OFakazi BakaJehova
Incazelo: Inhlangano yamaKristu yomhlaba wonke yabantu abafakaza ngenkuthalo ngokuqondene noJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe ezithinta isintu. Izinkolelo zabo bazisekela eBhayibhelini kuphela.
Iziphi izinkolelo zoFakazi BakaJehova ezibenza bahluke kwezinye izinkolo?
(1) IBhayibheli: OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi iBhayibheli lilonke liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, futhi esikhundleni sokunamathela esivumweni esisekelwe esikweni labantu, banamathela eBhayibhelini njengendinganiso yazo zonke izinkolelo zabo.
(2) UNkulunkulu: Bakhulekela uJehova njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso futhi bakhulume ngokukhululekile kwabanye ngaye nangezinjongo zakhe zothando ngesintu. Noma ubani ofakaza obala ngoJehova ngokuvamile uchazwa njengongoweqembu elilodwa—“OFakazi BakaJehova.”
(3) UJesu Kristu: Abakholelwa ukuthi uJesu Kristu uyingxenye kaZiqu-zintathu, kodwa ukuthi, njengoba iBhayibheli lisho, uyiNdodana kaNkulunkulu, ungowokuqala endalweni kaNkulunkulu; ukuthi wayephila ngaphambi kokuba umuntu nokuthi ukuphila kwakhe kwadluliselwa esizalweni sencasakazi uMariya, kusuka ezulwini; ukuthi ukuphila kwakhe kobuntu okuphelele okwabekwa phansi njengomhlatshelo kwenza kube nokwenzeka ukusindela ekuphileni okuphakade ngalabo abanokholo; nokuthi uKristu uyabusa njengeNkosi, ngegunya alinikezwe uNkulunkulu phezu kwawo wonke umhlaba kusukela ngo-1914.
(4) UMbuso kaNkulunkulu: Bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu; ukuthi unguhulumeni ongokoqobo; nokuthi ngokushesha uzobhubhisa isimiso samanje sezinto esibi, kuhlanganise nabo bonke ohulumeni babantu, bese uveza isimiso esisha okuyochuma kuso ukulunga.
(5) Ukuphila kwasezulwini: Bakholelwa ukuthi amaKristu agcotshwe ngomoya ayizi-144 000 ayohlanganyela noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini, abuse njengamakhosi kanye naye. Abakholelwa ukuthi izulu lingumvuzo wabo bonke “abalungileyo.”
(6) Umhlaba: Bakholelwa ukuthi injongo kaNkulunkulu yokuqala ngomhlaba iyogcwaliseka; ukuthi umhlaba uyokwakhiwa ngokuphelele ngabakhulekeli bakaJehova nokuthi laba bayokwazi ukujabulela ukuphila okuphakade ekupheleleni kobuntu; nokuthi ngisho nabafileyo bayovuselwa ethubeni lokuhlanganyela kulezibusiso.
(7) Ukufa: Bakholelwa ukuthi abafileyo abazi lutho; ukuthi ababuzwa ubuhlungu noma injabulo endaweni ethile yomoya; nokuthi abaphili ndawo ngaphandle kwasenkumbulweni kaNkulunkulu, ngakho-ke ithemba ngokuphila kwabo kwesikhathi esizayo lisovukweni lwabafileyo.
(8) Izinsuku zokugcina: Bakholelwa ukuthi manje, kusukela ngo-1914, siphila ezinsukwini zokugcina zalesimiso sezinto esibi; ukuthi abanye ababona izenzakalo zika-1914 bayobona futhi ukubhujiswa okuphelele kwalelizwe lamanje elibi; nokuthi abathandi bokulunga bayosindela emhlabeni ohlanziwe.
(9) Ukwehluka ezweni: Bazama ngobuqotho ukuba bangabi yingxenye yezwe, njengoba uJesu athi kuyoba njalo ngabalandeli bakhe. Babonisa uthando lobuKristu loqobo ngomakhelwane babo, kodwa abahlanganyeli kwezombangazwe noma ezimpini zanoma isiphi isizwe. Balungiselela izidingo zezinto ezibonakalayo zemikhaya yabo kodwa bagwema ukuphishekela kwalelizwe kokuhahela izinto ezibonakalayo nodumo lomuntu siqu nokuzitika kwalo ngokweqile enjabulweni.
