-
Inkinga Yomhlaba WonkeI-Phaphama!—2001 | Okthoba 22
-
-
Inkinga Yomhlaba Wonke
“Ukuzibulala kuyinkinga yangempela yempilo yomphakathi.”—UDavid Satcher, udokotela omkhulu ohlinzayo wase-United States, ngo-1999.
LEYO NKULUMO yaphawula isikhathi sokuqala ngqá emlandweni lapho udokotela omkhulu ohlinzayo e-United States enza ukuba kuxoxwe ngokuzibulala. Manje baningi abantu abazibulalayo kulelo zwe kunalabo ababulawa abanye. Yingakho iSigele sase-United States samemezela ukuvinjelwa kokuzibulala njengento okufanele ize kuqala ezweni lonke.
Kodwa, izinga labantu abazibulalayo e-United States, elalingu-11,4 kwabangu-100 000 ngo-1997, lingaphansi kwezinga lembulunga yonke elamenyezelwa yi-World Health Organization ngo-2000—elingu-16 kwabangu-100 000. Amazinga okuzibulala emhlabeni wonke aye enyuka ngamaphesenti angu-60 eminyakeni engu-45 edlule. Manje, kunabantu ababalelwa kwabayisigidi abazibulalayo ngonyaka emhlabeni wonke. Lokho kulingana nokufa komuntu oyedwa njalo ngemizuzwana engu-40!
Nokho, izibalo aziyixoxi yonke indaba. Ezimweni eziningi amalungu omkhaya ayaphika ukuthi umuntu uzibulele. Ngaphezu kwalokho, kulinganiselwa ukuthi nakuba kunomuntu oyedwa ogcina ezibulele, kunabanye abaphakathi kwabayishumi nabangu-25 abasuke bezame ukuzibulala. Enye inhlolo-vo yathola ukuthi abafundi basesikoleni esiphakeme e-United States abangamaphesenti angu-27 bavuma ukuthi ngonyaka owawandulele, babekucabangele ngempela ukuzibulala; abangamaphesenti angu-8 kuleli qembu elahlolwa bathi babeke bazama ukuzibulala. Olunye ucwaningo luye lwathola ukuthi abantu abadala abangamaphesenti amahlanu kuya kwangu-15 babeke bacabanga ukuzibulala ngesikhathi esithile.
Ukwehluka Kwamasiko
Iyashiyana kakhulu indlela abantu abakubheka ngayo ukuzibulala. Abanye bakubheka njengecala, abanye bakubheka njengendlela yegwala yokubalekela izinkinga, kanti abanye bakubheka njengendlela ehloniphekile yokuzisola ngephutha elithile. Abanye baze bakubheke nanjengendlela enesizotha yokuthuthukisa izinhloso abazisekelayo. Kungani kunemibono ehlukene kangaka? Isiko lifeza indima enkulu. Eqinisweni, i-Harvard Mental Health Letter isikisela ukuthi isiko lingase “lithonye ngisho namathuba omuntu okuzibulala.”
Cabangela izwe laseYurophu ephakathi—iHungary. UDkt. Zoltán Rihmer ubhekisela ezingeni eliphakeme labantu abazibulalayo lapho ngokuthi “‘isiko’ elibi” laseHungary. UBéla Buda, umqondisi we-National Institute for Health yaseHungary, waphawula ukuthi abantu baseHungary bazibulala kalula, nganoma yisiphi isizathu. UBuda uthi indlela abavame ukusabela ngayo iwukuthi “uma enomdlavuza—uyazi ukuthi uzosiqeda kanjani leso simo.”
ENdiya kwake kwaba nenkambiso yenkolo eyayaziwa ngokuthi i-suttee. Nakuba lo mkhuba, lapho umfelokazi eziphonsa emlilweni wokushisa isidumbu somyeni wakhe, sekuyisikhathi eside uvinjelwe, awukapheli nyá. Lapho omunye wesifazane kuthiwa uzibulale ngale ndlela, abantu abaningi bendawo bayishayela ihlombe le nhlekelele. Ngokwe-India Today, kuleso sifunda saseNdiya “kuye kwaba nabesifazane ababalelwa ku-25 abaye bazishisa emililweni yokushisa izidumbu zabayeni babo phakathi neminyaka eyilo lelo nani.”
Ngokuphawulekayo, eJapane inani labazibulalayo liphindwe kathathu kunelabafa ezingozini zezimoto! I-Japan—An Illustrated Encyclopedia ithi: “Isiko elivamile laseJapane, elingakaze likulahle ukuzibulala, laziwa ngohlobo lokuzikhipha izibilini (i-seppuku, noma i-hara-kiri) oluyinkambiso nomkhuba ophambili emphakathini.”
