ISAHLUKO 8
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
1. Yimuphi umthandazo odumile esizoxoxa ngawo?
ABANTU abaningi bayawazi umthandazo obizwa ngokuthi uBaba Wethu Osezulwini noma ngokuthi Umthandazo Omkhulu. UJesu wasebenzisa lo mthandazo ukuze afundise abafundi bakhe ukuthi bathandaze kanjani. Yiziphi izinto azicela kulo mthandazo? Kungani lo mthandazo ubalulekile kithi nanamuhla?
2. Iziphi izinto ezintathu ezibalulekile uJesu asifundisa ukuthi sizicele lapho sithandaza?
2 UJesu wathi: “Kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.’” (Funda uMathewu 6: 9-13.) Kungani uJesu athi sithandazele lezi zinto?—Bheka uMbhalo Osekugcineni 20.
3. Yini okufanele siyazi ngoMbuso kaNkulunkulu?
3 Sesifundile ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Sixoxile nangalokho uNkulunkulu akuhlosile ngabantu nangomhlaba. Wayesho ukuthini uJesu uma ethi: “Umbuso wakho mawuze”? Sizofunda ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu, uzokwenzani nokuthi uzolingcwelisa kanjani igama likaNkulunkulu.
UYINI UMBUSO KANKULUNKULU?
4. Uyini uMbuso kaNkulunkulu, ubani iNkosi yawo?
4 UJehova wamisa uhulumeni ezulwini, wakhetha uJesu ukuba abe yiNkosi yawo. IBhayibheli libiza lowo hulumeni ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. UJesu ‘uyiNkosi yalabo ababusa njengamakhosi noMbusi walabo ababusa njengababusi.’ (1 Thimothewu 6:15) UJesu angababusa kangcono kakhulu abantu kunanoma imuphi omunye umbusi ongumuntu futhi unamandla kunabo bonke ababusi basemhlabeni.
5. UMbuso kaNkulunkulu ubusa ukuphi? Uyobusani?
5 Ngemva kwezinsuku ezingu-40 uJesu evusiwe, waphindela ezulwini. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wambeka waba iNkosi yoMbuso. (IzEnzo 2:33) UMbuso kaNkulunkulu uzobe usezulwini lapho ubusa umhlaba. (IsAmbulo 11:15) Yingakho iBhayibheli lithi uMbuso kaNkulunkulu ‘uwumbuso wasezulwini.’—2 Thimothewu 4:18.
6, 7. Yini eyenza uJesu abe umbusi ongcono kunanoma yimuphi umbusi ongumuntu?
6 IBhayibheli lithi uJesu ungcono kunanoma yimuphi umbusi ongumuntu ngoba ‘nguye yedwa onokungafi.’ (1 Thimothewu 6:16) Bonke ababusi abangabantu bayafa kodwa uJesu akasoze afa. Zonke izinto ezinhle uJesu ayosenzela zona ziyohlala phakade.
7 Isiprofetho seBhayibheli sithi uJesu uyoba yiNkosi engakhethi futhi enozwela: “Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova; futhi uyojabula ngokwesaba uJehova. Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole [eluleke] ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi [abahluphekayo] ngokulunga.” (Isaya 11:2-4) Ungathanda yini ukubuswa inkosi enjalo?
8. Sazi kanjani ukuthi uJesu uzobe engeyedwa lapho ebusa?
8 UNkulunkulu ukhethe abantu abambalwa ukuba babuse noJesu ezulwini. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wathi kuThimothewu: ‘Uma siqhubeka sikhuthazela, siyobusa kanye naye njengamakhosi.’ (2 Thimothewu 2:12) Bangaki abayobusa kanye noJesu ezulwini?
9. Bangaki abazobusa noJesu? UNkulunkulu waqala nini ukubakhetha?
9 Njengoba sifundile eSahlukweni 7, umphostoli uJohane waboniswa umbono lapho uJesu eyiNkosi ezulwini, enamanye amakhosi angu-144 000. Bangobani laba abangu-144 000? UJohane ubachaza ngokuthi ‘balotshwé igama [likaJesu] negama likaYise emabunzini abo.’ Futhi uthi: “Laba yibo abaqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi. Laba bathengwa kubantu.” (Funda isAmbulo 14:1, 4.) Abangu-144 000 bangamaKristu athembekile, uNkulunkulu awakhethile ukuba ‘ayobusa njengamakhosi phezu komhlaba’ kanye noJesu. Uma befa, bayavuswa ukuze bayophila ezulwini. (IsAmbulo 5:10) Kusukela ngesikhathi sabaphostoli, uJehova ubelokhu ekhetha amaKristu athembekile ukuze abe yingxenye yalelo qembu lamakhosi angu-144 000.
