I-EURO 2012—Isenzakalo Esiyingqopha-mlando
INGABE uyakuthokozela ukubukela umdlalo webhola omuhle—mhlawumbe nokuhlanganyela kuwo imbala? Uma kunjalo, cishe uyazi ngemidlalo ye-UEFA (Union of European Football Associations) EURO 2012, ezodlalelwa eWarsaw, ePoland, ngo-June 8, kanye nomdlalo wamanqamu ozoba ngo-July 1, eKiev, e-Ukraine. Iyini i-EURO 2012 futhi imaphi amalungiselelo ayo enziwe? Yini eyenza ibe ingqopha-mlando?
“Siqopha Umlando Ndawonye”
Imiqhudelwano yebhola likanobhutshuzwayo yaseYurophu ibilokhu iba khona njalo ngemva kweminyaka emine kusukela ngo-1960. Emazweni ahlukahlukene aye aphatha le midlalo kukhona i-Austria, iBelgium, iFrance, i-Italy, iJalimane, iNetherlands, iNgilandi, iPortugal, iSpain, iSweden, iSwitzerland neYugoslavia.
Kulo nyaka, umdlalo wamanqamu uzobe uphethwe ngokubambisana phakathi kwePoland ne-Ukraine. EPoland, amadolobha okuzodlalelwa kuwo le midlalo yiGdańsk, iPoznan, iWarsaw neWroclaw. Imidlalo yase-Ukraine izoba seDonetsk, eKharkiv, eKiev naseL’viv.
Ngokusho kwe-UEFA, lokhu kuzobe “kungokwesithathu ukuba imidlalo yamanqamu ibanjelwe emazweni amabili (ngemva kweBelgium neNetherlands ngo-2000 [kanye] ne-Austria neSwitzerland ngo-2008).” Noma kunjalo, i-EURO 2012 iyingqopha-mlando. Ngamuphi umqondo? Umdlalo wamanqamu walo nyaka awusona isiphetho sokubambisana okukhulu obekuqhubeka phakathi kwamazwe amabili aphethe lo mdlalo nabahleli bawo kodwa futhi ungowokuqala ukubanjelwa eYurophu Ephakathi neseMpumalanga. Ngakho, isiqubulo esisemthethweni esiqokelwe lesi senzakalo salo nyaka sithi “Siqopha Umlando Ndawonye.”
Amalungiselelo
Kuyiqiniso ukuthi esinye isici esibaluleke kakhulu ekulungiseleleni noma yimuphi umdlalo ukuthola izinkundla ezanele zokudlala. Ukuze kufezwe lokhu, amadolobha aphethe lo mdlalo elasePoznan nelaseKharkiv, avuselele izinkundla zawo, kwathi kwamanye amadolobha ayisithupha kwakhiwa ezintsha ngokuphelele. Lezi zinkundla zingathwala izihlwele ezilinganiselwa ku-358 000.
Njengoba kulindelwe izihlwele zabantu, la madolobha aphethe lo mdlalo aye acabangisisa futhi azikhandla ukuze kube nokuphepha. Kuye kwaqeqeshwa izinkulungwane zonogada kulungiselelwa lesi senzakalo. Ngokwephephandaba i-Science & Scholarship in Poland, ukuqeqeshwa kwalab’ onogada kwakuhlanganisa “ukuzijwayelanisa nezindlela zokuphepha phakathi nezenzakalo ezihleliwe ezingu-140 ezihlanganisa . . . ukulawula izixuku, ukuhlela izindawo zokuphepha nokubambisana namaqembu ezokuvikela akwamanye amazwe.”
Kungani kudingeka kuthathwe izinyathelo ezingaka zokuphepha? Esinye isizathu ukuthi iziphathimandla ziyaqaphela ukuthi umqhudelwano omkhulu wezemidlalo ungase uhlaselwe amaphekula. Ziyazi nokuthi izihlwele ezixokozelayo zivame ukulimazana, njengoba kuye kwabonakala ezehlakalweni ezidlule zodlame nokungalawuleki.
Umbono Onokulinganisela
Ngokudabukisayo, izibukeli eziningi zizithanda ngokweqile ezemidlalo. “Ukuphila kwami akujabulisi futhi akwanelisi uma iqembu lami [likanobhutshuzwayo] lehluleka,” kusho omunye umlandeli. “Ngikholelwa ngobuqotho ukuthi ukube impi yenuzi bekuqinisekwa ngokuthi izoba khona, bengiyokhathazeka kakhulu ngokuthi imidlalo yangempela-sonto elandelayo izophazamiseka yini.”
Ngokuphambene nalokho, cabangela umbono onokulinganisela ngezokuzilibazisa otholakala encwadini yasendulo enokuhlakanipha—iBhayibheli. Iyakuqaphela ukubaluleka kokwenza izinto ezihlukahlukene ezinempilo ekuphileni, iphawula ukuthi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ (UmShumayeli 3:1-4) IBhayibheli libuye likhuthaze nokulinganisela. (1 Thimothewu 3:2, 11) Ngakho, lapho sinquma ukuthi sizokugxilisa kuphi ukuphila kwethu, senza kahle ngokulandela iseluleko seBhayibheli esithi “bona umehluko phakathi kwento ebalulekile nento engabalulekile” bese “ukhetha into ebalulekile.”—Filipi 1:10, Easy-to-Read Version.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
AWUVUNYELWE UGWAYI KUYI-EURO 2012
Ngo-October 20, 2011, i-UEFA yamemezela ukuthi “izokwenqabela ngokuphelele ukusetshenziswa, ukudayiswa noma ukukhangiswa kukagwayi kuzo zonke izinkundla zemidlalo ze-UEFA EURO 2012.” Kungani? “I-EURO 2012 engenagwayi isho ukuhlonipha impilo yezibukeli nabo bonke abahilelekile kulo mqhudelwano,” kusho uMichel Platini, umongameli we-UEFA. Omunye wabasekela lokhu kuvinjelwa uKhomishane waseYurophu u-Androulla Vassiliou, owakhuthaza amadolobha azophatha lo mdlalo ukuba anwebe indawo okungamelwe kubhenywe kuyo ihlanganise izindawo ezinjengezitolo zokudlela nezinto ezithutha umphakathi. “Ibhola likanobhutshuzwayo neminye imidlalo kuphathelene nempilo nokuyithuthukisa, kanti ugwayi wenza okuphambene: lezi zinto azihlangani,” kusho uVassiliou.
[Ibalazwe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IPOLAND
IWARSAW
IGdańsk
IPoznan
IWroclaw
I-UKRAINE
IKIEV
IL’viv
IKharkiv
IDonetsk
[Isithombe ekhasini 24]
Umdlalo wamanqamu we-EURO 2008 phakathi kweJalimane neSpain, owadlalelwa enkundleni yase-Ernst Happel eVienna, e-Austria
[Isithombe ekhasini 25]
Inkundla yama-Olympic eKiev, e-Ukraine
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Pages 24 and 25, both photos: Getty Images