Inkulumo Yeningi Ekhethekile
Singalutholaphi Usizo Lokubhekana Nezinkinga Zanamuhla?
Ziyintilibathwa izeluleko ezweni namuhla. Izincwadi nezinhlelo ze-TV ezikhuluma ngezindlela zokuxazulula izinkinga zithandwa kakhulu. Yize kunjalo, izinkinga zidlangile. Ungase uzibuze, ‘Ingabe ukhona umthombo wesiqondiso engingawethemba ngempela?’ Impendulo ingu-yebo!
Nakuba sekuyizinkulungwane zeminyaka iBhayibheli laba khona, liqukethe izimiso ezingaphelelwa isikhathi eziphendula imibuzo efana nale:
▪ Ngingazixazulula kanjani izingxabano futhi ngijabulele ubuhlobo obuhle nabanye?
▪ Ngingayithola kanjani injabulo?
▪ Ngingabhekana kanjani nezinkinga zemali?
▪ Ngingakunciphisa kanjani ukukhathazeka?
Kuzophendulwa le mibuzo enkulumweni yeningi enesihloko esithi “Ingabe Izimiso ZeBhayibheli Zingasisiza Ekubhekaneni Nezinkinga Zanamuhla?” Le nkulumo esekelwe eBhayibhelini izonikezwa emhlabeni wonke emazweni angaphezu kuka-230. Ezindaweni eziningi izoba seHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova ngeSonto, ngo-May 1, 2011.
OFakazi BakaJehova basendaweni yakini bazokujabulela ukukwazisa isikhathi nendawo. Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona.