-
Ukuzalwa Kabusha—Ingabe Kuyindlela Eya Ensindisweni?INqabayokulinda—2009 | Ephreli 1
-
-
Ukuzalwa Kabusha—Ingabe Kuyindlela Eya Ensindisweni?
UBUNGAWUPHENDULA kanjani umbuzo othi, “Ingabe uzelwe kabusha?” Izigidi zamakholwa emhlabeni kabanzi bezingaphendula ngo-“Yebo!” ongananazi. Zikholelwa ukuthi ukuzalwa kabusha kuwuphawu lwawo wonke amaKristu eqiniso nendlela ewukuphela kwayo eholela ensindisweni. Zivumelana nombono wabaholi benkolo abanjengesazi semfundiso yenkolo uRobert C. Sproul, esabhala: “Uma umuntu engazalwanga kabusha, . . . akayena-ke umKristu.”
Ingabe uphakathi kwabantu abakholelwa ukuthi ukuzalwa kabusha kukubeka endleleni eya ensindisweni? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi ufuna ukusiza izihlobo zakho nabangane bathole leyo ndlela futhi baqale ukuhamba ngayo. Nokho, ukuze benze kanjalo, kudingeka baqonde umahluko phakathi komuntu ozelwe kabusha nongakazalwa kabusha. Ungabachazela kanjani ukuthi kusho ukuthini ukuzalwa kabusha?
Abaningi bakholelwa ukuthi inkulumo ethi “ukuzalwa kabusha” ibhekisela kothile owenze isithembiso esiqotho sokukhonza uNkulunkulu noKristu, futhi ngenxa yalokho, akasafile ngokomoya kodwa useyaphila. Empeleni, isichazamazwi samuva nje sichaza umuntu ozelwe kabusha ngokuthi “umuntu ngokuvamile ongumKristu osezibophezele kabusha okholweni ikakhulukazi ngemva kwesenzakalo esingokwenkolo esijulile ngokomzwelo.”—I-Merriam-Webster’s Collegiate Dictionary—Eleventh Edition.
Ubungamangala yini uma uzwa ukuthi iBhayibheli alivumelani naleyo ncazelo? Ungathanda yini ukwazi lokho iZwi likaNkulunkulu elikufundisayo ngempela ngokuzalwa kabusha? Ngokuqinisekile uyozuza ngokuhlolisisa lolu daba. Ngani? Ngenxa yokuthi ukukuqonda ngokunembile lokho okushiwo ukuzalwa kabusha kuyothonya ukuphila kwakho nalokho okulindele ngesikhathi esizayo.
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Okuwukuphela kwendawo lapho inkulumo ethi “ukuzalwa kabusha” itholakala khona eBhayibhelini lilonke kusencwadini kaJohane 3:1-12, echaza ingxoxo ethakazelisayo phakathi kukaJesu nomholi othile wenkolo eJerusalema. Uyothola lokho kulandisa kweBhayibheli kucashunwe ngokuphelele ebhokisini elihambisana nalesi sihloko. Sikukhuthaza ukuba ukufunde ngokucophelela.
Kulokhu kulandisa, uJesu uqokomisa izici eziningana ‘zokuzalwa okusha.’a Empeleni, ingxoxo kaJesu isisiza ukuba siphendule le mibuzo emihlanu ebalulekile:
◼ Kubaluleke ngani ukuzalwa okusha?
◼ Ingabe singazinqumela thina ukuthi sifuna ukuzalwa kabusha?
◼ Iyini injongo yakho?
◼ Kwenzeka kanjani?
◼ Iluphi ushintsho okululethayo ebuhlotsheni bomuntu noNkulunkulu?
Ake sicabangele le mibuzo ngamunye ngesikhathi.