Encwadini yakhe ethi Bushido—The Soul of Japan, u-Inazo Nitobe, kamuva owaba yiphini likanobhala-jikelele weNhlangano Yezizwe, wachaza leli siko lokuthandwa kokufa. Wabhala: “Njengoba yasungulwa ngenkathi ephakathi, [i-seppuku] kwakuyinqubo amabutho ayengaqeda ngayo amacala awo, axolise ngamaphutha, abalekele ihlazo, abuyisane nabangane bawo, noma afakazele ubuqotho bawo.” Nakuba lolu hlobo lo mkhuba wokuzibulala ngokuvamile luyinto eseyadlula, abaningi basaphendukela kuwo ngenxa yethonya kwezenhlalo.
Ngakolunye uhlangothi, kweLobukholwa, sekuyisikhathi eside ukuzibulala kubhekwa njengecala. Ekhulwini lesithupha nelesi-7, iSonto LamaRoma Katolika lalibaxosha ebandleni labo ababezibulele futhi lalingabangcwabi ngendlela yesiko lesonto. Kwezinye izindawo, ukushisekela inkolo kuye kwabangela amasiko ayinqaba mayelana nabantu abazibulele—kuhlanganise nokulengisa izidumbu ngisho nokushayela izigxobo ezinhliziyweni.
Kuyindida ukuthi labo ababezama ukuzibulala babengathola isigwebo sentambo. Ngenxa yokuzama ukuzibulala ngokuzinquma umphimbo, iNgisi ngekhulu le-19 lalengiswa. Ngakho iziphathimandla zafeza lokho le ndoda eyayihlulekile ukukwenza. Nakuba isijeziso sabazama ukuzibulala sashintsha ngokuhamba kweminyaka, iPhalamende LaseBrithani lamemezela ngo-1961 ukuthi ukuzibulala nokuzama ukuzibulala kwakungaselona icala. E-Ireland kwakulokhu kuyicala kwaze kwaba ngo-1993.
Namuhla abanye abalobi bayakukhuthaza ukuzibulala njengento yokuzikhethela. Ngo-1991 incwadi ekhuluma ngokusiza ogulela ukufa ukuba azibulale yasikisela izindlela zokuzibulala. Kamuva, inani elikhulu labantu ababengaguleli ukufa lasebenzisa enye yezindlela ezisikiselwe.
Ingabe ngempela ukuzibulala kuyikhambi lezinkinga zomuntu? Noma ingabe zikhona izizathu ezizwakalayo zokuqhubeka uphila? Ngaphambi kokucabangela le mibuzo, ake siqale sihlole ukuthi yini eholela ekuzibulaleni.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Cishe kunabantu abayisigidi abazibulalayo emhlabeni wonke ngonyaka. Lokho kulingana nokufa komuntu oyedwa njalo ngemizuzwana engu-40!
-
-
Okwenza Abantu Balahle Ithemba NgokuphilaI-Phaphama!—2001 | Okthoba 22
-
-
Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
“Isinyathelo ngasinye esiya ekuzibulaleni sihlukile: saziwa ngozibulele kuphela, siyimfihlo futhi siyathusa.”—UKay Redfield Jamison, udokotela wezifo zengqondo.
“KUWUSIZI ukuphila.” Yilokho uRyunosuke Akutagawa, umlobi odumile wasekuqaleni kwekhulu lama-20 eJapane, akubhala ngaphambi nje kokuba azibulale. Nokho, wandulela leyo nkulumo ngamazwi athi: “Yebo, angifuni ukufa, kodwa . . . ”
Njengo-Akutagawa, abaningi abazibulalayo basuke bengafuni ngempela ukufa kodwa befuna “ukuqeda noma yini eqhubekayo,” kusho uprofesa othile wokusebenza kwengqondo. Amazwi avame ukutholakala ezincwadini ezibhalwe abantu abazibulele asikisela lokho. Amazwi anjengokuthi ‘Besengikhathele ukubekezela’ noma ‘Kusiza ngani ukuphila?’ abonisa isifiso esijulile sokubalekela amaqiniso okuphila anzima. Kodwa njengoba omunye uchwepheshe akuchaza, ukuzibulala “kufana nokwelapha umkhuhlane ngebhomu lenuzi.”
Nakuba izizathu ezibangela ukuba abantu bazibulale zishiyana, izenzakalo ezithile ekuphileni zivame ukuvusa ugqozi lokuzibulala.