10. Kungani ukukhetha kukaJehova uJesu nabangu-144 000 ukuba babuse abantu kubonisa ukuthi uyasithanda?
10 UJehova usithanda kakhulu, yingakho ehlele ukuthi kube nabantu abazobusa noJesu. UJesu uyoba umbusi omuhle ngoba usazi kahle. Uyazi ukuthi kunjani ukuba ngumuntu nokuhlupheka. UPawulu wathi uJesu unozwela, uyokwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu’ futhi ‘uvivinyiwe ezicini zonke njengathi.’ (Hebheru 4:15; 5:8) Abangu-144 000 bayazi ukuthi kunjani ukuba ngumuntu. Nabo bake baba izoni futhi bagula. Ngakho, singaqiniseka ukuthi uJesu nabangu-144 000 bayoyiqonda kahle indlela esizizwa ngayo, nezinkinga esibhekana nazo.
UZOSENZELANI UMBUSO KANKULUNKULU?
11. Ingabe bonke ezulwini babenza intando kaNkulunkulu?
11 Kungani uJesu afundisa abafundi bakhe ukuthandazela ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni njengasezulwini? Sifundile eSahlukweni 3 ukuthi uSathane uDeveli wakhetha ukungamlaleli uJehova. Ngemva kokuba uSathane ehlubukile, uJehova wamvumela yena nezingelosi ezingathembekile, noma amademoni, ukuba bahlale isikhashana ezulwini. Ngakho, akubona bonke ezulwini ababenza intando kaNkulunkulu. ESahlukweni 10 sizofunda okwengeziwe ngoSathane namademoni.
12. Yiziphi izenzakalo ezimbili ezibalulekile ezichazwa encwadini yesAmbulo 12:10?
12 IBhayibheli lithi ngokushesha nje lapho uJesu esebe iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, wayezolwa noSathane. (Funda isAmbulo 12:7-10.) IsAmbulo 12:10 sichaza izenzakalo ezimbili ezibalulekile. UMbuso kaNkulunkulu uqala ukubusa, uJesu eyiNkosi yawo bese uSathane eyaxoshwa ezulwini aphonswe phansi emhlabeni. Njengoba sizofunda, lezi zenzakalo sezenzekile kakade.
13. Yini eyenzeka ezulwini ngemva kokuba uSathane exoshiwe?
13 IBhayibheli lithi, izingelosi ezithembekile zajabula ngemva kokuba uSathane namademoni akhe bexoshiwe ezulwini. Lithi: “Thokozani nina mazulu nani enihlala kuwo!” (IsAmbulo 12:12) Manje, ezulwini kunokuthula ngoba wonke umuntu lapho wenza intando kaNkulunkulu.
14. Kwenzekeni emhlabeni ngenxa yokuxoshwa kukaSathane ezulwini?
14 Ukuphila emhlabeni kuhlukile kunasezulwini. Abantu bavelelwa yizinto ezimbi “ngoba uDeveli wehlele” emhlabeni futhi ‘uthukuthele kakhulu, ngoba uyazi ukuthi unesikhathi esifushane.’ (IsAmbulo 12:12) USathane uthukuthele uthelwa ngamanzi. Uxoshiwe ezulwini futhi uyazi ukuthi uzobhujiswa maduze. Wenza konke angakwenza ukuze abangele izinkinga, ubuhlungu nokuhlupheka emhlabeni wonke.
15. Yini uNkulunkulu afuna yenzeke emhlabeni?
15 Lokho uNkulunkulu ayekuhlosile ngomhlaba akushintshile. Ufuna abantu baphile phakade emhlabeni oyipharadesi, bengenaso isono. (IHubo 37:29) UMbuso kaNkulunkulu uzokwenza kanjani lokho?
16, 17. UDaniyeli 2:44 uthini mayelana noMbuso kaNkulunkulu?
16 Isiprofetho esisencwadini kaDaniyeli 2:44 sithi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” Lesi siprofetho sisifundisani ngoMbuso kaNkulunkulu?
17 Okokuqala, sisitshela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoqala ukubusa “ezinsukwini zalawo makhosi.” Lokhu kusho ukuthi ohulumeni babantu babezobe besekhona lapho lo Mbuso uqala ukubusa. Okwesibili, sisitshela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobusa kuze kube phakade futhi awukho omunye uhulumeni oyothatha isikhundla sawo. Okwesithathu, uMbuso kaNkulunkulu uyolwa nohulumeni bomhlaba. UMbuso kaNkulunkulu uzonqoba, kubuse wona kuphela emhlabeni wonke. Abantu bayobuswa uhulumeni ongcono kakhulu kunabo bonke abake baba khona.
