-
IHubo 51:Umbhalo ongenhla-19INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele
-
-
Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Lapho uNathani umprofethi efika kuye ngemva kokuba elalé noBhati-sheba.+
51 O Nkulunkulu, ngibonise umusa ngokomusa wakho wothando.+
Sula izeqo zami ngokuvumelana nokuchichima kwesihe sakho.+
Ngenzé okubi emehlweni akho,+
Ukuze ube ngolungile lapho ukhuluma,+
Ukuze ungabi nakusolwa lapho wahlulela.+
6 Bheka! Ukujabulele ukuba neqiniso ezibilinini;+
Kulokho engiyikho ekusithekeni kwangathi ungangenza ngazi ukuhlakanipha kodwa.+
7 Kwangathi ungangihlanza esonweni ngehisopi, ukuze ngihlanzeke;+
Kwangathi ungangigeza, ukuze ngibe mhlophe ngisho kunaneqhwa.+
10 O Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela,+
Ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.+
14 Ngikhulule ekubeni necala legazi,+ Nkulunkulu onguNkulunkulu wensindiso yami,+
Ukuze ulimi lwami lulandise ngenjabulo ngokulunga kwakho.+
16 Ngoba awujabuli ngomhlatshelo—ukube bekungenjalo bengizowunikela;+
Awujatshuliswa umnikelo wokushiswa ophelele.+
17 Imihlatshelo eya kuNkulunkulu iwumoya ophukile;+
O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.+
-