1 AmaKhosi
15 Ngonyaka weshumi nesishiyagalombili weNkosi uJerobowamu+ indodana kaNebhati,+ u-Abhiyamu waba yinkosi phezu kukaJuda.+ 2 Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha+ umzukulu ka-Abhishalomu.+ 3 Wahamba kuzo zonke izono zikayise azenza ngaphambi kwakhe; futhi inhliziyo yakhe ayizange ibe ephelele+ kuJehova uNkulunkulu wakhe, njengenhliziyo kaDavide ukhokho wakhe.+ 4 Ngoba, ngenxa kaDavide,+ uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani+ eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe ngemva kwakhe nangokugcina iJerusalema likhona,+ 5 ngoba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, futhi akazange aphambuke kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe,+ kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.+ 6 Kwaba khona impi phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe.+
7 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zika-Abhiyamu nakho konke akwenza, akulotshiwe yini encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwaJuda? Kwaba khona impi futhi phakathi kuka-Abhiyamu noJerobowamu.+ 8 Ekugcineni u-Abhiyamu walala nokhokho bakhe wangcwatshwa eMzini KaDavide;+ u-Asa+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.
9 Ngonyaka wamashumi amabili wokubusa kukaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa wabusa njengenkosi kwaJuda. 10 Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; futhi igama likagogo wakhe kwakunguMahakha+ umzukulu ka-Abhishalomu.+ 11 U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova, njengoDavide ukhokho wakhe.+ 12 Ngakho wayaleza ukuba kususwe ezweni izifebe zesilisa zasethempelini+ wasusa nazo zonke izithombe ezinjengendle+ okhokho bakhe ababezenzile.+ 13 Ngisho noMahakha+ uninakhulu, wamsusa wangabe esaba yindlovukazi,+ ngoba wayenzele isigxobo esingcwele isithombe esisabekayo; okwathi ngemva kwalokho u-Asa wasigawula leso sithombe sakhe+ esisabekayo wasishisa+ esigodini sesifufula saseKidroni.+ 14 Kodwa izindawo eziphakeme+ akazange azisuse.+ Nokho, inhliziyo ka-Asa yayiphelele kuJehova zonke izinsuku zakhe.+ 15 Wangenisa endlini kaJehova izinto uyise ayezenze ngcwele nezinto yena ngokwakhe ayezenze ngcwele, isiliva negolide nezimpahla.+
16 Futhi kwakukhona impi phakathi kuka-Asa noBhahasha+ inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. 17 Ngakho uBhahasha inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka wahlasela uJuda futhi waqala ukwakha iRama,+ ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa inkosi yakwaJuda.+ 18 U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisale engcebweni yendlu kaJehova nasengcebweni yendlu yenkosi walibeka esandleni sezinceku zakhe; iNkosi u-Asa yalithumela kuBheni-hadadi+ indodana kaThabhirimoni indodana kaHeziyoni, inkosi yaseSiriya,+ owayehlala eDamaseku,+ ethi: 19 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, phakathi kukababa noyihlo. Bheka ngikuthumelelé isipho+ sesiliva negolide. Bheka, phula isivumelwano sakho noBhahasha inkosi yakwa-Israyeli, ukuze angiyeke.”+ 20 Ngenxa yalokho uBheni-hadadi wayilalela iNkosi u-Asa wathumela izinduna zamabutho akhe empi ukuyolwa nemizi yakwa-Israyeli futhi washaya i-Ijoni+ nelakwaDani+ ne-Abela-bheti-mahakha+ nalo lonke iKhinereti, kuze kufike kulo lonke izwe lakwaNafetali.+ 21 Kwathi nje lapho uBhahasha ezwa ngakho, wayeka masinyane ukwakha iRama+ waqhubeka ehlala eTiriza.+ 22 INkosi u-Asa yona, yabiza wonke uJuda+—akekho noyedwa owasala—futhi bathatha amatshe aseRama nezingodo zalo, uBhahasha ayekade akha ngakho; iNkosi u-Asa yakha ngakho iGeba+ kwaBhenjamini, neMispa.+
23 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zika-Asa nawo wonke amandla akhe nakho konke akwenza nemizi ayakha, akulotshiwe yini encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwaJuda? Kuphela nje ngesikhathi sokuguga+ kwakhe wangenwa yisifo ezinyaweni.+ 24 Ekugcineni u-Asa walala nokhokho bakhe+ wangcwatshwa nokhokho bakhe eMzini KaDavide ukhokho wakhe;+ uJehoshafati+ indodana yakhe waqala ukubusa esikhundleni sakhe.
25 Ngokuqondene noNadabi+ indodana kaJerobowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda; futhi wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. 26 Wayelokhu enza okubi+ emehlweni kaJehova futhi ehamba endleleni kayise+ nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.+ 27 UBhahasha+ indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wayesemakhela uzungu; futhi uBhahasha wambulala eGibhethoni,+ okwakungelamaFilisti, ngesikhathi uNadabi no-Israyeli wonke bevimbezele iGibhethoni. 28 Ngakho uBhahasha wambulala ngonyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda waqala ukubusa esikhundleni sakhe.+ 29 Kwathi nje lapho eba yinkosi, wayibulala yonke indlu kaJerobowamu. Akavumelanga ukuba kusale ngisho noyedwa ophefumulayo kaJerobowamu kwaze kwaba yilapho esebabhuqile, ngokwezwi likaJehova ayelikhulume ngenceku yakhe u-Ahiya waseShilo,+ 30 ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo+ nabangela ngazo ukuba u-Israyeli one nangokucasula kwakhe acasula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.+ 31 Ngokuqondene nazo zonke izindaba zikaNadabi nakho konke akwenza, akulotshiwe yini encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli? 32 Futhi kwaba khona impi phakathi kuka-Asa noBhahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.+
33 Ngonyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda, uBhahasha indodana ka-Ahiya waba yinkosi phezu kuka-Israyeli wonke eTiriza iminyaka engamashumi amabili nane.+ 34 Futhi waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova+ wahamba endleleni kaJerobowamu+ nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.+