Isaya
31 Maye kulabo abehlela eGibhithe beyofuna usizo,+ labo abathembela emahhashini nje,+ nababeka ithemba labo ezinqoleni zempi,+ ngoba ziziningi, nasemahhashini empi, ngoba enamandla kakhulu, kodwa abangazange babheke koNgcwele ka-Israyeli futhi abangazange bamfune uJehova.+ 2 Uhlakaniphile futhi,+ futhi uyoletha okuyinhlekelele,+ akazange awahoxise amazwi akhe;+ ngokuqinisekile uyovukela indlu yabenzi bokubi+ avukele nosizo lwalabo abakwenza umkhuba okulimazayo.+
3 Nokho, abaseGibhithe bangabantu basemhlabeni,+ abayena uNkulunkulu; namahhashi abo ayinyama,+ awawona umoya. UJehova ngokwakhe uyokwelula isandla sakhe, futhi lowo onikeza usizo kuyomelwe akhubeke,+ nalowo osizwayo kuyomelwe awe, futhi bayophela bonke ngasikhathi sinye.
4 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi: “Njengoba nje ingonyama igwavuma, yebo ibhongo lengonyama elinomhlwenga,+ igwavuma ilwela inyamazane yayo, lapho ibizelwa isibalo esigcwele sabelusi, naphezu kwezwi labo ngeke yethuke naphezu kwesiyaluyalu sabo ngeke idede; ngendlela efanayo uJehova wamabutho uyokwehla ngenjongo yokulwela iNtaba yaseZiyoni negquma lalo.+ 5 Njengezinyoni ezindizayo, uJehova wamabutho uyolivikela ngendlela efanayo iJerusalema.+ Lapho elivikela, ngokuqinisekile uyolikhulula futhi.+ Lapho eliphephisa, uyolenza liphunyuke futhi.”
6 Buyelani+ kuLowo abantwana bakwa-Israyeli abaye bangena shí ekumvukeleni kwabo.+ 7 Ngoba ngalolo suku bayokwala yilowo nalowo onkulunkulu bakhe besiliva abangenanzuzo nonkulunkulu bakhe begolide abangasizi ngalutho,+ izandla zenu ezinenzele bona njengesono.+ 8 UmAsiriya uyowa ngenkemba, kungeyona eyomuntu; futhi inkemba, okungeyona eyomuntu wasemhlabeni, iyomshwabadela.+ Uyobaleka ngenxa yenkemba, izinsizwa zakhe zibe ngezokwenza umsebenzi ophoqelelwe. 9 Idwala lakhe liyodlula ngenxa yokwethuka kodwa, futhi ngenxa yesibonakaliso+ izikhulu zakhe ziyokwesaba kakhulu,” kusho uJehova, okukhanya kwakhe kuseZiyoni nosithando sakhe somlilo+ siseJerusalema.