[Umbhalo waphansi]
a Inkulumo ethi “ukuzalwa okusha” itholakala kweyoku-1 Petru 1:3, 23. Ingenye inkulumo eseBhayibhelini echaza okushiwo “ukuzalwa kabusha.” Zombili lezi zinkulumo zisuselwa esenzweni sesiGreki esithi gen·naʹo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]
“Kumelwe Niphinde Nizalwe”
“Kwakukhona umuntu othile kubaFarisi, kunguNikhodemu igama lakhe, umbusi wamaJuda. Lona weza kuye ebusuku wathi: ‘Rabi, siyazi ukuthi wena njengomfundisi uvela kuNkulunkulu; ngoba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo ngaphandle kokuba uNkulunkulu enaye.’ UJesu waphendula wathi kuye: ‘Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.’ UNikhodemu wathi kuye: ‘Umuntu angazalwa kanjani esemdala? Akakwazi ukungena esibelethweni sikanina okwesibili futhi azalwe, akunjalo?’ UJesu waphendula: ‘Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Ngaphandle kokuba umuntu azalwe ngamanzi nomoya, akakwazi ukungena embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama, nalokho okuzelwe ngumoya kuwumoya. Ungamangali ngokuthi ngithe, Kumelwe niphinde nizalwe. Umoya uvunguza lapho uthanda khona, uwuzwe nomsindo wawo, kodwa awazi ukuthi uvelaphi nokuthi uyaphi. Kunjalo nangawo wonke umuntu ozelwe ngumoya.’ UNikhodemu waphendula wathi kuye: ‘Zingenzeka kanjani lezi zinto?’ UJesu ephendula wathi kuye: ‘Ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awuzazi lezi zinto na? Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Lokho esikwaziyo siyakukhuluma nalokho esikubonile siyafakaza ngakho, kodwa nina anibamukeli ubufakazi esibunikezayo. Uma nginitshele izinto zasemhlabeni kodwa nokho ningakholwa, niyokholwa kanjani uma nginitshela izinto zasezulwini?’”—Johane 3:1-12.
-
-
Ukuzalwa Okusha—Kubaluleke Kangakanani?INqabayokulinda—2009 | Ephreli 1
-
-
Ukuzalwa Okusha—Kubaluleke Kangakanani?
KUYO yonke ingxoxo yakhe noNikhodemu, uJesu wagcizelela ukuthi ukuzalwa okusha, noma ukuzalwa kabusha, kubaluleke kakhulu. Wakucacisa kanjani lokho?
Phawula indlela uJesu agcizelela ngayo ukubaluleka kokuzalwa okusha lapho exoxa noNikhodemu. Wathi: “Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) Amazwi athi “ngaphandle kokuba” nelithi “akanakuwubona” agcizelela ukubaluleka kokuzalwa okusha. Ngokwesibonelo: Uma othile ethi, “Ngaphandle kokuba ilanga liphume, ngeke ibe khona imini,” usho ukuthi ilanga liyadingeka nakanjani ukuze kube nemini. Ngendlela efanayo, uJesu wathi ukuzalwa kabusha kuyadingeka ukuze umuntu abone umbuso kaNkulunkulu.
Ekugcineni, njengokungathi wayefuna ukuqeda konke ukungabaza ngale ndaba, uJesu wathi: “Kumelwe niphinde nizalwe.” (Johane 3:7) Ngokusobala, ngokusho kukaJesu, ukuzalwa kabusha kuyimfuneko ‘yokungena embusweni kaNkulunkulu.’—Johane 3:5.
Njengoba uJesu ayebheka ukuzalwa kabusha njengendaba ebalulekile, amaKristu kufanele aqiniseke ukuthi ayiqonda kahle le ndaba. Ngokwesibonelo, ucabanga ukuthi umKristu angazikhethela ukuthi ufuna ukuzalwa kabusha?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Ngaphandle kokuba ilanga liphume, ngeke ibe khona imini”
-
-
Ukuzalwa Okusha—Ingabe Kuyisinqumo Somuntu Siqu?INqabayokulinda—2009 | Ephreli 1
-
-
Ukuzalwa Okusha—Ingabe Kuyisinqumo Somuntu Siqu?
KUVELA kubani ukuzalwa okusha? Lapho beyala izilaleli ukuba zibe amaKristu azelwe kabusha, abanye abefundisi bacaphuna amazwi kaJesu: “Kumelwe niphinde nizalwe.” (Johane 3:7) Labo befundisi basebenzisa la mazwi njengomyalo, empeleni bathi, “Zalwani kabusha!” Kanjalo bafundisa ukuthi ikholwa ngalinye lingamlalela uJesu futhi lithathe izinyathelo ezifanele zokuzalwa kabusha. Ngokwalowo mbono, umuntu angazikhethela ukuzalwa kabusha. Kodwa ingabe lowo mbono uyavumelana nalokho uJesu akutshela uNikhodemu?