Izenzakalo Ezivusa Ugqozi
Kungokuvamile ngentsha ephelelwa yithemba bese izibulala ukuba yenze kanjalo ngenxa yezinto ezingase zibonakale zingelutho kwabanye. Uma isosizini futhi ingenakwenza lutho ngakho, intsha ingase ibheke ukufa kwayo njengendlela yokuziphindiselela kulabo abayizwise ubuhlungu. UHiroshi Inamura, onguchwepheshe ekusebenzelaneni nabantu abafuna ukuzibulala eJapane, wabhala: “Ngokufa kwazo, izingane zanelisa isifiso sangaphakathi sokujezisa abantu abaye bazihlupha.”
Ukuhlola okwenziwe muva nje eBrithani kubonisé ukuthi lapho izingane zichukuluzwa kakhulu, zisengozini yokuzama ukuzibulala ephindwe cishe izikhathi ezingu-7. Ubuhlungu obungokomzwelo lezi zingane ezibuzwayo bungokoqobo. Umfana oneminyaka engu-13 owazikhunga washiya ebhale incwadi enamagama abantu abahlanu ababemhlupha futhi ababeze bamephuca imali. Wabhala: “Ngicela nisindise ezinye izingane.”
Abanye bangase bazame ukuzibulala uma benenkinga esikoleni noma nabomthetho, behlukana nezithandwa zabo, bengaphumeleli ekuhlolweni, becindezelekile ngenxa yokuhlolwa ezifundweni noma bekhathazekile ngekusasa. Entsheni ephuma phambili engase ingafuni kwehlulwa yilutho, isithiyo noma ukwehluleka—okungokoqobo noma okucatshangwayo—kungase kuyibangele ukuba izame ukuzibulala.
Kubantu abadala, izinkinga zemali noma zasemsebenzini ziyizenzakalo ezivame ukuvusa ugqozi. EJapane, ngemva kweminyaka yokuwohloka kwesimo somnotho, inani labazibulalayo muva nje lifinyelele ngaphezu kuka-30 000 ngonyaka. Ngokwe-Mainichi Daily News, cishe izingxenye ezintathu kwezine zamadoda aseqinile azibulala “kwakungenxa yezinkinga zezikweletu, ukuwa kwamabhizinisi, ubumpofu nokuswelakala kwemisebenzi.” Izinkinga zomkhaya nazo zingaholela ekuzibulaleni. Iphephandaba laseFinland labika: “Amadoda aseqinile ahlukanisé muva nje” akha elinye lamaqembu asengozini kakhulu. Ucwaningo eHungary lwathola ukuthi iningi lamantombazane ayecabanga ukuzibulala lalikhuliswe emikhayeni ehlukene.
Ukuthatha umhlalaphansi nokugula kungezinye zezici eziyimbangela eyinhloko, ikakhulukazi kwasebekhulile. Ngokuvamile ukuzibulala kukhethwa njengekhambi, hhayi lapho umuntu enesifo esibulalayo nje kuphela, kodwa uma isiguli sibheka ubuhlungu njengobungabekezeleleki.
Kodwa akubona bonke abantu abasabela ngokuzibulala kulezi zenzakalo ezivusa ugqozi. Ngokuphambene, uma bebhekene nezimo ezinjalo ezicindezelayo, abaningi abazibulali. Pho, kungani abanye bebheka ukuzibulala njengekhambi kuyilapho abaningi bengakubheki kanjalo?
Izici Ezicashile
“Ingxenye enkulu yesinqumo sokufa ixhomeke endleleni izenzakalo eziqondwa ngayo,” kusho uKay Redfield Jamison, uprofesa wezifo zengqondo eJohns Hopkins University School of Medicine. Uyanezela: “Abantu abaningi, uma bephile kahle engqondweni, asikho isenzakalo abasibheka njengesiyinhlekelele kangangokuba umuntu sekufanele azibulale.” U-Eve K. Mościcki, we-U.S. National Institute of Mental Health, uphawula ukuthi izici eziningi—ezinye zazo ezicashile—ziyahlangana ukuze ziholele ekufuneni ukuzibulala. Izici ezinjalo ezicashile zihlanganisa izifo zengqondo nokulutheka, ufuzo nokusebenza kwengqondo. Ake sicabangele ezinye zazo.
