ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 43
Zinikele KuJehova Kuphela
“UJehova unguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kuye kuphela.”—NAH. 1:2.
INGOMA 51 Sizinikezele KuNkulunkulu!
AMAZWIBELAa
1. Kungani kufanele sizinikele kuJehova kuphela?
UJEHOVA uyakufanelekela ukuba sizinikele kuye kuphela ngoba unguMdali wethu noMniki-kuphila. (IsAm. 4:11) Nokho, kunenselele esibhekana nayo. Ngisho noma simthanda futhi simhlonipha uJehova, kunezinto ezingasivimbela ukuba sizinikele kuye kuphela. Kudingeka siqonde ukuthi yiziphi lezo zinto. Kodwa ake siqale sixoxe ngokuthi kuhilelani ukuzinikela kuJehova kuphela.
2. Ngokwencwadi ka-Eksodusi 34:14, yini esiyoyenza uma sizinikele kuJehova kuphela?
2 EBhayibhelini, ukuzinikela kuNkulunkulu kusho ukumthanda ngokujulile. Uma sizinikele kuJehova kuphela sizokhonza yena kuphela. Ngeke sivumele muntu nanoma yini enye ukuba ithathe indawo yakhe ezinhliziyweni zethu.—Funda u-Eksodusi 34:14.
3. Sinaziphi izizathu zokuzinikela kuJehova kuphela?
3 Ukuzinikela kwethu kuJehova akukona okungenasisekelo. Kungani? Yingoba kusekelwe emaqinisweni esiwafundile ngaye. Sifunde ngezimfanelo zakhe ezinhle ezisenza simthande. Siyazazi izinto azithandayo nazizondayo futhi nathi sizizwa ngendlela azizwa ngayo ngazo. Siyayiqonda futhi siyayisekela injongo yakhe ngathi. Kuyilungelo ukuba asivumele sibe abangane bakhe. (IHu. 25:14) Konke esikufundayo ngoMdali wethu kusenza sisondelane naye.—Jak. 4:8.
4. (a) Yini uDeveli ayisebenzisayo ukuze asenze singazinikeli kuJehova kuphela? (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
4 UDeveli ulawula leli zwe futhi usebenzisa izinto ezikulo ukuze asenze siphile ngokuvumelana nezifiso zethu ezingokwemvelo futhi kube nzima ngathi ukuba silwe nobuthakathaka besono. (Efe. 2:1-3; 1 Joh. 5:19) Ufuna ukusenza sithande ezinye izinto ukuze sihluleke ukuzinikela kuJehova kuphela. Ake sixoxe ngezindlela ezimbili angase akwenze ngazo lokhu. Okokuqala, usilingela ukuba sithande imali; okwesibili, uzama ukusithonya ukuba sikhethe kabi kwezokuzijabulisa.
QAPHA ISILINGO SOKUTHANDA IMALI
5. Kungani kumelwe siqaphe isilingo sokuthanda imali?
5 Sonke sifuna ukuba nokudla okwanele, izingubo ezikahle zokugqoka nendawo ekahle yokuhlala. Nokho, kumelwe siqaphe singayithandi imali. Abantu abaningi ezweni likaSathane “bathanda imali” nezinto abazithengayo. (2 Thim. 3:2) UJesu wayazi ukuthi abalandeli bakhe bangase balingeke ukuba bathande imali. Wathi, “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Math. 6:24) Umuntu okhonza uJehova ebe echitha isikhathi esiningi namandla eqongelela ingcebo yaleli zwe usuke ekhonza amakhosi amabili. Akazinikele kuJehova kuphela.
