INGOMA 38
Uyonenza Nibe Namandla
1. UJah waninik’ iqiniso ngenjongo
Wanibizela ekukhanyeni.
Ngezinhliziyo nanilangazelela
Ukumfuna nokwenza okuhle.
Ngomthandazo nathi n’yomlalela;
Wanisiza, usazonisiza.
(CHORUS)
NgoKristu wanithenga,
seningabeNkosi.
Uyonenza nibe namandla,
niqine.
Usazoqhubek’
elokhu enivikela.
Uyonenza nibe namandla,
niqine.
2. UJah wayidela iNdodana yakhe;
Ngoba efuna nizuz’ uk’phila.
Uma engay’godlang’ iNdodana yakhe,
Khona ke uyonipha amandla.
Ngeke al’khohlwe ukholo lwenu;
Uyonakekela bonk’ abakhe.
(CHORUS)
NgoKristu wanithenga,
seningabeNkosi.
Uyonenza nibe namandla,
niqine.
Usazoqhubek’
elokhu enivikela.
Uyonenza nibe namandla,
niqine.
(Bheka neyabaseRoma 8:32; 14:8, 9; Heb. 6:10; 1 Pet. 2:9.)