(10) Basebenzisa iseluleko seBhayibheli: Bakholelwa ukuthi kubalulekile ukusebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwansuku zonke manje—ekhaya, esikoleni, emsebenzini, nasemabandleni abo. Kungakhathaliseki indlela yomuntu yokuphila yesikhathi esidlule, angase abe ngomunye woFakazi BakaJehova uma elahla imikhuba engavunyelwa yiZwi likaNkulunkulu asebenzise iseluleko salo sokulunga. Kodwa uma noma ubani ngemva kwalokho ekwenza umkhuba ukuphinga, ukuhlobonga, ubungqingili, ukusebenzisa kabi imilaliso, ukudakwa, ukuqamba amanga, noma ukweba, uyosuswa enhlanganweni.
(Uhlu olungenhla luphawula kafushane ezinye zezinkolelo ezivelele zoFakazi BakaJehova kodwa akuwona neze lawa kuphela amaphuzu izinkolelo zabo ezihluke ngawo kulezo zamanye amaqembu. Isisekelo esingokomBhalo salezinkolelo ezingenhla singatholakala ngokusebenzisa iZikhombo zalencwadi.)
Ingabe oFakazi BakaJehova bayinkolo yaseMelika?
Bangabameleli boMbuso kaNkulunkulu, hhayi bezimiso zezombangazwe, ezomnotho, noma ezenhlalo zanoma isiphi isizwe salelizwe elidala.
Kuyiqiniso ukuthi isiqalo soFakazi BakaJehova bosuku lwethu sasiseUnited States. Ukuba kwendlunkulu yabo yomhlaba wonke kuleyondawo kuye kwasiza ekubeni kube nokwenzeka ukunyathelisa nokuthumela izincwadi zeBhayibheli ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Kodwa asikho isizwe oFakazi abasikhethayo kunesinye; batholakala cishe kuzo zonke izizwe, futhi banamahhovisi ezingxenyeni eziningi zomhlaba ukuba anakekele umsebenzi wabo kulezozindawo.
Cabangela lokhu: UJesu njengomJuda wazalelwa ePalestina, kodwa ubuKristu abuyona inkolo yasePalestina, akunjalo? Indawo okwazalelwa kuyo uJesu njengomuntu ayilona iphuzu elibaluleke kakhulu. Lokho uJesu akufundisa kwakuvela kuYise, uJehova uNkulunkulu, osebenzelana nabantu bazo zonke izizwe ngokungakhethi.—Joh. 14:10; IzE. 10:34, 35.
Umsebenzi woFakazi BakaJehova usekelwa kanjani ngokwezimali?
Ngeminikelo yokuzithandela, njengoba kwakunjalo ngamaKristu okuqala. (2 Kor. 8:12; 9:7) Akukho nkongozelo eke yenziwe emihlanganweni yabo; abalokothi bacele imali emphakathini. Iminikelo yezincwadi zeBhayibheli ingeyokuhlangabezana nezindleko zokunyathelisa nezokuthumela.
OFakazi abaholi ngokuhamba indlu ngendlu noma ngokuhambisa izincwadi zeBhayibheli emigwaqweni. Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lubashukumisela ukuba bakhulume ngamalungiselelo kaNkulunkulu othando ngesintu.
IThe Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, inhlangano yenkolo engokomthetho esetshenziswa oFakazi BakaJehova, yamiswa ngokomthetho ngo-1884 ngokuvumelana nomthetho okuthiwa iNonprofit Corporation Law of the Commonwealth of Pennsylvania, U.S.A. Ngaleyondlela, ngokomthetho ayiwona, futhi ayinakuba umsebenzi wokwenza inzuzo, nabantu ngabanye abayenzi inzuzo ngokusebenzisa leNhlangano. Incwadi yomgomo weNhlangano ithi: “[INhlangano] ayicabangeli inzuzo noma inzalo eyimali, ngengozi noma ngenye indlela, emalungwini ayo, abaqondisi noma abaphathi.”
Ingabe oFakazi BakaJehova bayihlelo noma bayinkolo yokuthatheka?
Abanye bachaza ihlelo njengelisho iqembu eliye lahlubuka enkolweni enesisekelo. Abanye basebenzisa leligama eqenjini elilandela umholi othile ongumuntu noma umfundisi. Leligama ngokuvamile lisetshenziswa ngendlela yokujivaza. OFakazi BakaJehova abawona umxhantela wesonto elithile kodwa bahlanganisa abantu bazo zonke izindlela zokuphila nabanezizinda eziningi ezingokwenkolo. Ababheki noma imuphi umuntu njengomholi wabo, kodwa kunalokho babheka uJesu Kristu.