6. Singafunda siphi isifundo kulokho uJesu akusho ebandleni laseLawodikeya?
6 Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., amalungu ebandla laseLawodikeya ayezishaya isifuba ethi: “Ngicebile, ngiye ngazuza ingcebo futhi akukho engikudingayo.” Kodwa emehlweni kaJehova noJesu ‘ayesosizini, engawokudatshukelwa, empofu, eyizimpumputhe futhi ehamba-ze.’ UJesu waweluleka, hhayi ngoba ayecebile, kodwa ngoba ukuthanda kwawo imali kwakulimaza ubuhlobo bawo noJehova. (IsAm. 3:14-17) Uma sibona ukuthi isifiso sokufuna ukuceba siyakhula ezinhliziyweni zethu, kumelwe sisheshe silungise indlela esicabanga ngayo. (1 Thim. 6:7, 8) Uma singayishintshi, sizoqala ukuthanda ezinye izinto futhi uJehova ngeke akwamukele ukukhulekela kwethu. Ufuna ‘sizinikele kuye kuphela.’ (Dut. 4:24) Kungenzeka kanjani ukuba imali ize kuqala ekuphileni kwethu?
7-9. Ufundani kulokho okwenzeka kuDavid ongumdala?
7 Cabanga ngesibonelo sikaDavid, umdala okhuthele wase-United States. Uthi wayezinikele emsebenzini wokuziphilisa. Wanikezwa iphromoshini enkampanini ayeyisebenzela futhi wathola umklomelo kazwelonke emkhakheni ayekuwo. Uthi: “Ngaleso sikhathi, ngangicabanga ukuthi le miklomelo iwubufakazi bokuthi uJehova uyangibusisa.” Kodwa ingabe kwakuyisibusiso esivela kuJehova ngempela?
8 UDavid waqala ukubona ukuthi umsebenzi wakhe wawubuphazamisa ubuhlobo bakhe noJehova. Uthi: “Lapho ngisemihlanganweni yebandla nasensimini ngangicabanga ngezinkinga zasemsebenzini. Ngangihola imali eningi, kodwa ngaqala ukucindezeleka futhi saba nezinkinga emshadweni wethu.”
9 UDavid wabona ukuthi kudingeka ahlele kabusha izinto eziza kuqala kuye. Uthi: “Ngenza isinqumo esiwujuqu sokulungisa isimo.” Wayefuna ukushintsha izikhathi ayesebenza ngazo, ngakho wakhuluma nomphathi wakhe. Waba yini umphumela? Waxoshwa emsebenzini! Wenzenjani ngemva kwalokho? Uthi: “Ngakusasa ngagcwalisa ifomu lokuba iphayona elisizayo lesikhathi esiqhubekayo.” Ukuze baphile, uDavid nomkakhe baqala ukubamba amatoho okuhlanza izindlu. Ngemva kwesikhathi, waba yiphayona elivamile, kamuva nomkakhe waba yiphayona elivamile. Bobabili bakhetha ukwenza umsebenzi abaningi abawubukela phansi, kodwa ukuthi benza msebenzi muni akuyona into ebaluleke kakhulu kubo. Ngisho noma sebehola imali encane kakhulu kunaleyo ababeyithola, inyanga ngayinye baba nayo imali eyanele abayidingayo ukuze bakhokhele izindleko zabo. Bafuna ukubeka uJehova kuqala ekuphileni kwabo futhi bazibonele ngawabo ukuthi uJehova uyabanakekela labo abafuna uMbuso kuqala.—Math. 6:31-33.
10. Singayiqapha kanjani inhliziyo yethu?
10 Kungakhathaliseki ukuthi sinemali eningi noma asinayo, kudingeka siqaphe inhliziyo yethu. Kanjani? Ungayithandi imali. Ungavumeli umsebenzi owenzayo uze kuqala kunokukhonza uJehova. Ungabona kanjani ukuthi umsebenzi wakho uza kuqala kuwe? Nansi imibuzo engakusiza uzihlole: ‘Ingabe ngihlale ngicabanga ngomsebenzi wami lapho ngisemhlanganweni noma ensimini? Ingabe ngihlale ngikhathazeke ngokuthi ngizoba nayo yini imali eyanele yokuziphilisa uma sengimdala? Ingabe imali nezinto esinazo zingixabanisa nomuntu engishade naye? Ingabe ngizimisele ukwenza imisebenzi abanye abayibukela phansi ukuze ngikwazi ukuba nesikhathi esengeziwe sokukhonza uJehova?’ (1 Thim. 6:9-12) Lapho sicabanga ngale mibuzo, masikhumbule ukuthi uJehova uyasithanda futhi labo abazinikele kuye ubathembisa lokhu: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” Yingakho umphostoli uPawulu abhala: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali.”—Heb. 13:5, 6.
