3. Lungisa Ukudla Bese Ukubeka Kahle
UMPHEKI ongenandaba kwa-Israyeli wasendulo wakha amaselwa asendle, nakuba “ayengawazi kahle.” Wafaka nokudla okungajwayelekile esitshulwini sakhe. Besaba ukuthi kungenzeka ukudla kunoshevu, labo ababephakelwe kona bakhala: “Kukhona ukufa embizeni.”—2 AmaKhosi 4:38-41.
Njengoba isibonelo esingenhla sibonisa, ukudla okuphekwe ngokunganaki kufanele kuqashelwe, ngoba kungaba yingozi noma kubulale nokubulala. Ngakho-ke, ukuze ugweme ukugula okubangelwa ukudla, funda ukulungisa nokubeka ukudla ngokucophelela. Cabanga ngokusikisela okulandelayo:
● Ungaliyeki nje iqhwa elisenyameni lizincibilikele.
UMnyango Wezolimo e-U.S. uthi: “Ngisho noma [inyama] iseneqhwa phakathi nendawo njengoba lincibilika, ingxenye engaphandle yenyama kungenzeka isifinyelele izinga lokushisa ‘Eliyingozi,’ eliphakathi kwama-degree amane nangu-60—okuyizinga elibangela ukuba amagciwane ande ngokushesha.” Kunalokho, faka inyama eneqhwa engxenyeni yesiqandisi engabandi kakhulu ukuze iqhwa lincibilike noma uyifake emanzini abandayo isentweni engavuzi noma uyifake kuyi-microwave.
● Kuphekisise ukudla.
Ngokwe-World Health Organization, “ukuphekisisa ukudla kungase kuwabulale wonke amagciwane ayingozi.” Uma upheka, ikakhulukazi isobho noma isitshulu, qiniseka ukuthi izinga lokushisa lifinyelela kuma-degree angu-70 okungenani.a Njengoba kungase kube nzima ukubona ukuthi lingakanani izinga lokushisa lapho upheka ukudla okuthile, abanye abapheki basebenzisa i-thermometer yokukala izinga lokushisa enyameni.
● Kuphake ngokushesha.
Ukudla osekuphekiwe akufanele kuhlale isikhathi eside kuze kuphole, ngakho kuphake ngokushesha ukuze kungonakali. Ukudla okubandayo kugcine kubanda, okushisayo kushisa. Inyama eshisayo ungayigcina kuhhavini onezinga lokushisa elingama-degree angaba ngu-90.
● Ukudla okusele okusesiqandisini kufanele kudliwe zingakapheli izinsuku ezintathu.
U-Anita wasePoland ongumama ukuphaka ngokushesha nje ukudla lapho sekuvuthiwe. Kodwa uma kukhona okusalile, uthi, “ngokushesha ngiyakuhlukanisa kube izingxenyana ezincane ukuze kube lula uma sengifuna ukukuncibilikisa, bese ngikufaka engxenyeni yesiqandisi eneqhwa.” Uma ubeka ukudla okusele esiqandisini, kudle ukuqede zingakapheli izinsuku ezintathu kuya kwezine.
Ezitolo zokudlela, uthola ukudla okuphekwe omunye umuntu. Ngakho ungazivikela kanjani wena nomkhaya wakho uma nidla ngaphandle?
[Umbhalo waphansi]
a Okunye ukudla, okunjengenyama yenkukhu, kudingeka kuphekwe ngezinga lokushisa eliphakeme.
[Ibhokisi ekhasini 6]
QEQESHA IZINGANE ZAKHO: “Uma izingane zami zipheka ukudla, ngiyazikhumbuza ukuthi zifunde iziqondiso ezibhalwe esembozweni sako.”—UYuk Ling, Hong Kong.