Inkolo yokuthatheka inkolo okuthiwa ayinamthetho noma leyo egcizelela ukuzinikela ngokwesiko elithile elimisiwe. Izinkolo eziningi ezithathekayo zilandela umholi ongumuntu ophilayo, futhi ngokuvamile amalungu azo ahlala ngamaqembu azehlukanise nomphakathi. Nokho, izindinganiso zalokho okungokomthetho, kumelwe kube iZwi likaNkulunkulu, futhi oFakazi BakaJehova banamathela ngempela eBhayibhelini. Ukukhulekela kwabo kuyindlela yokuphila, akukhona ukuzinikela okungokwesiko. Akukho muntu abamlandelayo futhi abazehlukanisi nomphakathi. Bahlala futhi basebenze phakathi kwabanye abantu.
Indala kangakanani inkolo yoFakazi BakaJehova?
NgokweBhayibheli, uhlu lofakazi bakaJehova luhlehlela emuva kuAbela othembekile. EyamaHeberu 11:4–12:1 ithi: “Ngokukholwa uAbela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini . . . Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu . . . Ngokukholwa uAbrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe-yifa lakhe . . . Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni . . . Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo.”
Ngokubhekiselwe kuJesu Kristu, iBhayibheli lithi: “Nakhu akushoyo uAmen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu.” Wayengufakazi kabani? Yena ngokwakhe wathi walibonakalisa igama likaYise. Wayengufakazi oyinhloko kaJehova.—IsAm. 3:14; Joh. 17:6.
Ngokuthakazelisayo, amanye amaJuda abuza ukuthi umsebenzi kaJesu Kristu wawumelele “isifundiso esisha” yini. (Marku 1:27) Kamuva, amaGreki athile acabanga ukuthi umphostoli uPawulu wayengenisa “isifundiso esisha.” (IzE. 17:19, 20) Sasisisha ezindlebeni zalabo ababesizwa, kodwa into ebalulekile kwakuwukuthi sasiyiqiniso, sivumelana ngokugcwele neZwi likaNkulunkulu.
Umlando wanamuhla woFakazi BakaJehova waqala ngokwakhiwa kweqembu labafundi beBhayibheli eAllegheny, Pennsylvania, eU.S.A., ekuqaleni kwawo-1870. Okokuqala babaziwa kuphela ngokuthi abaFundi BeBhayibheli, kodwa ngo-1931 bamukela igama elingokomBhalo elithi oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Izinkolelo zabo nezenzo azizintsha kodwa ziwukubuyiselwa kobuKristu bekhulu lokuqala.
Ingabe oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi inkolo yabo iwukuphela kweqondileyo?
IBhayibheli alivumelani nombono wanamuhla wokuthi kunezindlela eziningi ezamukelekayo zokukhulekela uNkulunkulu. Eyabase-Efesu 4:5 ithi “yinye iNkosi, yinye inkolo.” UJesu wathi: “Isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo. . . . Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.”—Math. 7:13, 14, 21; bheka futhi eyoku-1 Korinte 1:10.
Ngokuphindaphindiwe imiBhalo ibhekisela ezimfundisweni zobuKristu beqiniso ngokuthi “iqiniso,” futhi ubuKristu bukhulunyelwa ngokuthi “indlela yeqiniso.” (1 Thim. 3:15; 2 Joh. 1; 2 Pet. 2:2) Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova basekela zonke izinkolelo zabo, izindinganiso zabo zokuziphatha, nezinqubo zabo ezingokwenhlangano eBhayibhelini, ukholo lwabo eBhayibhelini ngokwalo njengeZwi likaNkulunkulu lubanikeza isiqiniseko sokuthi abanakho kuyiqiniso ngempela. Ngakho isimo sabo akusona esokuzazisa kodwa sibonisa ukuqiniseka kwabo ekutheni iBhayibheli liyindinganiso eqondile umuntu okumelwe ahlole ngayo inkolo yakhe. Ababona abazicabangelayo kodwa bashisekela ukuba bahlanganyele nabanye izinkolelo zabo.
Ingabe ezinye izinkolo nazo azililandeli yini iBhayibheli?