KHETHA KAHLE IZINTO OZIJABULISA NGAZO
11. Izinto umuntu azijabulisa ngazo zingamthinta kanjani?
11 UJehova ufuna sikujabulele ukuphila futhi izinto zokuzijabulisa zingasisiza sikujabulele ukuphila. Empeleni, iZwi likaNkulunkulu lithi “akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.” (UmSh. 2:24) Nokho, ezokuzijabulisa eziningi kuleli zwe zingaba nomthelela ongemuhle kithi. Zenza abantu bangabi nasimilo, zibakhuthaze ukuba bamukele—noma baze ngisho bathande—izinto iZwi likaNkulunkulu elizilahlayo.
12. Ngokweyoku-1 Korinte 10:21, 22, kungani kufanele sizikhethe kahle izinto esizijabulisa ngazo?
12 Sifuna ukuzinikela kuJehova kuphela, ngakho akufanele sidle “etafuleni likaJehova” sibe sidla “etafuleni lamademoni.” (Funda eyoku-1 Korinte 10:21, 22.) Ngokuvamile ukudla nomuntu kuwuphawu lokuthi ningabangane. Uma sikhetha ukuzijabulisa ngezinto ezikhuthaza udlame, ukusebenzelana nemimoya, ukuziphatha okubi noma ezinye izifiso nemicabango emibi, sisuke empeleni sidla ukudla okuphekwe izitha zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, asigcini nje ngokuzilimaza thina kodwa silimaza nobungane bethu noJehova.
13-14. Ngokwencwadi kaJakobe 1:14, 15, kungani kumelwe sikhathazeke ngezinto esizijabulisa ngazo? Fanekisa.
13 Cabanga ngezindlela eziqondile ezokuzijabulisa ezifana ngazo nokudla. Lapho sidla, singakhetha ukuthi yini esiyifaka emilonyeni. Kodwa okwenzeka lapho sesikugwinyile ukudla kuyazenzakalela futhi umzimba uyazidonsela umsoco osekudleni. Ukudla okunomsoco kusenza sibe imiqemane; ukudla okungenamsoco kuyasigulisa. Singase singasheshi ukuyibona imiphumela, kodwa ngokuhamba kwesikhathi iba sobala.
14 Ngendlela efanayo, lapho sikhetha ezokuzijabulisa, siyakwazi ukukhetha ukuthi yini esiyifaka ezingqondweni zethu. Ngemva kwalokho, lokho esikukhethile kuthinta izingqondo nezinhliziyo zethu ngokuzenzakalelayo. Ukuzijabulisa okuhle kungasiqabula; ukuzijabulisa okungazuzisi kungasilimaza. (Funda uJakobe 1:14, 15.) Singase singasheshi ukubona imiphumela yokuzijabulisa okubi, kodwa ngokuhamba kwesikhathi iba sobala. Yingakho iBhayibheli lisixwayisa: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni.” (Gal. 6:7, 8) Akuve kubalulekile ngathi ukuba sigweme ukuzijabulisa okukhuthaza izinto uJehova azizondayo!—IHu. 97:10.
15. Yisiphi isipho esisijabulelayo uJehova asinikeze sona?
15 Iningi labantu bakaJehova lijabulela ukubukela isiteshi esimnandi esikuyi-inthanethi, i-JW Broadcasting®. Udade onguMarilyn uthi: “I-JW Broadcasting ingilethela injabulo ekuphileni futhi akudingeki ngihlunge izinto engizibukelayo kuyo. Lapho nginomzwangedwa noma ngidangele, ngithola inkulumo ekhuthazayo noma uhlelo lokuKhulekela Kwasekuseni engingalubukela. Lokhu kungenza ngizizwe ngisondelene noJehova nenhlangano yakhe. Ilungiselelo le-JW Broadcasting likushintshe ngokuphelele ukuphila kwami.” Ingabe uyazuza kulesi sipho esivela kuJehova? Ngaphezu kohlelo esilunikezwa nyanga zonke, i-JW Broadcasting inezinye izinhlelo eziningi ezilalelwayo, ezibukelwayo nezingoma ezikhuthazayo.