Ukufundisisa amazwi kaJesu kubonisa ukuthi wayengafundisi ukuthi kukumuntu ukuzikhethela ukuthi ufuna ukuzalwa kabusha yini noma cha. Kungani sisho kanjalo? Inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi “aphinde azalwe” ingahunyushwa nangokuthi “kufanele azalwe ngokwaphezulu.”a Ngakho, ngokwale ndlela ehlukile yokuhumusha, ukuzalwa kabusha kuvela “phezulu”—okuwukuthi, “ezulwini,” noma “kuBaba.” (Johane 19:11; umbhalo waphansi; Jakobe 1:17) Yebo, kubangelwa uNkulunkulu.—1 Johane 3:9.
Uma sicabangela inkulumo ethi “ngokwaphezulu,” akunzima ukuqonda ukuthi kungani umuntu engenakuzenza yena ukuba azalwe kabusha. Cabanga ngokuzalwa kwakho ngokwemvelo. Ingabe nguwe owakhetha izimo ezaholela ekuzalweni kwakho? Cha! Wazalwa ngoba nguyihlo owabangela ukuzalwa kwakho? Ngokufanayo, singazalwa kabusha kuphela uma uNkulunkulu, uBaba wethu wasezulwini, ebangela ukuzalwa kwethu kabusha. (Johane 1:13) Ngakho, umphostoli uPetru usho kufanele ukuthi: “Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba ngokwesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha.”—1 Petru 1:3.
Ingabe Kungumyalo?
Kodwa abanye bangase bazibuze, ‘Uma kuyiqiniso ukuthi akekho onganquma ukuthi uzozalwa kabusha, kungani uJesu akhipha umyalo othi: “Kumelwe niphinde nizalwe”?’ Lowo umbuzo onengqondo. Phela, uma amazwi kaJesu ewumyalo ngempela, ubeyobe esiyala ukuba senze okuthile okungaphezu kwamandla ethu. Lokho akuzwakali kunengqondo. Pho, kufanele siwaqonde kanjani amazwi athi kumelwe “niphinde nizalwe”?
Ukuhlolisisa leyo nkulumo ngolimi lwayo lokuqala kubonisa ukuthi ayizange ihunyushwe ngendlela ephoqayo. Kunalokho, leyo nkulumo ihunyushwe njengamazwi anikeza incazelo. Ngamanye amazwi, lapho uJesu ethi kumelwe “niphinde nizalwe,” wayeveza iqiniso, enganikezi umyalo. Wathi: “Kudingeka ukuba nizalwe ngokwaphezulu.”—Johane 3:7, Modern Young’s Literal Translation.
Ukuze senze isibonelo esiqhathanisa umyalo namazwi aveza iqiniso, cabangela lokhu. Cabanga ngedolobha elinezikole eziningi. Esinye sazo siyisikole esifundisa izingane zohlanga oluthile ezihlala endaweni eqhelelene nedolobha. Ngolunye usuku, insizwa engeyona eyalolu hlanga itshela uthisha-nhloko waleso sikole ukuthi, “Ngifuna ukubhalisa esikoleni sakho.” Uthisha-nhloko uthi kuyo, “Ukuze ubhalise, kufanele ube ngowalolu hlanga.” Iqiniso liwukuthi amazwi kathisha-nhloko awawona umyalo. Akakhiphi umyalo wokuthi, “Iba ngowalolu hlanga!” Uthisha-nhloko umane uveza iqiniso—eliyimfanelo yokubhalisa kuleso sikole. Ngokufanayo, lapho uJesu ethi: “Kumelwe niphinde nizalwe,” wayemane eveza iqiniso—eliyimfanelo ‘yokungena embusweni kaNkulunkulu.’
Iphuzu lokugcina ngenhla—uMbuso kaNkulunkulu—lihlobene nesinye isici sokuzalwa okusha. Liphakamisa umbuzo othi, Iyini injongo yakho? Ukwazi impendulo yalowo mbuzo kuyisihluthulelo sokukuqonda ngokunembile okushiwo ukuzalwa kabusha.
