-
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 31
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Into ebaluleke kakhulu iBhayibheli elikhuluma ngayo uMbuso kaNkulunkulu. UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze afeze lokho ayekuhlosile ngomhlaba. Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Sazi kanjani ukuthi usuyabusa? Yini osuyenzile kakade? Yini ozoyenza esikhathini esizayo? Lesi sifundo nezilandelayo ezimbili zizoyiphendula le mibuzo.
1. Uyini uMbuso kaNkulunkulu futhi ubani iNkosi yawo?
UMbuso uwuhulumeni obekwe uJehova uNkulunkulu. Inkosi yawo, uJesu Kristu, ubusa esezulwini. (Mathewu 4:17; Johane 18:36) IBhayibheli lithi ngoJesu: ‘Uyobusa njengeNkosi kuze kube phakade.’ (Luka 1:32, 33) Njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobusa wonke umuntu emhlabeni.
2. Obani ababusa noJesu?
UJesu akabusi yedwa. Abantu abavela “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe . . . bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Bangaki abayobusa noKristu? Kusukela ngesikhathi uJesu eza ngaso emhlabeni, izigidi zamaKristu ziye zaba abalandeli bakhe. Kodwa bangu-144 000 kuphela abazoya ezulwini bayobusa noJesu. (Funda isAmbulo 14:1-4.) Wonke amanye amaKristu asemhlabeni ayobuswa yilo Mbuso.—IHubo 37:29.
3. Kungani ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kungcono kunokubusa kohulumeni babantu?
Ngisho noma ababusi abangabantu bezama ukwenza izinto ezinhle, abanawo amandla okwenza konke abakufunayo. Ekugcineni izikhundla zabo zithathwa abanye ababusi abazicabangela bona futhi abangase bangafuni ukusiza abantu. Kodwa, akekho oyoke asuse uJesu esikhundleni sokuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu ‘umise umbuso ongeke neze ubhujiswe.’ (Daniyeli 2:44) UJesu uzobusa wonke umhlaba, futhi uzophatha abantu ngokulinganayo. Unothando, unomusa futhi akakhethi. Uzofundisa abantu ukuba baphathane ngendlela efanayo—ngothando, ngomusa futhi bangakhethi.—Funda u-Isaya 11:9.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu.
4. Uhulumeni onamandla uzobusa wonke umhlaba
UJesu Kristu unamandla amakhulu okubusa kunanoma imuphi umbusi owake waphila. Fundani uMathewu 28:18, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Igunya likaJesu lokubusa lingcono ngayiphi indlela kunelombusi ongumuntu?
Ohulumeni babantu bashintsha njalo, futhi ngamunye wabo ubusa ingxenye ethile kuphela yomhlaba. Kuthiwani ngoMbuso kaNkulunkulu? Fundani uDaniyeli 7:14, bese nixoxa ngale mibuzo:
Kungani kuyinto enhle ukuthi uMbuso kaNkulunkulu “awusoze wachithwa”?
Kungani kuyinto enhle ukuthi uyobusa wonke umhlaba?
5. Ohulumeni babantu kumelwe baqedwe
Kungani kumelwe kubuse uMbuso kaNkulunkulu esikhundleni sohulumeni babantu? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Ukubusa kwabantu kube nayiphi imiphumela?
Fundani umShumayeli 8:9, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ucabanga ukuthi kuyafaneleka ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubuse esikhundleni sohulumeni babantu? Kungani usho kanjalo?
6. UMbuso kaNkulunkulu unababusi abasiqonda kahle
Ngenxa yokuthi uJesu, iNkosi yethu, wake waba umuntu uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu.’ (Hebheru 4:15) Amadoda nabesifazane abathembekile abangu-144 000 abayobusa noJesu, bakhethwe uJehova “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.”—IsAmbulo 5:9.
Kuyakududuza yini ukwazi ukuthi uJesu nabo bonke azobusa nabo bayazi ukuthi kunjani ukuba umuntu? Kungani usho kanjalo?