Okuphambili kulezi zici yizifo zengqondo nezokulutheka, njengokucindezeleka, imizwa eguquguqukayo, ukuphazamiseka kwengqondo, nokusebenzisa kabi utshwala noma izidakamizwa. Ucwaningo olwenziwa eYurophu nase-United States lubonisa ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-90 abantu abazibulalayo analezi zifo. Eqinisweni, abacwaningi baseSweden bathola ukuthi phakathi kwamadoda angenaso isifo esithile salolu hlobo, inani labazibulalayo lalingu-8,3 kwabangu-100 000, kodwa phakathi kwacindezelekile lenyuka kakhulu laya ku-650 kwabangu-100 000! Futhi ochwepheshe bathi izici eziholela ekuzibulaleni ziyafana emazweni aseMpumalanga. Noma kunjalo, ngisho nenhlanganisela yokucindezeleka nezici ezivusa ugqozi ayenzi ukuzibulala kube yinto engenakuvinjelwa.
UProfesa Jamison, yena ngokwakhe owake wazama ukuzibulala, uthi: “Abantu babonakala bekwazi ukuthwala noma ukubekezelela ukucindezeleka uma nje bekholelwa ukuthi izinto zizolunga.” Kodwa uye wathola ukuthi lapho ukuphelelwa ithemba kuqhubeka kungasabekezeleleki, ikhono lengqondo lokuvimba imicabango yokufuna ukuzibulala liba buthakathaka kancane kancane. Ufanisa lesi simo nendlela amabhuleki emoto adleka ngayo ngenxa yokunyathelwa njalo.
Kubalulekile ukuqaphela ukuthambekela okunjalo ngoba ukucindezeleka kungelapheka. Imizwa yokungabi nalusizo inganqotshwa. Uma kulwiwa nezici ezicashile, abantu bangase basabele ngendlela ehlukile ebuhlungwini benhliziyo nokucindezeleka okuvame ukuvusa ugqozi.
Abanye bacabanga ukuthi ufuzo lungase lube yisici esicashile kubantu abaningi abazibulalayo. Yiqiniso, izakhi zofuzo zinengxenye esimweni senhliziyo yomuntu, futhi ucwaningo lwembula ukuthi uzalo lweminye imikhaya lunezigigaba eziningi zabazibulalayo kuneminye. Kodwa uJamison uthi “ukuthambekela ekuzibulaleni ngenxa yofuzo akusho nakancane ukuthi ukuzibulala akunakugwenywa.”
Ukusebenza kobuchopho nakho kungaba yisici esicashile. Ebuchosheni izinkulungwane zamangqamuzana ezinzwa zixhumana ngamakhemikhali. Emaphethelweni ahlukene emicu yezinzwa, kunamagebe amancane abizwa ngokuthi ama-synapse lapho izinzwa zidlulisa khona ukwaziswa ngamakhemikhali. Izinga lenzwa eyodwa, i-serotonin, kungenzeka lihileleke ekuthambekeleni komuntu ngokofuzo ekuzibulaleni. Incwadi ethi Inside the Brain iyachaza: “Izinga eliphansi le-serotonin . . . lingaqeda injabulo yokuphila, liqede ugqozi lomuntu ekuphileni futhi lenyuse ingozi yokucindezeleka nokuzibulala.”
Kodwa iqiniso liwukuthi akekho umuntu omiselwe ukuzibulala. Izigidi zabantu ziyabhekana nobuhlungu benhliziyo nokucindezeleka. Yindlela ingqondo nenhliziyo okusabela ngayo ekucindezelekeni eholela ekubeni abanye bazibulale. Akuzona nje izici ezivusa ugqozi kuphela okumelwe kubhekanwe nazo kodwa nezici ezicashile.
Pho yini engenziwa ukuze kwakhiwe isimo sokuba nethemba lokuhle esizovuselela umdlandla wokuphila?
[Ibhokisi ekhasini 6]
Ukuzibulala Kwabesilisa Nabesifazane
Ngokocwaningo olwenziwa e-United States, nakuba abesifazane benamathuba aphindwe kabili noma kathathu okuzama ukuzibulala kunabesilisa, abesilisa banamathuba aphindwe kane okuphumelela. Abesifazane basengozini ephindwe kabili yokucindezeleka kunabesilisa, okungenzeka yikona okwenza babe baningi abazama ukuzibulala. Kodwa izifo zabo zokucindezeleka zingase zingabi zimbi kangako, ngakho bangase basebenzise izindlela ezingezimbi kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, amadoda angase athambekele ekusebenziseni izindlela ezinamandla kakhulu neziwujuqu ukuze aqiniseke ukuthi ayaphumelela.