[Umbhalo waphansi]
a Kunezinguqulo eziningi zeBhayibheli ezihumusha uJohane 3:3 ngale ndlela. Ngokwesibonelo, incwadi ethi A Literal Translation of the Bible ithi: “Uma umuntu engazalwa ngokwaphezulu, akakwazi ukubona umbuso kaNkulunkulu.”
[Isithombe ekhasini 6]
Ukuzalwa okusha kufana kanjani nokuzalwa ngokwemvelo?
-
-
Ukuzalwa Okusha—Iyini Injongo Yakho?INqabayokulinda—2009 | Ephreli 1
-
-
Ukuzalwa Okusha—Iyini Injongo Yakho?
ABANTU abaningi bakholelwa ukuthi umuntu kufanele azalwe kabusha ukuze amukele ukusindiswa kwaphakade. Kodwa, phawula lokho okwashiwo uJesu ngokwakhe ngokuphathelene nenjongo yokuzalwa kabusha. Wathi: “Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) Ngakho-ke, umuntu kufanele azalwe kabusha ukuze angene eMbusweni kaNkulunkulu, hhayi ukuze athole insindiso. Abanye bangase bathi, ‘Kodwa ingabe lezi zinkulumo ezimbili—ukungena eMbusweni nokuthola insindiso—azibhekiseli emvuzweni ofanayo?’ Cha, akunjalo. Ukuze siqonde umahluko, ake siqale sicabangele incazelo yenkulumo ethi “umbuso kaNkulunkulu.”
Umbuso uwuhlobo oluthile lukahulumeni. Ngakho-ke, inkulumo ethi “umbuso kaNkulunkulu” isho “uhulumeni kaNkulunkulu.” IBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu Kristu, “indodana yomuntu,” uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu nokuthi unabanye abantu abusa nabo. (Daniyeli 7:1, 13, 14; Mathewu 26:63, 64) Ngaphezu kwalokho, umbono owanikwa umphostoli uJohane wembula ukuthi abayobusa noKristu bangabantu abakhethwe “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe” futhi “bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10; 20:6) IZwi likaNkulunkulu lembula nokuthi labo abayobusa njengamakhosi bakha ‘umhlambi omncane’ wabantu abangu-144 000 “abathengwé emhlabeni.”—Luka 12:32; IsAmbulo 14:1, 3.
Likuphi ikomkhulu lalo Mbuso kaNkulunkulu? “Umbuso kaNkulunkulu” ubizwa nangokuthi “umbuso wamazulu,” okubonisa ukuthi uJesu namakhosi abusa nawo babusa besezulwini. (Luka 8:10; Mathewu 13:11) Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini owakhiwa uJesu Kristu neqembu lababusi abakanye naye abakhethwe esintwini.
Pho-ke, uJesu wayesho ukuthini lapho ethi umuntu kumelwe azalwe kabusha ukuze “angene embusweni kaNkulunkulu”? Wayesho ukuthi kudingeka umuntu azalwe kabusha ukuze abuse kanye noKristu ezulwini. Uma sikubeka kalula, injongo yokuzalwa okusha iwukulungiselela iqembu elilinganiselwe labantu ukuba liyobusa ezulwini.
Kuze kube manje, sesibonile ukuthi ukuzalwa okusha kubaluleke kakhulu, kuvela kuNkulunkulu, futhi kulungiselela iqembu elithile labantu ukuba liyobusa ezulwini. Kodwa kwenzeka kanjani ngempela ukuzalwa okusha?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
Injongo yokuzalwa okusha iwukulungiselela iqembu elilinganiselwe labantu ukuba liyobusa ezulwini
[Isithombe ekhasini 7]
UJesu Kristu neqembu lababusi abakanye naye abakhethwé esintwini bakha uMbuso kaNkulunkulu
-
-
Ukuzalwa Okusha—Kwenzeka Kanjani?INqabayokulinda—2009 | Ephreli 1
-
-
Ukuzalwa Okusha—Kwenzeka Kanjani?
UJESU akazange axoxe noNikhodemu ngokubaluleka, imbangela nenjongo yokuzalwa okusha kuphela kodwa nangendlela lokhu kuzalwa okusha okwenzeka ngayo. UJesu wathi: “Ngaphandle kokuba umuntu azalwe ngamanzi nomoya, akakwazi ukungena embusweni kaNkulunkulu.” (Johane 3:5) Ngakho, umuntu uzalwa kabusha ngamanzi nangomoya. Kodwa inkulumo ethi “amanzi nomoya” isho ukuthini?