18. Ibizwa ngokuthini impi yokugcina eyoba phakathi koMbuso kaNkulunkulu nabo bonke ohulumeni bomhlaba?
18 UMbuso kaNkulunkulu uzobasusa kanjani abanye ohulumeni bese kubusa wona? Ngaphambi kwempi yokugcina ebizwa ngokuthi i-Armagedoni, amademoni ayodukisa ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe, ukuze awabuthele ndawonye empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Ohulumeni babantu bayolwa noMbuso kaNkulunkulu.—IsAmbulo 16:14, 16; bheka uMbhalo Osekugcineni 10.
19, 20. Kungani sidinga uMbuso kaNkulunkulu ukuba ubuse umhlaba?
19 Kungani siwudinga uMbuso kaNkulunkulu? Ngenxa yezizathu eziningi, nazi ezintathu. Isizathu sokuqala ukuthi, siyizoni ngakho siyagula bese siyafa. Kodwa iBhayibheli lithi uma sekubusa uMbuso kaNkulunkulu siyophila phakade. Eqinisweni uJohane 3:16 uthi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”
20 Isizathu sesibili esenza sidinge uMbuso kaNkulunkulu ukuthi siphila nabantu abenza izinto ezimbi. Abantu abaningi banamanga, abathembekile futhi abanasimilo. Ayikho into esingayenza ukuze sibasuse emhlabeni, kodwa uNkulunkulu uzobasusa. Abantu abaqhubeka benza izinto ezimbi bayobulawa ngempi i-Armagedoni. (Funda iHubo 37:10.) Isizathu sesithathu esenza sidinge uMbuso kaNkulunkulu ukuthi ababusi babantu bayehluleka ukubusa, banonya futhi abathembekile. Abanandaba nokusiza abantu balalele uNkulunkulu. IBhayibheli lithi ‘umuntu uye wabusa umuntu, kwaba ukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
21. UMbuso kaNkulunkulu uyoqinisekisa kanjani ukuthi intando kaNkulunkulu iyenziwa emhlabeni?
21 Ngemva kwe-Armagedoni, uMbuso kaNkulunkulu uyoqinisekisa ukuthi intando kaNkulunkulu iyenziwa emhlabeni. Ngokwesibonelo, uyosusa uSathane namademoni akhe. (IsAmbulo 20:1-3) Ekugcineni akekho umuntu oyogula futhi afe. Ngenxa yokuthi uJesu wasifela, bonke abantu abathembekile bayophila phakade ePharadesi. (IsAmbulo 22:1-3) UMbuso uyongcwelisa igama likaNkulunkulu. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi uma sekubusa uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni, bonke abantu bayodumisa igama likaNkulunkulu.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 21.
UJESU WABA NINI INKOSI?
22. Sazi kanjani ukuthi uJesu akabanga iNkosi lapho esemhlabeni noma ngokushesha ngemva kokuba evusiwe?
22 UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze bathi: “Umbuso wakho mawuze.” Ngakho, kwakusobala ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuseza. UJehova wayesazowumisa uhulumeni wakhe, enze uJesu abe iNkosi yawo. Ingabe uJesu waba iNkosi ngokushesha nje lapho ebuyela ezulwini? Cha, kwadingeka alinde. Ngemva kokuvuswa kukaJesu, uPawulu noPetru bakucacisa lokhu ngokucaphuna isiprofetho esisencwadini yamaHubo 110:1 lapho bekhuluma ngaye. Kuleso siprofetho uJehova wathi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” (IzEnzo 2:32-35; Hebheru 10:12, 13) UJesu walinda isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba uJehova amenze iNkosi?
UMbuso kaNkulunkulu uzoqinisekisa ukuthi intando yakhe iyenzeka emhlabeni
23. (a) Waqala nini uJesu ukubusa njengeNkosi kahulumeni kaNkulunkulu? (b) Sizofundani esihlokweni esilandelayo?
23 Kusasele iminyaka eminingi kube u-1914, iqembu lamaKristu aqotho laliqonda ukuthi lowo nyaka wawuyoba unyaka obalulekile eziprofethweni zeBhayibheli. Izinto ezenzeke emhlabeni kusukela ngo-1914 ziye zabonisa ukuthi babeshaye khona. UJesu waqala ukubusa ngalowo nyaka. (IHubo 110:2) Ngemva nje kwalokho, uSathane waphonswa emhlabeni futhi usalelwe ‘isikhathi esifushane.’ (IsAmbulo 12:12) Esahlukweni esilandelayo sizobona obunye ubufakazi bokuthi siphila kuleso sikhathi esifushane esisalele uSathane. Sizofunda nokuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoqinisekisa ukuthi intando yakhe iyenzeka emhlabeni.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 22.