Kungani Abantu Benza Izinto Ezimbi?
BAMBALWA abantu abangaphika leli qiniso: Sonke asiphelele ngakho siyona futhi senza izinto esizisola ngazo kamuva. Kodwa ingabe yilokhu kungapheleli okwenza abantu benze izinto eziningi ezimbi, ezinkulu nezincane, esizizwa noma sizibone cishe nsuku zonke ngamehlo noma ezindabeni?
Nakuba singaphelele, ngokuvamile siyazi ukuthi kunezinto okungafanele neze zenziwe nokuthi singakwazi ukuzigwema. Abaningi futhi bangavuma ngaphandle kokunanaza ukuthi kunomahluko phakathi kokusho into engelona iqiniso ungaqondile nokunyundela umuntu ngokuqondile; nokuthi kunomahluko phakathi kokulimaza umuntu ungaqondile nokubulala ngenhloso. Yize kunjalo, izinto ezihlasimulisa umzimba zivame ukwenziwa abantu ababonakala bengenangozi emphakathini. Kungani kunjalo? Kungani abantu benza izinto ezimbi?
IBhayibheli linezimpendulo. Lisinika izizathu eziyinhloko nezinembile ezenza abantu benze izinto abazi kahle ukuthi zimbi. Yizwa ukuthi lithini.
▪ “Ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana.”—UMSHUMAYELI 7:7.
IBhayibheli liyavuma ukuthi ngezinye izikhathi abantu bazizwa bephoqwa izimo ukuba benze izinto abebengeke bazenze. Abanye bangase ngisho benze ubugebengu becabanga ukuthi lokho kungaxazulula izinkinga noma kuqede ukungabi nabulungisa. Incwadi enesihloko esithi Urban Terrorism ithi: “Ezimweni eziningi, into eyenza umuntu abe iphekula ukuthi usuke ekhungathekiswa izimo ezibonakala zingenakulungiseka emkhakheni wezombusazwe, wezenhlalo nowezomnotho.”
▪ “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.”—1 THIMOTHEWU 6:10, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Abanye abantu bathi ngisho nabantu abalungile bayayephula imithetho yobuntu nokuziphatha uma bethenjiswa imali. Abanye ababonakala bezilungele futhi benomusa ezimweni ezivamile bavele bashintshe uma kuhileleke imali, babe nezinhliziyo ezimbi nolaka. Cabanga ngobugebengu obuningi obubangelwa ukuhaha—ukuqola abantu ngokubesabisa, ukuphanga, ukukhwabanisa, ukuthumba ngisho nokubulala.
▪ “Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha, yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi.”—UMSHUMAYELI 8:11.
Lo mBhalo ukhuluma ngokuthambekela kwabantu kokucabanga ukuthi bangenza noma yini abayithandayo uma abaphethe bengababoni. Lokhu sikubona kubantu abeqa izilinganiso zamajubane emgwaqweni, abakopelayo lapho kubhalwa, abadla izimali zomphakathi, nokunye okubi kakhulu. Uma ingalo yomthetho ingaqinile noma abantu bengakwesabi ukubanjwa, labo ngokuvamile abawugcinayo umthetho bangase bazizwe benesibindi sokwenza into abebengeke balokothe bayenze. Umagazini i-Arguments and Facts uthi: “Ukungajeziswa kwezigilamkhuba kubonakala kunikeza izakhamuzi ezivamile isibindi sokwenza ubugebengu obethusayo.”
▪ “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.”—JAKOBE 1:14, 15.
Bonke abantu bathambekele ekucabangeni imicabango emibi. Nsuku zonke silingelwa ukuba senze okubi. Endulo ngesikhathi seBhayibheli, amaKristu atshelwa: “Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu.” (1 Korinte 10:13) Ngakho, umphumela uxhomeke kulokho umuntu akhetha ukukwenza—ukuxosha umcabango omubi ngokushesha noma ukuwufukamela nokuwuvumela ukuba ukhule. UmBhalo kaJakobe ongenhla uxwayisa ngokuthi uma umuntu evumela isifiso esingalungile ukuba ‘sakheke,’ izenzo ezingalungile zizolandela nakanjani.
▪ “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IZAGA 13:20.
Akufanele silithathe kancane ithonya—elihle noma elibi—abantu esijwayelene nabo abangaba nalo kithi. Izikhathi eziningi abantu benza izinto bengaqondile—ngoba becindezelwa ontanga, noma njengoba abaningi baye basho, bajwayelana nabantu abangalungile abagcina bebafake enkingeni. Lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngeziphukuphuku,’ lisuke lingasho abantu abangenayo inhlakanipho, kodwa lisuke lisho labo abasishaya indiva iseluleko esihlakaniphile esiseZwini likaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, uma singabakhethi ngokuhlakanipha abangane nabantu esibajwayelayo, okungukuthi ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, singalindela ukuthi ‘kuyosihambela kabi.’
La mavesi eBhayibheli kuhlanganise namanye amaningi asichaza ngokucacile isizathu esenza abantu abavamile benze izinto ezimbi, ngisho nezethusayo. Nakuba kusiza ukuqonda ukuthi yini eyenza abantu ukuba benze izinto ezimbi, umbuzo uwukuthi izinto zizolunga yini? Yebo, ngoba iBhayibheli aligcini nje ngokuchaza ukuthi kungani abantu benza izinto ezimbi, kodwa lithembisa nokuthi zizophela. Zithini lezo zithembiso? Ingabe zonke izinto ezimbi emhlabeni zizophela ngempela? Isihloko esilandelayo sinezimpendulo zale mibuzo.