IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI
Kungani ukulandisa kukaMathewu nokukaLuka mayelana nokuphila kukaJesu kungafani?
Ukulandisa kukaMathewu mayelana nezinto ezenzeka ekuzalweni nasekukhuleni kukaJesu akufani nalokho okusencwadini kaLuka ngenxa yokuthi abalobi bazo babhala ngokwalokho ababegxile kukho.
Ukulandisa kukaMathewu kugxila kuJosefa. Kuveza indlela uJosefa asabela ngayo lapho uMariya emtshela ukuthi ukhulelwe, ngesikhathi ingelosi imchazela ephusheni okwenzekile nendlela amukela ngayo leyo ncazelo. (Math. 1:19-25) UMathewu ube eselandisa ngephupho likaJosefa lapho ingelosi ithi akabalekele eGibhithe, uhambo lwabo ngesikhathi bebaleka, iphupho likaJosefa lapho ingelosi isithi akabuyele kwa-Israyeli, uhambo lwabo bebuyela emuva nesinqumo asenza sokuhlala nomndeni wakhe eNazaretha. (Math. 2:13, 14, 19-23) Ezahlukweni zokuqala zeVangeli likaMathewu, igama likaJosefa livela izikhathi ezingu-8 kanti igama likaMariya livela izikhathi ezine.
Ngakolunye uhlangothi, ukulandisa kukaLuka kugxila kuMariya. Kulandisa ngesikhathi uMariya evakashelwe ingelosi uGabriyeli, ngesikhathi uMariya evakashela u-Elizabethe nalapho edumisa uJehova. (Luka 1:26-56) ULuka uphinde aveze amazwi kaSimeyoni awasho kuMariya mayelana noshushiso uJesu ayezobhekana nalo. Ngisho nalapho besethempelini ngesikhathi uJesu eneminyaka engu-12, uLuka ucaphuna amazwi ashiwo uMariya hhayi uJosefa. ULuka uphinde akhulume ngokuthi konke lokhu okwenzeka kwamthinta uMariya. (Luka 2:19, 34, 35, 48, 51) Ezahlukweni ezimbili zokuqala zencwadi kaLuka igama likaMariya livela izikhathi ezingu-12 kodwa elikaJosefa livela izikhathi ezintathu kuphela. Ngakho-ke uMathewu ulandisa ngokwakukhathaza uJosefa nezinto azenza ekubeni uLuka uveza imininingwane ngendima kaMariya nezinto abhekana nazo.
Kungaleyo ndlela umlando wozalo lukaJesu ungafani kulamaVangeli amabili. UMathewu uveza uhlu lozalo lukaJosefa ukuze abonise ukuthi njengoba uJesu eyindodana kaJosefa, wayeyindlalifa kaDavide esemthethweni. Kungani? Ngoba uJosefa wayengumzukulu weNkosi uDavide ngohlu lwamadodana kaSolomoni. (Math. 1:6, 16) Ngakolunye uhlangothi, uLuka yena udalula uhlu lozalo lukaMariya bese ebonisa ukuthi uJesu wayeyindlalifa, “enzalweni kaDavide ngokwenyama.” (Roma 1:3) Kungani? Ngoba uMariya wayewumzukulu weNkosi uDavide ngamadodana kaNathani. (Luka 3:31) Kodwa kungani uLuka engambali uMariya njengenye yamadodakazi kaHeli, ubaba kaMariya? Kungenxa yokuthi emlandweni wozalo ngokuvamile kwakubalwa amadodana kuphela. Ngakho, lapho uLuka ebala uJosefa njengendodana kaHeli, kwakwaziwa ukuthi lokho kusho ukuthi uJosefa ungumkhwenyana kaHeli.—Luka 3:23.
Uhlu lomlando wozalo olusencwadini kaMathewu nekaLuka lwenza kucace ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe. Empeleni, umlando kaJesu wawaziwa kahle kangangokuthi ngisho abaFarisi nabaSadusi abazange bawuphikise. Namuhla umlando kaJesu osencwadini kaMathewu nekaLuka uyisisekelo sokholo lwethu futhi ufakazela ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu ziyiqiniso.