16-17. Kungani kumelwe silawule isikhathi esisichitha kwezokuzijabulisa, futhi singakwenza kanjani lokho?
16 Akufanele sigcine ngokulawula uhlobo lwezinto esizijabulisa ngazo kodwa kufanele silawule nesikhathi esisichitha ekuzijabuliseni. Uma singasilawuli, singase sichithe isikhathi esiningi kwezokuzijabulisa kunasekukhonzeni uJehova. Kunzima kwabaningi ukulawula isikhathi abasichitha kwezokuzijabulisa. U-Abigail, udade oneminyaka engu-18, uthi: “Ukubukela i-TV ngemva kosuku olude obelumatasa kuyangisiza ngiphumule. Kodwa uma nginganakile, ngingachitha amahora amaningi ngigqolozele i-TV.” Umzalwane osemusha uSamuel uthi: “Ngezinye izikhathi ngibukela amavidiyo amaningi ayiziqeshana ku-Inthanethi. Ngiqala ngokubuka eyodwa, ngithi ngiphaphama, kusuke sekuphele amahora amathathu noma amane ngiku-inthanethi.”
17 Ungasilawula kanjani isikhathi osichitha kwezokuzijabulisa? Okokuqala, thola ukuthi singakanani isikhathi osichitha ekuzijabuliseni. Kunganjani ubhale phansi osichitha ngesonto elilodwa? Bhala ekhalendeni ukuthi mangaki amahora owachitha ubukela ithelevishini, ungene ku-inthanethi noma udlala imidlalo kumakhalekhukhwini. Uma unomuzwa wokuthi siningi isikhathi osichitha kulezi zinto, zama ukwenza ishejuli. Hlela isikhathi sokwenza izinto ezibalulekile kuqala bese ubeka isikhathi ozozijabulisa ngaso. Ngemva kwalokho, cela uJehova akusize unamathele kuleyo shejuli. Ngaleyo ndlela, uzoba nesikhathi namandla owadingayo okutadisha, okuba nokukhulekela komkhaya, okuya emihlanganweni yebandla nawokuya enkonzweni yasensimini. Uma wenza kanjalo, ngeke uzizwe unecala lokuthi uchitha isikhathi esiningi ekuzijabuliseni.
HLALA UZINIKELE KUJEHOVA KUPHELA
18-19. Singabonisa kanjani ukuthi sizinikele kuJehova kuphela?
18 Ngemva kokubhala ngokuphela kwezwe likaSathane nokufika kwezwe elisha, umphostoli uPetru wathi: “Bathandekayo, njengoba nilindele lezi zinto, yenzani konke okusemandleni enu ukuba ekugcineni anithole ningenabala, ningenasici futhi nisekuthuleni.” (2 Pet. 3:14) Uma sisilalela lesi seluleko futhi senza konke esingakwenza ukuze siphile futhi sikhonze uJehova ngendlela ayifunayo, siyobe sibonisa ukuthi sizinikele kuye kuphela.
19 USathane nezwe lakhe uzoqhubeka esilingela ukuba singambeki kuqala uJehova ekuphileni kwethu. (Luka 4:13) Naphezu kwezinselele esibhekana nazo, ngeke sivumele muntu nanoma yini ukuba ithathe indawo kaJehova ezinhliziyweni zethu. Sizimisele ukunikeza uJehova lokho okumfanele—ukuzinikela kuye kuphela!
INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, Nomngane
a Siyakuthanda ukukhonza uJehova. Kodwa ingabe sizinikele kuye kuphela? Lokho kuxhomeke ezinqumweni esizenzayo. Ake sixoxe ngezinto ezimbili ekuphileni kwethu ezingasisiza sibone izinga lokuzinikela kwethu kuJehova.
b INCAZELO YEZITHOMBE: Ngeke sikujabulele ukudla ukudla okuphekwe ekhishini elingcolile. Pho kungani singafuna ukuzijabulisa ngezinto ezigcwele udlame, ukusebenzelana nemimoya noma ukuziphatha okubi?