Kodwa eChina, baningi abesifazane abaphumelelayo kunabesilisa. Eqinisweni, ucwaningo lwembula ukuthi abesifazane baseChina bakha amaphesenti angaba ngu-56 abesifazane abazibulalayo emhlabeni wonke, ikakhulukazi ezindaweni zasemaphandleni. Kuthiwa esinye sezizathu ezenza ukuba abesifazane bazame ukuzibulala isigubhukane, okuba ujuqu, ukuthi bazithola kalula izibulala-zinambuzane ezibulalayo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
Ukuzibulala Nesizungu
Isizungu singesinye sezici eziholela abantu ekucindezelekeni nokuzibulala. UJouko Lönnqvist, owayehola ocwaningweni oluthinta abantu ababezibulele eFinland, wathi: “Abaningi kakhulu [kulabo ababezibulele], babenesizungu nsuku zonke. Babenesikhathi esiningi esikhululekile kodwa bengasichithi namuntu.” UKenshiro Ohara, isazi sezifo zengqondo eHamamatsu University School of Medicine eJapane, waphawula ukuthi “ukuba unkom’ idla yodwa” kwakuyimbangela yokwanda kwamuva nje kwenani lamadoda aseqinile azibulalayo kulelo zwe.
[Isithombe ekhasini 5]
Kubantu abadala, izinkinga zemali noma zasemsebenzini ziyizenzakalo ezivame ukuvusa ugqozi
-
-
Ungaluthola UsizoI-Phaphama!—2001 | Okthoba 22
-
-
Ungaluthola Usizo
‘AMAPHILISI alalisayo angu-49 enkomishini. Ngiwaphuze noma cha?’ insizwa eneminyaka engu-28 ubudala eSwitzerland yazibuza. Yayishiywe umkayo nezingane, futhi yacindezeleka kakhulu. Nokho, ngemva kokuphuza la maphilisi, yathi: ‘Cha. Angifuni ukufa!’ Ngenhlanhla yasinda ukuze ilandise le ndaba. Ukufuna ukuzibulala akuholeli ekufeni ngaso sonke isikhathi.
U-Alex Crosby, we-U.S. Centers for Disease Control and Prevention wathi mayelana nokuzama ukuzibulala kwentsha: “Uma ungakubambezela ngisho nangamahora nje ambalwa, ungakuvimbela. Ngokungenela, baningi ongabavimbela ekubeni bazibulale. Ungasindisa ukuphila kwabo.”
Lapho ayesasebenzela iLifesaving and Emergency Center eJapan Medical College, uProfesa Hisashi Kurosawa wasiza amakhulu abantu ababefuna ukuzibulala ukuba babuye babe nogqozi lokuphila. Yebo, ngokungenela kohlobo oluthile, kungasindiswa ukuphila. Yiluphi usizo oludingekayo?
Ukubhekana Nezinkinga Ezicashile
Njengoba kuphawulwe esihlokweni esandulele, abacwaningi bathi cishe amaphesenti angu-90 alabo abazibulala ayenezifo zengqondo noma izinkinga zokusebenzisa kabi izidakamizwa. Ngakho u-Eve K. Mościcki, we-U.S. National Institute of Mental Health, uthi: “Ithemba elikhulu lokuvimbela ukuzibulala kubantu babo bonke ubudala ukuvimbela izifo zengqondo nokulutheka.”
Ngokudabukisayo, abaningi abanezifo ezinjalo abafuni ukucela usizo. Ngani? “Ngenxa yokuthi kunokucwaswa okukhulu emphakathini,” kusho uYoshitomo Takahashi we-Tokyo Metropolitan Institute of Psychiatry. Unezela ukuthi ngenxa yalokho, ngisho nabantu abangaqiniseki kahle ukuthi bayagula yini bayangabaza ukufuna ukwelashwa ngokushesha.
Nokho, abanye abavumeli amahloni abavimbele. UHiroshi Ogawa, umsakazi odumile wethelevishini oseneminyaka engu-17 ephethe uhlelo lwakhe eJapane, wavuma obala ukuthi ucindezelekile futhi kwala kancane ukuba azibulale. U-Ogawa wathi: “Ukucindezeleka kufana nomkhuhlane wengqondo.” Wachaza ukuthi noma ubani ungamphatha, kodwa angalulama.
Xoxa Nothile
UBéla Buda, isikhulu sezempilo saseHungary esicashunwe ekuqaleni, uthi: “Uma umuntu ebhekene nenkinga yakhe eyedwa, uvame ukuyibona inkulu kakhulu futhi ingeke ixazululeke.” La mazwi agcizelela ukuhlakanipha kwesaga sasendulo esiseBhayibhelini: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.”—IzAga 18:1.
Lalela lawo mazwi ahlakaniphile. Ungazivumeli ukuba ulwe wedwa nezinkinga zakho ezikuqeda amandla. Funa othile ongamethemba nongathululela kuye isifuba sakho. Ungase uthi, ‘Kodwa, akekho umuntu engingathululela kuye isifuba sami.’ Ngokukachwepheshe wempilo yengqondo uDkt. Naoki Sato, abaningi bazizwa ngaleyo ndlela. USato waphawula ukuthi iziguli zingase zikugweme ukuthululela isifuba kwabanye ngoba zingafuni ukwambula ubuthakathaka bazo.