“Amanzi Nomoya”—Kuyini?
Njengoba uNikhodemu ayeyisazi senkolo esingumJuda, akungabazeki ukuthi wayejwayelene nendlela imiBhalo YesiHebheru esebenzisa ngayo inkulumo ethi “umoya kaNkulunkulu”—amandla kaNkulunkulu asebenzayo, angase athonye abantu ukuba benze izenzo eziphawulekayo. (Genesise 41:38; Eksodusi 31:3; 1 Samuweli 10:6) Ngakho lapho uJesu esebenzisa igama elithi “umoya,” uNikhodemu wayeqonda ukuthi wayesho umoya ongcwele, amandla kaNkulunkulu asebenzayo.
Kuthiwani ngokukhuluma kukaJesu ngamanzi? Cabangela izenzakalo ezalotshwa ngaphambi nangemva nje kwengxoxo kaJesu noNikhodemu. Lokhu kubonisa ukuthi uJohane uMbhapathizi nabafundi bakaJesu babebhapathiza abantu emanzini. (Johane 1:19, 31; 3:22; 4:1-3) Lo mkhuba wawaziwa kahle eJerusalema. Ngakho-ke, lapho uJesu ekhuluma ngamanzi, uNikhodemu wayengaqonda ukuthi uJesu wayengabhekiseli emanzini nje, kodwa emanzini okubhapathizwa kuwo.a
Ukubhapathizwa “Ngomoya Ongcwele”
Uma “ukuzalwa ngamanzi” kuhlobene nokubhapathizwa emanzini, kusho ukuthini ‘ukuzalwa ngomoya’? Ngaphambi kokuba uJesu axoxe noNikhodemu, uJohane uMbhapathizi wayememezele ukuthi kwakungewona amanzi kuphela kodwa nomoya owawuyofeza indima ekubhapathizweni kwabantu. Wathi: “Mina nginibhapathizé ngamanzi, kodwa [uJesu] yena uzonibhapathiza ngomoya ongcwele.” (Marku 1:7, 8) Umlobi weVangeli uMarku uchaza isenzakalo sokuqala lapho abantu babhapathizwa khona ngaleyo ndlela. Uyabhala: “Phakathi nalezo zinsuku uJesu weza evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Masinyane lapho ekhuphuka emanzini wabona amazulu ehlukana phakathi, nomoya wehlela kuye njengejuba.” (Marku 1:9, 10) Lapho uJesu ebhapathizwa eJordani, wabhapathizwa ngamanzi. Ngesikhathi ethola umoya ovela ezulwini, wabhapathizwa ngomoya ongcwele.
Cishe ngemva kweminyaka emithathu ebhapathiziwe, uJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Nizobhapathizwa ngomoya ongcwele ezinsukwini ezingeziningi ngemva kwalokhu.” (IzEnzo 1:5) Kwenzeka nini lokho?
Ngosuku lwePhentekoste lonyaka ka-33 C.E., abafundi bakaJesu abangaba ngu-120 babebuthene emzini othile eJerusalema. “Kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguvungu esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo. Kwabonakala kubo okunjengamalangabi . . . , bonke bagcwala umoya ongcwele.” (IzEnzo 2:1-4) Ngalo kanye lolo suku, abanye eJerusalema bakhuthazwa ukuba babhapathizwe emanzini. Umphostoli uPetru watshela isixuku: “Phendukani, yilowo nalowo kini abhapathizwe egameni likaJesu Kristu ngenjongo yokuthethelelwa kwezono zenu, khona-ke nizokwamukela isipho sesihle somoya ongcwele.” Sasabela kanjani? “Labo abamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa, futhi ngalolo suku kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe yizinkulungwane ezintathu.”—IzEnzo 2:38, 41.