Eziningi ziyalisebenzisa ngezinga elithile. Kodwa ingabe ziyakufundisa futhi zikwenze lokho elikuqukethe? Cabangela lokhu: (1) Kweziningi izinguqulo zazo zeBhayibheli ziye zalisusa igama likaNkulunkulu weqiniso izinkulungwane zezikhathi. (2) Imfundiso kaZiqu-zintathu, ukuqonda kwazo uNkulunkulu ngokwakhe, kubolekwe emithonjeni yobuqaba futhi kwathuthukiswa kwaze kwaba sesimweni sakho sanamuhla emakhulwini eminyaka ngemva kokuba ukulotshwa kweBhayibheli kuphelile. (3) Ukukholelwa kwazo ekungafini komphefumulo womuntu njengesisekelo sokuphila okuqhubekayo akuthathiwe eBhayibhelini; kunesisekelo eBabiloni lasendulo. (4) Isihloko sokushumayela kukaJesu sasinguMbuso kaNkulunkulu, futhi wathumela abafundi bakhe ukuba bakhulume ngokomuntu siqu nabanye ngawo; kodwa amasonto namuhla kuyaqabukela ekhulume ngalowoMbuso futhi amalungu awo awawenzi umsebenzi wokushumayela “lezi zindaba ezinhle zoMbuso.” (Math. 24:14, NW) (5) UJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso bangabonakala kalula ngothando lwabo lokuzidela komunye nomunye. Ingabe kunjalo ngezinkolo zeLobukholwa lapho izizwe ziya empini? (6) IBhayibheli lithi abalandeli bakaKristu babengeke babe yingxenye yezwe, futhi lixwayisa ngokuthi noma ubani ofuna ukuba ngumngane walelizwe uzenza isitha sikaNkulunkulu; kodwa amasonto eLobukholwa namalungu awo ahileleke ngokujulile ezindabeni zezombangazwe zezizwe. (Jak. 4:4) Ngokucabangela umbhalo onjalo, kungashiwo yini ngobuqotho ukuthi ngempela zinamathela eBhayibhelini?
OFakazi BakaJehova bafinyelela kanjani encazelweni yabo yeBhayibheli?
Isici esiyinhloko siwukuthi oFakazi bakholelwa ngempela ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi elikuqukethe kugcinelwe ukufundisa thina. (2 Thim. 3:16, 17; Roma 15:4; 1 Kor. 10:11) Ngakho-ke abaphendukeli ezimpikiswaneni zokuhlakanipha ukuze babalekele izinkulumo zalo ezisobala zeqiniso noma ukuze bathethelele indlela yokuphila yabantu abaye balahla izindinganiso zalo zokuziphatha okuhle.
Ekuvezeni incazelo yenkulumo engokomfanekiso eBhayibhelini, bavumela iBhayibheli linikeze incazelo yalo, esikhundleni sokuveza ulwazi lwabo lokucatshangelwa ngokuqondene nokubaluleka kwayo. (1 Kor. 2:13) Izimpawu ngokuqondene nokushiwo ngamagama angumfanekiso ngokuvamile zitholakala kwezinye izingxenye zeBhayibheli. (Ngokwesibonelo, bheka isAmbulo 21:1; khona-ke, ngokuqondene nencazelo ‘yolwandle,’ funda uIsaya 57:20. Ukuze uqonde “iWundlu” okubhekiselwe kulo kusAmbulo 14:1, bheka uJohane 1:29 neyoku-1 Petru 1:19.)
Ngokuqondene nokugcwaliseka kwesiprofetho, basebenzisa lokho uJesu akusho ngokuqondene nokulindela izenzakalo ezihambisana nokwakubikezelwe. (Luka 21:29-31; qhathanisa neyesi-2 Petru 1:16-19.) Ngobuqotho bakhomba lezozenzakalo badonsele ukunakekela kulokho iBhayibheli elibonisa ukuthi ziyakusho.
UJesu wathi emhlabeni wayezoba ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ (abalandeli bakhe abagcotshiwe bebhekwa njengeqembu), okuyindlela ayeyolungiselela ngayo ukudla okungokomoya kulabo abakha umkhaya wokukholwa. (Math. 24:45-47) OFakazi BakaJehova bayaliqaphela lelolungiselelo. Njengoba kwakunjalo ngamaKristu ekhulu lokuqala, babheka endikimbeni ebusayo yalesosigaba ‘senceku’ ukuba ixazulule imibuzo enzima—hhayi ngesisekelo sokuhlakanipha kobuntu, kodwa ngokusebenzisa ulwazi lwayo lweZwi likaNkulunkulu nokusebenzelana kwakhe nezinceku zakhe, nangosizo lomoya kaNkulunkulu, lowo ewuthandazela ngobuqotho.—IzE. 15:1-29; 16:4, 5.