Umuntu angamtholaphi ozomlalela? Ezindaweni eziningi angathola usizo lwezikhungo zokuvimbela ukuzibulala noma izinkonzo zocingo zosizo noma athole udokotela onedumela elihle osebenza ngezinkinga zomzwelo. Kodwa abanye ochwepheshe baqaphela omunye umthombo wosizo—inkolo. Ingasiza kanjani?
Ukuthola Usizo Oludingayo
UMarin, isiguli saseBulgaria, wayenesifiso esinamandla sokuzibulala. Ngolunye usuku wathola umagazini wenkolo INqabayokulinda, incwadi yoFakazi BakaJehova. Wasamukela isimemo esikulo magazini sokuvakashelwa oFakazi BakaJehova. UMarin uyachaza ukuthi waba yini umphumela: “Bangifundisa ukuthi ukuphila kuyisipho esivela kuBaba wethu wasezulwini futhi asinalo ilungelo lokuzilimaza noma sizibulale uma sithanda. Ngakho, ngasihlehlisa isifiso enganginaso sokuzibulala futhi ngaphinde ngakuthanda ukuphila!” UMarin wathola nokusekela kothando ebandleni lobuKristu. Nakuba esagula, uthi: “Manje izinsuku zami zigcwele injabulo nokuthula nezinto ezijabulisayo engizenzayo—ngize angisenaso nesikhathi! Konke lokhu kungenxa kaJehova noFakazi bakhe.”
Insizwa yaseSwitzerland okukhulunywe ngayo ekuqaleni nayo yathola usizo koFakazi BakaJehova. Namuhla ibabaza “umusa womkhaya wamaKristu” owayamukela ekhaya lawo. Iyanezela: “Kamuva, amalungu ebandla [loFakazi BakaJehova] ashintshana ngokungimema ngizodla nawo usuku nosuku. Okwangisiza akukhona nje ukwamukelwa kahle kuphela kodwa nokukwazi ukuxoxa nothile.”
Le nsizwa yakhuthazwa kakhulu yilokho eyakufunda eBhayibhelini, ikakhulukazi lapho ifunda ngendlela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, asithanda ngayo isintu. (Johane 3:16) Ngempela uJehova uNkulunkulu unezindlebe ezizwayo zokukulalela lapho ‘uthulula inhliziyo yakho’ phambi kwakhe. (IHubo 62:8) “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke,” hhayi ukuba athole amaphutha kubantu, kodwa “ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) UJehova uyasiqinisekisa: “Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.”—Isaya 41:10.
Mayelana nesithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha, le nsizwa yaseSwitzerland yathi: “Lokhu kuye kwangisiza kakhulu kwanciphisa ukukhungatheka kwami.” Leli themba, elichazwa “njengehange lomphefumulo,” lihilela nesithembiso sokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni.—Heberu 6:19; IHubo 37:10, 11, 29.
Ukuphila Kwakho Kubalulekile Kwabanye
Yiqiniso, ungase ubhekane nezimo ezikwenza uzizwe sengathi uwedwa futhi akukho muntu oyoba nendaba ngokufa kwakho. Kodwa khumbula: Kunomehluko omkhulu phakathi kokuzizwa uwedwa nokuba wedwa. Ezikhathini zeBhayibheli umprofethi u-Eliya wake wacindezeleka kakhulu ekuphileni kwakhe. Wathi kuJehova: “Babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa.” Yebo, u-Eliya wazizwa eyedwa qhwaba—kube kufanele. Inani elikhulu labanye abaprofethi lalibulewe. Naye wayezulelwa amanqe, futhi wayebaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe. Kodwa ingabe wayeyedwa ngempela? Cha. UJehova wamazisa ukuthi kunabanye abantu abangu-7 000, ababezama ngokwethembeka ukukhonza uNkulunkulu weqiniso njengaye kulezo zikhathi ezimbi. (1 AmaKhosi 19:1-18) Nokho kuthiwani ngawe? Ingabe kungenzeka ukuthi awuwedwa njengoba uzizwa kanjalo?
