IBHOKISI LOKUFUNDISA 9D
Iziprofetho Ezimayelana Nokuthunjwa, Nokubuyiselwa Kwendlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu
Iziprofetho eziningi ezimayelana nokuthunjwa kwamaJuda eBhabhiloni lasendulo zaphinde zagcwaliseka ngezinga elikhulu lapho ibandla lobuKristu selithunjelwa eBhabhiloni Elikhulu. Phawula nazi ezinye izibonelo.
1. IZIXWAYISO |
2. UKUTHUNJWA |
3. UKUBUYISELWA KWENDLELA EMSULWA YOKUKHONZA UNKULUNKULU |
|
---|---|---|---|
UKUGCWALISEKA KOKUQALA |
Ngaphambi Kuka-607 B.C.E.—U-Isaya, uJeremiya noHezekeli baxwayisa abantu bakaJehova; noma kunjalo abantu bayaqhubeka behlubuka |
Ngo-607 B.C.E.—IJerusalema liyabhujiswa; abantu bakaNkulunkulu bathunjelwa eBhabhiloni |
Ngo-537 B.C.E. Kuqhubeke—Abathembekile abasele babuyela eJerusalema, bakhe kabusha ithempeli, baphinde bakhonze uNkulunkulu ngendlela emsulwa |
UKUGCWALISEKA NGEZINGA ELIKHULU |
Ngekhulu Lokuqala C.E.—UJesu, uPawulu noJohane baxwayisa ibandla, kodwa abantu bayaqhubeka behlubuka |
Kusukela Ngekhulu Lesibili C.E.—AmaKristu eqiniso athunjwa iBhabhiloni Elikhulu |
Ngo-1919 C.E. Kuqhubeke—Lapho sekubusa uJesu, abathembekile abagcotshiwe bayakhululwa ekudingisweni okungokomfanekiso, nendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu iyabuyiselwa |