UJehova ukhethe amadoda nabesifazane abavela kuzo zonke izizwe ukuba babuse noJesu
7. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle kakhulu kuneyohulumeni babantu
Ohulumeni babantu banemithetho ebekelwe ukusiza nokuvikela abantu. UMbuso kaNkulunkulu nawo unemithetho okumelwe abantu bayilalele. Fundani eyoku-1 Korinte 6:9-11, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ucabanga ukuthi kuyoba njani emhlabeni lapho bonke abantu sebelalela imithetho kaNkulunkulu?a
Ucabanga ukuthi uJehova unalo yini ilungelo lokulindela abantu ababuswa uMbuso wakhe ukuba balalele leyo mithetho? Kungani usho kanjalo?
Yini ebonisa ukuthi abantu abangayilaleli le mithetho bangashintsha?—Bheka ivesi 11.
Ohulumeni babeka imithetho ezozuzisa futhi ivikele abantu. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle nakakhulu evikela futhi izuzise abantu.
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?”
Ungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini oyobusa wonke umhlaba.
Ufundeni?
Obani abayobusa eMbusweni kaNkulunkulu?
Kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu?
Yiziphi ezinye zezinto uJehova azilindele kubantu ababuswa uMbuso wakhe?
HLOLA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi uJesu wafundisa ukuthi uMbuso ukuphi.
“Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Usenhliziyweni Yakho?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Kungani oFakazi BakaJehova bekhetha ukuba qotho eMbusweni kaNkulunkulu kunokuba qotho emibusweni yabantu?
Funda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngabangu-144 000 abakhethwe uJehova ukuba babuse noJesu.
Yini eyaqinisekisa owesifazane owayesejele ukuthi nguNkulunkulu kuphela ongenza kube nobulungisa emhlabeni?
“Indlela Engathola Ngayo Ikhambi Lokungabi Nabulungisa” (Phaphama!, Novemba 2011)
a Eminye yaleyo mithetho kuzoxoxwa ngayo eNgxenyeni 3.
-
-
UMbuso KaNkulunkulu Usuyabusa!Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 32
UMbuso KaNkulunkulu Usuyabusa!
UMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ezulwini ngonyaka ka-1914. Izinsuku zokugcina zokubusa kwabantu nazo zaqala ngaleso sikhathi. Sazi kanjani? Sizobheka lokho iBhayibheli elakubikezela, nalokho okwenzekayo emhlabeni nendlela abantu abebelokhu beziphatha ngayo kusukela ngo-1914.
1. Yini eyabikezelwa iBhayibheli?
Incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli yabikezela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyoqala ukubusa ekupheleni kwenkathi ebizwa ngokuthi “izikhathi eziyisikhombisa.” (Daniyeli 4:16, 17) Emakhulwini eminyaka kamuva, uJesu wabiza inkathi efanayo ngokuthi “izikhathi ezimisiwe zezizwe” futhi wafundisa ukuthi yayingakapheli. (Luka 21:24) Njengoba sizobona, lezo zikhathi eziyisikhombisa zaphela ngonyaka ka-1914.
2. Yini eyenzekayo emhlabeni futhi abantu bebelokhu beziphatha kanjani kusukela ngo-1914?
Abafundi bakaJesu bambuza: “Luyoba yini uphawu lokuba khona kwakho nolwesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Empendulweni yakhe, uJesu wabikezela izinto eziningi ezaziyokwenzeka ngemva kokuba eseqale ukubusa ezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Ezinye zazo kwakuyoba izimpi, ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba. (Funda uMathewu 24:7.) IBhayibheli labikezela nokuthi indlela abantu ababeyoziphatha ngayo “ezinsukwini zokugcina” yayiyokwenza ukuphila kube ‘nzima ukubhekana nako.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Zonke lezi zinto ziye zabonakala ngokucacile kusukela ngo-1914.
3. Selokhu kuqale ukubusa uMbuso kaNkulunkulu, kungani izimo ziyezaba zimbi kangaka emhlabeni?
Ngemva nje kokuba uJesu ebe yiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, walwa noSathane namademoni ezulwini. USathane wahlulwa kuleyo mpi. IBhayibheli lithi “waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.” (IsAmbulo 12:9, 10, 12) USathane uthukuthele kakhulu ngoba uyazi ukuthi uzobhujiswa. Ngakho, ubangela ubuhlungu nokuhlupheka emhlabeni wonke. Yingakho izimo zizimbi kangaka emhlabeni! UMbuso kaNkulunkulu uzozixazulula zonke lezi zinkinga.