Kunabantu abakukhathalelayo. Ungase ucabange ngabazali bakho, umngane wakho womshado, abantwana bakho nabangane. Kodwa kunabengeziwe. Ebandleni loFakazi BakaJehova, ungathola amaKristu avuthiwe anesithakazelo kuwe, ayokulalela ngesineke, athandaze nawe futhi akuthandazele. (Jakobe 5:14, 15) Futhi ngisho noma bonke abantu abangaphelele bebengakudumaza, kukhona Lowo ongasoze akushiye. INkosi uDavide yasendulo yathi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Yebo, uJehova ‘uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Ungakhohlwa ukuthi uyigugu emehlweni kaJehova.
Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Kuyavunywa ukuthi ngezinye izikhathi ukuphila kungase kuzwakale kuwumthwalo esikhundleni sokuba isipho. Kodwa ungacabanga ukuthi ubungazizwa kanjani uma ubungapha umuntu isipho esiyigugu abese eyasilahla engakasisebenzisi ngempela? Thina bantu abangaphelele asikasisebenzisi isipho sokuphila. Eqinisweni, iBhayibheli libonisa ukuthi ukuphila esikuphilayo manje akukona ‘nokuphila kwangempela’ emehlweni kaNkulunkulu. (1 Thimothewu 6:19) Yebo, esikhathini esiseduze esizayo ukuphila kwethu kuyophelela, kube nenjongo futhi kujabulise ngokwengeziwe. Kanjani?
IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Ake uzame ukucabanga ukuthi ukuphila kwakho kuyoba njani lapho sekugcwaliseka lawo mazwi. Ziphe isikhathi. Zama ukwakha isithombe esigcwele, esinemibala engqondweni. Leso sithombe asilona iphupho eliyize. Njengoba uzindla ngendlela uJehova aye wasebenzelana ngayo nabantu bakhe esikhathini esidlule, ukumethemba kwakho kuyokhula futhi leso sithombe singaba ngokoqobo nakakhulu kuwe.—IHubo 136:1-26.
Kungase kuthathe isikhathi ukusivuselela ngokugcwele isifiso sakho sokuphila. Qhubeka uthandaza ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4; Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17) UJehova uyokupha amandla owadingayo. Uyokufundisa ukuthi zikhona izizathu zokuphila.—Isaya 40:29.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Ungamsiza Kanjani Umuntu Obonakala Efuna Ukuzibulala?
Kufanele wenzenjani uma othile ekuthululela isifuba ekutshela ukuthi ufuna ukuzibulala? “Yiba isilaleli esihle,” kweluleka i-U.S. Centers for Disease Control and Prevention (CDC). Myeke achaze indlela azizwa ngayo. Nokho, ezimweni eziningi umuntu ofuna ukuzibulala uyazithulela nje angaxoxi. Vuma ukuthi ubuhlungu abuzwayo noma ukuphelelwa yithemba kungokoqobo. Uma umtshela ngomoya ophansi ngoshintsho oluthile oluphawulile ekuziphatheni kwakhe, ungase umshukumisele ukuba akhululeke futhi akwembulele isifuba.
Ngesikhathi ulalele, bonisa uzwela. I-CDC ithi: “Kubalulekile ukugcizelela ukuthi ukuphila kwalowo muntu kubalulekile kuwe nakwabanye. Menze azi ukuthi ukufa kwakhe kuyokuphatha kabuhlungu wena nabanye. Msize lowo muntu abone ukuthi uMdali wakhe uyamkhathalela.—1 Petru 5:7.
Ochwepheshe batusa nokuba ususe noma yini umuntu angase ayisebenzise ukuze azibulale—ikakhulukazi izibhamu. Uma isimo sibonakala sishuba, kungase kube kuhle ukukhuthaza lowo muntu ukuba afune usizo lwezokwelapha. Ezimweni ezimbi kakhulu kungase kudingeke ukuba ulucele wena mathupha usizo oluphuthumayo lwezokwelapha.
[Ibhokisi ekhasini 11]
‘Ingabe UNkulunkulu Uyongithethelela Ngokuzizwa Ngale Ndlela?’
Ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova kuye kwasiza abaningi ukuba banqobe imicabango yokuzibulala. Nokho, akekho noyedwa umuntu namuhla ongabhekani nezenzakalo zokuphila ezicindezelayo noma ukucindezeleka. AmaKristu ake acabanga ukuzibulala avame ukuhlushwa yimizwa yecala enamandla ngenxa yokuthi ake aba nemicabango enjalo. Umuzwa wecala ungase ubenze bathwale kanzima nakakhulu. Pho imizwa enjalo kungabhekwana kanjani nayo?
