKadeshi-Barineya ehlane laseSini (noma, lasePharanu). Emashumini eminyaka ngaphambili babeye bakanisa kuleyondawo, mhlawumbe ngenxa yokuthi iziphethu ezintathu ezikulendawo ziveza uhlaza ogwadule, njengoba umfanekiso ohambisana nalendaba ubonisa. Nokho, ngalesikhathi amanzi ayeyindlala, okungenzeka kwasho ukuthi abantu babeyothola ukudla okuncane. Ngakho-ke balwa noMose, ummeleli kaJehova, bethi: “Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kulendawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma yamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati, kungekho futhi amanzi okuphuza.”—Numeri 20:5.
Khona-ke uNkulunkulu wabe esethi kuMose noAroni: “Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, . . . nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.” (Numeri 20:8) Yini eyenzeka ngemva kwalokho?
“OMose noAroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: Yizwani manje nina-bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kulelidwala na? UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi.”—Numeri 20:10, 11.
Abanye baye baphawula ukuthi uNkulunkulu wayeyale uMose noAroni ukuba ‘bakhulume edwaleni,’ kodwa bona ‘balishaya idwala.’ Ingabe lomahluko wacasula uJehova kangokuba waze wathi kuMose noAroni wayengeke abavumele ukuba bahole amaIsrayeli bawangenise eZweni Lesithembiso?
Akubonakali kunjalo. Iqiniso liwukuthi ezinyangeni ezimbalwa nje ngemva koFuduko, abantu babeqale ngokukhononda ngokungabibikho kwamanzi. Lokhu kwenzeka eduze kweNtaba yaseSinayi (iHorebe), endaweni kamuva eyabizwa ngokuthi iMeriba (endaweni esiyibona lapha ngezansi). Phawula lokho uNkulunkulu akusho kuMose ngalesosikhathi: “Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” (Eksodusi 17:2-7; 33:6) Ngakho-ke eKadeshi, lapho uMose etshelwa ukuba akhulume edwaleni, kungenzeka ukuthi wathambekela ekwenzeni lokho ayekwenzile ngaphambili ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, ngisho nakuba uNkulunkulu wayesho ukuthi ukukhuluma edwaleni kwakuyobe kwanele.
Kubonakala sengathi okungaphezu kwalokho okwaholela esahlulelweni sikaNkulunkulu ngoMose noAroni. Kwakungaba yikuphi lokho? UMose wathi kubantu abagcwele ukulwa: “Siyakunivezela yini amanzi kulelidwala na?” IHubo 106:33 lisinikeza ukuqonda kulendaba, ngoba libonisa ukuthi uMose wenza ngokuhluthuka komoya nokuthi “wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.” Ngamazwi okuthukuthela, wabhekisela ukunakekela kuye ngokwakhe nakuAroni esikhundleni saLowo owayengaveza amanzi ngokuyisimangaliso. Ngakho-ke, ngaphambi nje kokuba uMose afe emngceleni weZwe Lesithembiso, uNkulunkulu wabhekisela kulokho okwenzeka eKadeshi-Barineya wabe esebonisa ukuthi iphutha likaMose laliwukuthi wahluleka ‘ukungcwelisa uNkulunkulu phambi kwamehlo abantu.’—Numeri 27:12-14.
Singathola isifundo kulokhu. Nakuba ngokuqinisekile kubalulekile ukuzibamba ukuze singenzi ngokuthukuthela, kubaluleke ngokufanayo ukuthiba umoya wethu, ikakhulukazi lapho abanye beshiyeka. Uma sizivumela ukuba siphazamiseke ngokweqile, singase siqale ukubheka izinceku zikaNkulunkulu ngephuzu lokubheka lomuntu, esikhundleni sokuqaphela ukuthi basalokhu ‘beyizimvu’ zikaNkulunkulu. Yiqiniso, abaphelele futhi bangase benze izinto ezicasulayo, kodwa ‘bangabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.’ (IHubo 100:3) UNkulunkulu wavumela iNdodana yakhe ukuba ibafele abanjalo, ngakho akumelwe yini silwele ukubabekezelela, singagxilisi kakhulu ukunakekela endleleni esizizwa ngayo noma esithinteka ngayo kodwa ikakhulu ekumeni kwabo noNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 31]
Entwasahlobo ohlazeni olusogwadule eduze kwesinye seziphethu endaweni yaseKadeshi-Barineya
[Umthombo]
Izithombe, amakhosi 10, 31: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.