FUNDA OKWENGEZIWE
Hlola ukuthi sazi kanjani ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngo-1914, nokuthi lokho kufanele kusithinte kanjani.
4. Indlela iBhayibheli elibala ngayo izikhathi ibonisa ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngo-1914
UNkulunkulu wabangela ukuba iNkosi uNebukhadinezari yaseBhabhiloni lasendulo iphuphe iphupho eliyisiprofetho. Incazelo uDaniyeli ayinika yona yabonisa ukuthi iphupho libhekisela ekubuseni kukaNebukhadinezari naseMbusweni kaNkulunkulu.—Fundani uDaniyeli 4:17.a
Fundani uDaniyeli 4:20-26, bese usebenzisa ishadi ukuze uphendule imibuzo elandelayo:
(A) Yini uNebukhadinezari ayibona ephusheni?—Bheka ivesi 20 no-21.
(B) Yini eyayiyokwenzeka esihlahleni?—Bheka ivesi 23.
(C) Yini eyayiyokwenzeka ekupheleni ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’?—Bheka ivesi 26.
Indlela Iphupho Lesihlahla Elihlobana Ngayo NoMbuso KaNkulunkulu
ISIPROFETHO (Daniyeli 4:20-36)
Ubukhosi
(A) Isihlahla esikhulu kakhulu
Ubukhosi buyaphazamiseka
(B) ‘Gawulani isihlahla kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa’
Ubukhosi buyabuyiselwa
(C) “Umbuso wakho uyobuyiselwa kuwe”
Ekugcwalisekeni kokuqala kwalesi siprofetho . . .
(D) Isihlahla sasimelela bani?—Bheka ivesi 22.
(E) Ubukhosi bakhe baphazamiseka kanjani?—Fundani uDaniyeli 4:29-33.
(F) Yini eyenzeka kuNebukhadinezari ekupheleni ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’?—Fundani uDaniyeli 4:34-36.
UKUGCWALISEKA KOKUQALA
Ubukhosi
(D) UNebukhadinezari, iNkosi yaseBhabhiloni
Ubukhosi buyaphazamiseka
(E) Ngemva kuka-606 B.C.E, uNebukhadinezari uhanjelwa umqondo angabe esakwazi ukubusa iminyaka eyisikhombisa
Ubukhosi buyabuyiselwa
(F) UNebukhadinezari ubuyelwa umqondo bese eyabusa futhi
Ekugcwalisekeni kwesibili kwalesi siprofetho . . .
(G) Isihlahla sasimelela obani?—Fundani eyoku-1 IziKronike 29:23.
(H) Ubukhosi babo baphazamiseka kanjani? Sazi kanjani ukuthi babusaphazamisekile ubukhosi bamakhosi akwa-Israyeli ngesikhathi uJesu esemhlabeni?—Fundani uLuka 21:24.
(I) Lobu bukhosi babuyiselwa nini futhi kuphi?
UKUGCWALISEKA KWESIBILI
Ubukhosi
(G) Amakhosi akwa-Israyeli amelela ubukhosi bukaNkulunkulu
Ubukhosi buyaphazamiseka
(H) IJerusalema liyabhujiswa, kuphela iminyaka engu-2 520 ukubusa kwamakhosi akwa-Israyeli kuphazamisekile
Ubukhosi buyabuyiselwa
(I) UJesu uqala ukubusa ezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu
Zinde kangakanani izikhathi eziyisikhombisa?
Ezinye izingxenye zeBhayibheli ziyasisiza siqonde ezinye izingxenye. Ngokwesibonelo, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ithi izikhathi ezintathu nengxenye zilingana nezinsuku ezingu-1 260. (IsAmbulo 12:6, 14) Uma siphinda kabili izikhathi ezintathu nengxenye sithola izikhathi eziyisikhombisa, noma izinsuku ezingu-2 520. Ngezinye izikhathi iBhayibheli lithi “usuku” lumelela unyaka. (Hezekeli 4:6) Ngenxa yalokho, izikhathi eziyisikhombisa ezisencwadini kaDaniyeli ziyiminyaka engu-2 520.
5. Umhlaba uye washintsha kusukela ngo-1914
UJesu wabikezela izinto ezaziyokwenzeka emhlabeni ngemva nje kokuba ebe iNkosi. Fundani uLuka 21:9-11, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kulezi zinto, yiziphi ozibonile noma oye wezwa ngazo?
Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi abantu babeyoba njani ezinsukwini zokugcina zokubusa kwabantu. Fundani eyesi-2 Thimothewu 3:1-5, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kulaba bantu ababalwe lapha, yibaphi oye wababona?
6. Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kufanele kusenze sithathe isinyathelo
Fundani uMathewu 24:3, 14, bese nixoxa ngale mibuzo:
Yimuphi umsebenzi obalulekile obonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa?
Ungasiza kanjani kulo msebenzi?
UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa, futhi sekuseduze ukuba ubuse wonke umhlaba. Fundani eyamaHebheru 10:24, 25, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ngamunye wethu kufanele enzeni njengoba ‘sibona usuku lusondela’?
Ake sithi wazi into ethile ebingasiza futhi isindise abanye, yini obungayenza?
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kungani u-1914 ubalulekile koFakazi BakaJehova?”
Ungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
Iziprofetho zeBhayibheli nendlela elibala ngayo izikhathi nezinto ezenzeka emhlabeni kubonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa. Sibonisa ukuthi siyakukholelwa lokhu ngokushumayela ngako nangokuba khona emihlanganweni.
Ufundeni?
Kwenzekani lapho kuphela izikhathi eziyisikhombisa ezabikezelwa encwadini yeBhayibheli kaDaniyeli?
Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914?
Ungabonisa kanjani ukuthi uyakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa manje?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi abantu ababhala umlando nabanye bathini ngezinguquko ezenzeka emhlabeni kusukela ngo-1914.
“Inkathi Yokuwohloka Kwesimilo Okukhulu” (Phaphama!, Ephreli 2007)
Funda ukuthi isiprofetho esikuMathewu 24:14 sakuthinta kanjani ukuphila komuntu othile.
“Ngangiyithanda Ngenhliziyo Yami Yonke!” (INqabayokulinda No. 3 2017)
Sazi kanjani ukuthi isiprofetho esikuDaniyeli isahluko 4 sikhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu?
“UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 1)” (INqabayokulinda, Okthoba 1, 2014)
Yini ebonisa ukuthi “izikhathi eziyisikhombisa” okukhulunywa ngazo kuDaniyeli isahluko 4 zaphela ngo-1914?
“UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 2)” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2014)
a Funda izihloko ezimbili zokugcina ezingaphansi kwengxenye ethi Hlola Okwengeziwe kulesi sifundo.
-
-
Lokho UMbuso OzokwenzaPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 33
Lokho UMbuso Ozokwenza
UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa. Maduze nje uzokwenza ushintsho olukhulu emhlabeni. Ake sifunde ngezinye zezinto ezinhle ongazilindela lapho sekubusa uMbuso.
1. UMbuso kaNkulunkulu uzokuletha kanjani ukuthula nokulunga emhlabeni?
UJesu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobhubhisa abantu ababi nohulumeni empini ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Ngaleso sikhathi, lesi sithembiso seBhayibheli sizogcwaliseka ngokuphelele: “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho.” (IHubo 37:10) UJesu uzosebenzisa uMbuso ukuze aqiniseke ukuthi kukhona ukuthula nokulunga emhlabeni wonke.—Funda u-Isaya 11:4.
2. Ukuphila kuyoba njani lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni?
Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, “abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Zicabange nje usuphila emhlabeni lapho bonke abantu sebelungile futhi bethanda uJehova, nabo bethandana! Akekho oyogula futhi bonke abantu bayophila phakade.
3. Yini eyokwenziwa uMbuso kaNkulunkulu ngemva kokubhujiswa kwababi?
Ngemva kokubhujiswa kwababi, uJesu uyobusa njengeNkosi iminyaka engu-1 000. Phakathi naleso sikhathi, yena nabangu-144 000 ayobusa nabo bayoqeda isono kubantu emhlabeni. Ekupheleni kwaleyo nkathi, umhlaba uyobe usushintshiwe waba ipharadesi elihle, eligcwele abantu abajabulayo ngoba belalela imithetho kaJehova. Ngemva kwalokho, uJesu uyobuyisela ubukhosi kuYise, uJehova. ‘Igama [likaJehova] liyongcweliswa’ ngendlela elingakaze lingcweliswe ngayo. (Mathewu 6:9, 10) Kuyobe sekubonakele ukuthi uJehova unguMbusi omuhle, obakhathalelayo abantu ababusayo. UJehova uyobe esebhubhisa uSathane, amademoni nanoma ubani oyokhetha ukuvukela ukubusa kwaKhe. (IsAmbulo 20:7-10) Izimo ezinhle eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu ziyoba khona kuze kube phakade.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi kungani singamethemba uNkulunkulu ukuthi uzosebenzisa uMbuso ukuze agcwalise zonke izithembiso zeBhayibheli eziphathelene nekusasa lethu.