Kuyafaneleka ukuphawula ukuthi abesilisa nabesifazane abathile ababethembekile ngezikhathi zeBhayibheli bazwakalisa imizwa emibi kakhulu ngokuphila. URebeka, umfazi wenzalamizi u-Isaka, wake wacindezeleka kakhulu ngenxa yenkinga yomkhaya kangangokuthi wathi: “Ngidiniwe ukuphila.” (Genesise 27:46) UJobe, owashonelwa izingane zakhe, walahlekelwa impilo, ingcebo nesithunzi emphakathini, wathi: “Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami.” (Jobe 10:1) UMose wake wakhala kuNkulunkulu wathi: “Ake ungibulale nokungibulala.” (Numeri 11:15) U-Eliya, umprofethi kaNkulunkulu, wake wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami.” (1 AmaKhosi 19:4) Kanti umprofethi uJona washo ngokuphindaphindiwe wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”—Jona 4:8.
Ingabe uJehova wabalahla laba bantu ngokuzizwa ngendlela ababezizwa ngayo? Cha. Waze walondoloza ngisho namazwi abo eBhayibhelini. Kodwa, kubalulekile ukuphawula ukuthi akekho kulabo bantu ababethembekile owavumela imizwa yakhe ukuba imholele ekubeni azibulale. UJehova wayebazisa kakhulu; wayefuna baphile. Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ukhathalela ngisho nokuphila kwababi. Ubanxusa ukuba bashintshe izindlela zabo ‘baze baphile.’ (Hezekeli 33:11) Yeka ukuthi ufuna kangakanani-ke ukuba baqhubeke bephila labo abakhathalela ukuthola umusa wakhe!
UNkulunkulu uye walungiselela umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, ibandla lobuKristu, iBhayibheli nelungelo lomthandazo. Lo mzila wokuxhumana noNkulunkulu—umthandazo—uhlale uvulekile. UNkulunkulu angabezwa futhi uyobezwa bonke abeza kuye ngenhliziyo ethobekile neqotho. “Ngakho-ke, masisondeleni ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.”—Heberu 4:16.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Ingabe Ukhona Othandekayo Wakho Owazibulala?
Lapho umuntu ezibulala, amalungu omkhaya nabangane abaseduze bayakhathazeka kakhulu. Abaningi bazisola bona ngenxa yale nhlekelele. Basho izinto ezinjengokuthi: ‘Ukube nje ngangithe ukuhlala isikhashana naye ngaloluya suku,’ ‘Ukube nje ngangibambe ulimi lwami ngalesiya sikhathi,’ ‘Ukube nje ngenza okuthé xaxa ukuze ngimsize.’ Empeleni, basuke beqonde ukuthi, ‘Ukube nje ngangenze lokhu noma lokhuya, othandekayo wami ngabe usekhona.’ Kodwa ingabe kunengqondo ukuzisola ngokuzibulala komunye umuntu?
Khumbula, kulula kakhulu ukubona izimpawu zemizwa yokuzibulala ngemva kokuba sekwenzekile. Kuhlukile uma kungakenzeki. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.” (IzAga 14:10) Ngezinye izikhathi akunakwenzeka ukuba wazi ukuthi omunye umuntu ucabangani noma ukuthi uzizwa kanjani. Abantu abaningi abafuna ukuzibulala abayivezi imizwa yabo ejulile kwabanye, ngisho nasemalungwini omkhaya aseduze.
Incwadi ethi Giving Sorrow Words isho lokhu ngezimpawu zokuthi umuntu angase azibulale: “Iqiniso liwukuthi ngokuvamile akulula ukubona izimpawu ezinjalo.” Yona le ncwadi ithi ngisho noma uye wazibona izimpawu ezithile, lokho ngokwako akuqinisekisi ukuthi ubungakwazi ukuvimba umuntu angazibulali. Kunokuba uqhathe umunyu, ungathola induduzo emazwini enkosi ehlakaniphile uSolomoni: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Othandekayo wakho akahlushwa esihogweni somlilo. Futhi usizi olungokwengqondo nolungokomzwelo olwamholela ekubeni azibulale seluphelile. Akahlupheki, umane nje uphumule.
Kungaba ngcono manje ukugxila enhlalakahleni yabaphilayo, kuhlanganise nawe. USolomoni waqhubeka: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho” usaphila. (UmShumayeli 9:10) Qiniseka ukuthi amathemba okuphila esikhathi esizayo alabo abaye bazibulala asezandleni zikaJehova, “uYise wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke.”—2 Korinte 1:3.a
[Umbhalo waphansi]
a Uyothola umbono olinganiselayo ngamathemba esikhathi esizayo alabo abaye bazibulala esihlokweni esithi “Umbono WeBhayibheli: Abantu Abazibulele—Bayovuka?” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1990.
[Izithombe ekhasini 8]
Xoxa nothile
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuphila kwakho kubalulekile kwabanye
-