Inqubo Ekabili
Lokhu kubhapathizwa kwembulani ngokuzalwa okusha? Kubonisa ukuthi ukuzalwa okusha kwenzeka ngenqubo ekabili. Phawula ukuthi uJesu waqale wabhapathizwa emanzini. Kamuva wathola umoya ongcwele. Ngokufanayo, abafundi bokuqala babeqale ngokubhapathizwa emanzini (abanye bebhapathizwa uJohane uMbhapathizi), base bethola umoya ongcwele. (Johane 1:26-36) Ngokufanayo, abafundi abasha abangu-3 000 baqale babhapathizwa emanzini, babe sebethola umoya ongcwele.
Uma sicabanga ngokubhapathizwa kwabantu okwenzeka ngePhentekoste lika-33 C.E., kufanele silindele ukuba kwenzeke kanjani ukuzalwa okusha namuhla? Ngendlela efanayo nokwenzeka ngayo kubaphostoli bakaJesu nabafundi bokuqala. Okokuqala, umuntu uyaphenduka ezonweni zakhe, alahle inkambo engalungile, anikezele ukuphila kwakhe kuJehova ukuze amkhulekele futhi amkhonze, abese ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe obala ngokubhapathizwa emanzini. Khona-ke, uma uNkulunkulu emkhetha ukuba abe umbusi eMbusweni waKhe, ugcotshwa ngomoya ongcwele. Ingxenye yokuqala yale nqubo ekabili (ukubhapathizwa emanzini) iqalwa umuntu ngokwakhe; ingxenye yesibili (ukubhapathizwa ngomoya) ivela kuNkulunkulu. Uma umuntu ebhapathizwa ngalezi zindlela ezimbili, usuke esezelwe kabusha.
Kodwa kungani uJesu asebenzisa inkulumo ethi “ukuzalwa ngamanzi nomoya” lapho exoxa noNikhodemu? Ukuze agcizelele ukuthi labo ababhapathizwa ngamanzi nangomoya kwakuyodingeka bashintshe kakhulu. Isihloko esilandelayo sicabangela leso sici sokuzalwa okusha.
[Umbhalo waphansi]
a Ngendlela efanayo, ngesinye isikhathi lapho kubhapathizwa abantu, uPetru wabuza: “Ingabe ukhona ongenqaba namanzi?”—IzEnzo 10:47.
[Isithombe ekhasini 9]
UJohane wabhapathiza ama-Israyeli aphendukile emanzini
-
-
Ukuzalwa Okusha—Kufezani?INqabayokulinda—2009 | Ephreli 1
-
-
Ukuzalwa Okusha—Kufezani?
KUNGANI uJesu asebenzisa inkulumo ethi ‘ukuzalwa ngomoya’ lapho ekhuluma ngokubhapathizwa ngomoya ongcwele? (Johane 3:5) Uma lisetshenziswa njengesifenqo, igama elithi “ukuzalwa” lisho “isiqalo,” njengasenkulumweni ethi “ukuzalwa kwesizwe.” Ngakho-ke, inkulumo ethi “ukuzalwa okusha” isho ukuthi “isiqalo esisha.” Khona-ke, isifenqo esithi “ukuzalwa” nesithi “ukuzalwa okusha” zigcizelela ukuthi kuyoba nesiqalo esisha ebuhlotsheni obuphakathi kukaNkulunkulu nalabo ababhapathizwa ngomoya ongcwele. Lolo shintsho oluphelele kulobo buhlobo lwenzeka kanjani?
Lapho echaza indlela uNkulunkulu abalungiselela ngayo abantu ukuba bayobusa ezulwini, umphostoli uPawulu wasebenzisa umfanekiso osekelwe ekuphileni komkhaya. Wabhala ukuthi amaKristu osukwini lwakhe ‘ayeyokwamukelwa njengamadodana’ nokuthi uNkulunkulu wayeyosebenzelana nawo “njengamadodana.” (Galathiya 4:5; Hebheru 12:7) Ukuze sibone ukuthi isibonelo sokuthi ukwamukelwa njengamadodana simsiza kanjani umuntu ukuba aqonde ushintsho olwenzekayo lapho othile ebhapathizwa ngomoya ongcwele, phinda ucabangele isibonelo sensizwa efuna ukubhalisa esikoleni sabafundi bohlanga oluthile.