4. UMbuso kaNkulunkulu uzoqeda ohulumeni babantu
‘Umuntu ubuse omunye kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Esebenzisa uMbuso wakhe, uJehova uzolungisa umonakalo owenziwe yilokho kungalungi.
Fundani uDaniyeli 2:44 neyesi-2 Thesalonika 1:6-8, bese nixoxa ngale mibuzo:
Yini uJehova neNdodana yakhe uJesu abazoyenza kohulumeni babantu nabalandeli babo?
Lokho osukufundile ngoJehova noJesu, kukusiza kanjani ubone ukuthi izenzo zabo ziyobe zifaneleka?
5. Ayikho iNkosi enhle edlula uJesu
NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyosiza abantu emhlabeni ngezindlela eziningi. Dlalani IVIDIYO ukuze nibone ukuthi uJesu ubonise kanjani ukuthi unesifiso namandla awanikwe uNkulunkulu okusiza abantu.
Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa amazwibela alokho uMbuso ozokwenza. Yiziphi izibusiso ezingezansi olangazelela kakhulu ukuzibona? Fundani imiBhalo ehambisana nazo ezokufundisa okwengeziwe ngazo.
NGESIKHATHI ESEMHLABENI, UJESU . . .
NJENGOBA ESEZULWINI, UJESU . . .
walawula isimo sezulu.—Marku 4:36-41.
uzolungisa wonke umonakalo owenziwe emhlabeni.—Isaya 35:1, 2.
wapha izinkulungwane zabantu ukudla ngokuyisimangaliso.—Mathewu 14:17-21.
uzoqeda indlala emhlabeni.—IHubo 72:16.
welapha izifo zabantu abaningi.—Luka 18:35-43.
uzoqiniseka ukuthi bonke abantu baphile saka.—Isaya 33:24.
wavusa abantu baphinde baphila.—Luka 8:49-55.
uzoqeda imiphumela ebangelwe ukufa.—IsAmbulo 21:3, 4.
6. UMbuso kaNkulunkulu uzoletha ikusasa elimangalisayo
UMbuso uzonikeza abantu ukuphila okuhle uJehova ayekuhlosile kwasekuqaleni. Bazophila phakade emhlabeni oyipharadesi. Dlalani IVIDIYO ukuze ubone indlela uJehova ayisebenzisa ngayo iNdodana yakhe uJesu ukuze afeze injongo yaKhe.
Fundani iHubo 145:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova ‘uyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo’?
ABANYE ABANTU BATHI: “Uma sibambisana, singazixazulula izinkinga zomhlaba.”
Yiziphi izinkinga uMbuso kaNkulunkulu ozozixazulula ohulumeni babantu abahlulekile ukuzixazulula?
UKUBUYEKEZA
UMbuso kaNkulunkulu uzokwenza lokho akufunayo. Uzoshintsha wonke umhlaba ube ipharadesi eligcwele abantu abalungile, abayokhonza uJehova kuze kube phakade.
Ufundeni?
UMbuso kaNkulunkulu uzolingcwelisa kanjani igama likaJehova?
Kungani singakukholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzozifeza izithembiso eziseBhayibhelini?
Ezintweni ezizokwenziwa uMbuso, iyiphi olangazelela kakhulu ukuyibona?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi iyini i-Armagedoni.
Funda ngezinto eziyokwenzeka phakathi nenkathi uJesu ayibiza ngokuthi “usizi olukhulu.”
Bukela ukuthi yini imindeni engayenza ukuze izibone ngeso lengqondo isisePharadesi.
Esihlokweni esithi “Ngangihlushwa Imibuzo Eminingi,” funda indlela ivukelambuso elazithola ngayo izimpendulo elalizifuna.
“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Januwari 1, 2012)
-