Incwadi Evela EGrenada
Usuku Esaluchitha Ebhishi
UMA ungathola isabelo sokuba yisithunywa sevangeli kwelinye izwe, ungajabula kakhulu. Ungabuye futhi ufikelwe yimibuzo eminingi engqondweni, njengokuthi lelo zwe nabantu banjani nokuthi uzobhekana nani enkonzweni.
Ngesikhathi mina nomkami sithola isabelo sokuyokhonza eGrenada enodedangendlale bamabhishi amahle angaba ngu-45, sazibuza ukuthi kazi anjani. Nokho, imibuzo yethu yaphenduleka ngokushesha ngoba sathola ithuba lokuchitha usuku kwelinye lalawo mabhishi. Asijatshuliswanga kuphela isimo sezulu esihle nomsindo wamagagasi omnandi, kodwa sajatshuliswa abantu.
Ukuya eGrand Anse Beach usuka ekhaya eGrenada kuyibanga elifushane—kodwa yeka ukuthi kuwuhambo olumnandi kanjani! Uhamba emigwaqweni engamajika futhi uzidelise ngobuhle bendalo obumangalisayo. Amagquma anothe ngohlaza. Endleleni, ubona izintaba, amahlathi, izimpophoma nolwandle okukushiya ukhexile. Shono nje izivakashi zakwamanye amazwe zingapheli kule ndawo! Ubuhle bendalo bufuna umshayeli anake ngempela ngoba angathuka esenze ingozi. Imigwaqo yakhona ishona ivumbuka, ngesinye isikhathi nizithole nimpitsheke kwemincane kakhulu, nizibuze nje ukuthi kazi ngeke yini nitholane phezulu nenye imoto.
Safika enkundleni ebizwa ngokuthi iTrade Center esemgwaqweni ongasogwini iGrand Anse. OFakazi BakaJehova abangaba ngu-600 babehlangene lapha ukuze bajabulele ubudlelwane nemfundo yeBhayibheli. Lolo suku lwalubaluleke ngokukhethekile kuLesley noDaphne, abashadikazi abeve eminyakeni engu-70. ULesley wayezobhapathizwa. Kwase kuyisikhathi eside uDaphne elulinde ngokulangazela okukhulu lolu suku ngoba yena wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngo-1958.
KoFakazi, ubhapathizo—ukucwiliswa ngokuphelele emanzini—lusho lukhulu. Luyisinyathelo umuntu asithatha ngemva kokuthola ulwazi olunembile ngeqiniso leBhayibheli nokulusebenzisa ekuphileni kwakhe. Ngokubhapathizwa, uzibonakalisa obala ukuthi uzinikezela kuJehova uNkulunkulu.
Ngangicelwe ukuba ngibeke inkulumo esekelwe eBhayibhelini ekhuluma ngobhapathizo. Ekupheleni kwenkulumo, uLesley nabanye ababezobhapathizwa bama ngezinyawo. Wayegqoke ihembe elimhlophe eli-ayinwe kahle nothayi futhi injabulo yayibhalwe ebusweni bakhe. Ngabuza: “Ingabe usuphendukile ezonweni zakho, wazinikezela kuJehova ukuba wenze intando yakhe?” Ubuqotho nokuzinikela kwakhe nabanye kwezwakala ngokucacile lapho bephendula ngoYebo osuka enhliziyweni!
Ngenxa yokuthi ngangimazi uLesley ngaphambili, lesi senzakalo sangithinta inhliziyo ngokukhethekile. Amashumi ngamashumi eminyaka wayengafuni ukutadisha iBhayibheli. Nokho, izinto zashintsha ngesikhathi yena nomkakhe bevakashe kwesinye isiqhingi. Ngesikhathi belapho, banquma ukuthi omunye nomunye uzoya kwelakhe isonto. ULesley wathi kuDaphne: “Yana kwelakho isonto, nami ngizoya kwelami.”
ULesley wayisa uDaphne eHholo LoMbuso yena waziyela esontweni lakhe laseSheshi elisendaweni. Lapho isonto seliphelile, waya eHholo LoMbuso wayolanda umkakhe. Ehholo, wathola abantu abanomusa nobungane abamamukela ngezandla ezifudumele, nakuba babeqala ngqa ukumbona. Lokho kwamthinta. Esontweni, akekho noyedwa oweza wazomxoxisa. ULesley watshela umkakhe: “Ngeke ngiphinde ngibuyele kuleliya sonto. Akekho noyedwa onginakile, ngisho nomfundisi imbala. Akekho ongibingelele. Bekunjengokungathi angibonakali.” ULesley akaphindanga walubhada esontweni.
Ngemva kwalokho, waqala ukulitadisha ngokukhulu ukuzimisela iZwi likaNkulunkulu. Ekugcineni, wafanelekela ukubhapathizwa. Ngemva kwenkulumo, saya olwandle lapho kwakuzobhapathizwa khona. Ngenxa yokuthi ulwandle luseduze, asibanga khona isidingo sokulungiselela amadamu abekwayo okubhapathiza njengoba kuvame ukwenziwa emihlanganweni eminingi yoFakazi BakaJehova. Kulo mhlangano, samane sawela umgwaqo.
Ibhishi iGrand Anse ingamakhilomitha amathathu ubude futhi inomhlabathi omhlophe. Amanzi alolu lwandle ahlale eluhlaza okwesibhakabhaka unyaka wonke. Abantu ababezingcebelekela bamangala lapho besibona sifika ebhishi, abesilisa begqoke othayi, abesifazane begqoke izingubo neziketi. ULesley wayesekhumulile egqoke isikibha nesikhindi. Cabanga nje ukuthi uDaphne wayezizwa kanjani njengoba umyeni wakhe ayesezobhapathizwa ngemva kweminyaka engaba ngu-50 yena abhapathizwa! Ilanga lalishisa kamnandi futhi uDaphne ejabule kakhulu. Ngisho nababezingcebelekela basijabulela leso senzakalo. Nabo babeshaya izandla njengoba ngamunye ayebhapathizwa!
Isibhakabhaka esiluhlaza, umhlabathi omhlophe namagagasi ashaya kancane—akubuzwa ukuthi leli bhishi liyisa inkazimulo kuMdali walo. Lwamkhazimulisa nakakhulu ngesikhathi kubhapathizwa labaya bantu abathathu. Nathi izinhliziyo zethu zajabula kakhulu. Lolo suku ebhishi lwaluluhle ngempela. Kodwa kuLesley nakuDaphne, lwalukhetheke ngendlela engachazeki.