Ushintsho Olubangelwa Ukwamukelwa Njengamadodana
Emfanekisweni wethu, le nsizwa ayikwazi ukubhalisa esikoleni ngoba ayilona ilungu lalolo hlanga. Manje, ake sithi ngolunye usuku kwenzeka ushintsho olukhulu. Itholwa ubaba walolo hlanga njengendodana. Lokho kuyithinta kanjani le nsizwa? Ngenxa yokuthi seyamukelwe njengendodana, manje isingaba namalungelo afanayo nawenye intsha yalolo hlanga—kuhlanganise nelungelo lokubhalisa esikoleni. Ukutholwa njengendodana sekuwashintshe ngokuphelele amathuba ayo.
Lokhu kubonisa lokho okwenzeka ngendlela ephawuleka kakhulu kulabo abazalwa kabusha. Cabangela ezinye izici ezifanayo. Insizwa esemfanekisweni izokwamukelwa esikoleni uma ihlangabezana nemfanelo ethile kuphela—ewukuba ilungu lalolo hlanga. Kodwa ngeke iyifinyelele leyo mfanelo ngokwayo. Ngokufanayo, abantu abathile bazothola indawo eMbusweni kaNkulunkulu, noma kuhulumeni wasezulwini, kodwa uma befinyelela imfanelo yokwamukelwa kuphela—ewukuba “bazalwe kabusha.” Kodwa ngeke bayifinyelele leyo mfanelo ngokwabo ngoba ukuzalwa okusha kuxhomeke kuNkulunkulu.
Yini eshintshe isimo sale nsizwa? Inqubo engokomthetho yokutholwa njengendodana. Kuyiqiniso ukuthi leyo nqubo ayisishintshanga isimo semvelo sale nsizwa. Nangemva kokutholwa njengendodana, isengumuntu ofanayo. Nakuba kunjalo, ngemva kokufinyelela izimfanelo ezingokomthetho zokutholwa njengendodana, le nsizwa yaba sesimweni esisha. Yebo, yathola isiqalo esisha—ukuzalwa okusha. Yaba indodana, okwayinika ilungelo lokungena esikoleni nokuba ingxenye yalo mkhaya wokutholwa.
Ngokufanayo, uJehova washintsha isimo seqembu labantu abangaphelele ngokuqala inqubo engokomthetho yokubathola njengabantwana bakhe. Umphostoli uPawulu, naye owayekulelo qembu, wabhalela amanye amakholwa: “Namukela umoya wokutholwa njengamadodana, umoya esikhamuluka ngawo sithi: ‘Abha, Baba!’ Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:15, 16) Yebo, ngenqubo yokutholwa, lawo maKristu aba ingxenye yomkhaya kaNkulunkulu, noma “abantwana bakaNkulunkulu.”—1 Johane 3:1; 2 Korinte 6:18.
Yiqiniso, ukutholwa uNkulunkulu ngaleyo ndlela akusishintshanga isimo sabatholwayo, ngoba bahlala bengaphelele. (1 Johane 1:8) Noma kunjalo, njengoba uPawulu aqhubeke echaza, ngemva kokufinyelela izimfanelo ezingokomthetho zokutholwa njengamadodana, baba sesimweni esisha. Ngesikhathi esifanayo, umoya kaNkulunkulu wanikeza lawo madodana okutholwa isiqinisekiso sokuthi ayeyophila noKristu ezulwini. (1 Johane 3:2) Leso siqinisekiso esingenakungatshazwa esivela emoyeni ongcwele sabanikeza umbono omusha ngokuphelele ngokuphila. (2 Korinte 1:21, 22) Yebo, bathola isiqalo esisha—ukuzalwa okusha.
Likhuluma ngamadodana kaNkulunkulu okutholwa, iBhayibheli lithi: “Bayoba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:6) Ekanye noKristu, la madodana kaNkulunkulu okutholwa ayothola isikhundla sokuba amakhosi eMbusweni kaNkulunkulu, noma uhulumeni wasezulwini. Umphostoli uPetru watshela amanye amakholwa ukuthi ayeyothola ‘ifa elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni aligcinelwe ezulwini.’ (1 Petru 1:3, 4) Ifa eliyigugu ngempela!
Nokho, yona le ndaba yokubusa iphakamisa umbuzo. Uma labo abazalwe kabusha beyobusa njengamakhosi ezulwini, bayobusa obani? Lowo mbuzo uzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 10]
Yini uPawulu ayisho ngokutholwa njengamadodana?
-