Kungani kuye kwaba nezinguquko phakathi neminyaka ezimfundisweni zoFakazi BakaJehova?
IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova wenza ukuba izinceku zakhe ziqonde injongo yakhe ngendlela ethuthukayo. (IzAga 4:18; Joh. 16:12) Ngaleyondlela abaprofethi ababephefumlelwe ngokwaphezulu ukuba balobe izingxenye zeBhayibheli babengakuqondi okwakushiwo yikho konke abakuloba. (Dan. 12:8, 9; 1 Pet. 1:10-12) Abaphostoli bakaJesu Kristu baqaphela ukuthi kwakukuningi ababengakuqondi ngesikhathi sabo. (IzE. 1:6, 7; 1 Kor. 13:9-12) IBhayibheli libonisa ukuthi kwakuyoba nokwanda okukhulu kolwazi lweqiniso “esikhathini sokugcina.” (Dan. 12:4) Ulwazi olwandile ngokuvamile ludinga ukulungisa ukucabanga komuntu. OFakazi BakaJehova bazimisele ukuba ngokuthobeka benze ukulungisa okunjalo.
Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela endlini ngendlu?
UJesu wabikezela ngalomsebenzi osukwini lwethu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe; khona-ke ukuphela kuyofika.” Futhi wayaleza abalandeli bakhe: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi.”—Math. 24:14, NW; 28:19.
Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe bokuqala, wabaqondisa ukuba baye emizini yabantu. (Math. 10:7, 11-13) Umphostoli uPawulu wathi ngokuqondene nenkonzo yakhe: “Angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.”—IzE. 20:20, 21; bheka futhi izEnzo 5:42.
Isigijimi esimenyezelwa oFakazi sihilela ukuphila kwabantu; bafuna ukuqikelela ukuba bangashiyi noyedwa. (Zef. 2:2, 3) Ukuhambela kwabo kushukunyiswa uthando—okokuqala ngoNkulunkulu, kanye nangomakhelwane wabo.
Umhlangano wabaholi benkolo eSpain waphawula lokhu: “Mhlawumbe [amasonto] awakunaki ngokweqile lokho okwakha ngokuqondile umsebenzi oyinhloko woFakazi—ukuhambela amakhaya, okuhambisana nendlela yabaphostoli yebandla lokuqala. Lapho amasonto, ezimweni eziningana, egcina ngokwakha amathempeli awo, ukushaya izinsimbi ukuze adonse abantu nokushumayela ngaphakathi ezindaweni zawo zokukhulekela, [oFakazi] balandela indlela yabaphostoli yokuya endlini ngendlu neyokusebenzisa wonke amathuba okufakaza.”—El Catolicismo, Bogotá, Colombia, September 14, 1975, k. 14.
Kodwa kungani oFakazi beya ngokuphindelela ngisho nasemakhaya abantu abangenalo ukholo olunjengolwabo?
Abasiphoqeleli isigijimi sabo kwabanye. Kodwa bayazi ukuthi abantu baye bathuthele kwezinye izindawo nokuthi izimo zabantu ziyashintsha. Namuhla umuntu angase abe matasa kakhulu ukuba alalele; ngesinye isikhathi angase asisebenzise ngenjabulo lesosikhathi. Elinye ilungu lomkhaya lingase lingabi nesithakazelo, kodwa amanye abe naso. Abantu ngokwabo bayashintsha; izinkinga ezingathi sína ekuphileni zingase zibangele ukuqaphela isidingo esingokomoya.—Bheka futhi uIsaya 6:8, 11, 12.
Kungani oFakazi BakaJehova beshushiswa futhi bekhulunyelwa kabi?
UJesu wathi: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.” (Joh. 15:18, 19; bheka futhi eyoku-1 Petru 4:3, 4.) IBhayibheli libonisa ukuthi izwe lonke lingaphansi kokuqondiswa uSathane; ungumgqugquzeli oyinhloko wokushushiswa.—1 Joh. 5:19; IsAm. 12:17.
UJesu futhi watshela abafundi bakhe: “Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.” (Marku 13:13) Izwi elithi “igama” lapha lisho lokho uJesu ayikho ngokomthetho, iNkosi yobuMesiya. Ukushushiswa kuza ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova babeka imiyalo yakhe ngaphambi kwaleyo yanoma imuphi umbusi wasemhlabeni.
Uma Umuntu Ethi—
‘Kungani nina ningahileleki ekwenzeni izinto zokusiza ekwenzeni izwe (umphakathi) libe indawo engcono yokuphila kuyo?’
Ungase uphendule: ‘Izimo emphakathini ngokusobala zibalulekile kuwena, zinjalo futhi nakimi ngokufanayo. Ngingakubuza yini, Iyiphi inkinga onomuzwa wokuthi kumelwe ibe phakathi kwezokuqala ukuba inakekelwe?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Kungani unomuzwa wokuthi lokhu kuye kwaba isidingo esikhulu? . . . Ngokusobala, isinyathelo esisheshayo kulendaba singaba yinzuzo, kodwa ngiyaqiniseka ukuthi uzovuma ukuthi singathanda ukubona intuthuko eyohlala njalo. Yileyondlela thina njengoFakazi BakaJehova esiyisebenzisayo ezintweni. (Chaza ukuthi senzani ekusizeni abantu ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo ukuze sifinyelele emsukeni wendaba ngokomuntu siqu; futhi, lokho uMbuso kaNkulunkulu oyokwenza, nokuthi lokhu kungani kuyoyixazulula phakade inkinga yesintu.)’
Noma ungase uthi: ‘(Ngemva kokuhlanganisa amanye amaphuzu empendulweni engaphambili . . . ) Abanye abantu bayanikela ekuthuthukiseni umphakathi ngokunikeza imali; abanye bakwenza ngokunikela ngezinkonzo zabo. OFakazi BakaJehova bakwenza kokubili. Mangikuchazele.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ukuze abe ngomunye woFakazi BakaJehova, umuntu kumelwe akhokhe izintela ngobuqotho; lokho kunikeza uhulumeni imali yokunikeza izinkonzo ezidingekile.’ (2) ‘Senza okungaphezu kwalokho, siya emakhaya abantu, sizinikelele ukufunda nabo iBhayibheli mahhala. Lapho bejwayelana nalokho iBhayibheli elikushoyo, bafunda ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli futhi ngalokho babhekane nezinkinga zabo.’
Enye indlela: ‘Ngiyajabula ngokuba uphakamise lendaba. Abantu abaningi abakaze babuze ukuze bathole ukuthi oFakazi benzani ngempela ngezindaba zomphakathi. Ngokusobala kunezindlela ezingaphezu kweyodwa zokunikeza usizo.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Abanye bakwenza ngokumisa izinhlangano—izibhedlela, amakhaya abagugile, izindawo zokulungisa abayimihuqa yemilaliso, njalonjalo. Abanye bangase bazimisele ukuya khona kanye emakhaya abantu banikeze usizo oludingekile abangalunikeza. Ilokho oFakazi BakaJehova abakwenzayo.’ (2) ‘Siye sabona ukuthi kunokuthile okungawushintsha wonke umbono womuntu ngokuphila, futhi nalokho kuwulwazi lwalokho iBhayibheli elibonisa ukuthi kuyinjongo yoqobo yokuphila nokuthi ikusasa liphetheni.’
Ukusikisela okwengeziwe: ‘Ngiyakwazisa ukuphakamisa kwakho lowombuzo. Sithanda ukubona izimo zithuthuka, akunjalo? Ngingakubuza, Uzizwa kanjani ngalokho uJesu Kristu akwenza? Ingabe indlela ayisebenzisa yokusiza abantu ungathi yayiwusizo? . . . Sizama ukulandela isibonelo sakhe.’
‘AmaKristu kumelwe abe oFakazi bakaJesu, hhayi bakaJehova’
Ungase uphendule: ‘Iphuzu elithakazelisayo lelo olivezayo. Futhi uqinisile ngokuthi sinomthwalo wemfanelo wokuba ngofakazi bakaJesu. Kungakho indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu igcizelelwa ezincwadini zethu. (Ungase ufise ukusebenzisa incwadi yamuva noma umagazini ukubonisa lokhu.) Kodwa nakhu okunye okungase kube iphuzu elisha kuwena. (IsAm. 1:5) . . . Ubani lona uJesu ‘ayengufakazi othembekile’ wakhe? (Joh. 5:43; 17:6) . . . UJesu wabeka isibonelo okumelwe sisilingise, akunjalo? . . . Kungani kubaluleke kangaka ukubazi bobabili uJesu noYise? (Joh. 17:3)’