Jeremiya
44 Leli yizwi elafika kuJeremiya liya kuwo wonke amaJuda ayehlala ezweni laseGibhithe,+ lawo ayehlala eMigidoli+ naseThahipanehesi+ naseNofi+ nasezweni lasePhatirosi,+ lithi: 2 “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Nizibonele ngokwenu yonke inhlekelele engiyilethé phezu kweJerusalema+ naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda, futhi bhekani namuhla iyindawo ebhuqiwe, futhi akukho muntu owakhile kuyo.+ 3 Kungenxa yobubi babo ababenza ukuze bangicasule, ngokuhamba bayoshunqisa umusi womhlatshelo+ nangokunikela inkonzo kwabanye onkulunkulu ababengabazi bona, nani nokhokho benu.+ 4 Futhi ngangilokhu ngithumela kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngivuka ekuseni ngizithumela,+ ngithi: “Sizani ningalwenzi lolu hlobo olunengekayo lwento engiyizondile.”+ 5 Kodwa abalalelanga,+ futhi abazange bathambekise indlebe yabo ukuba babuye ebubini babo ngokungashunqiseli abanye onkulunkulu umusi womhlatshelo.+ 6 Ngakho-ke ukufutheka kwami, nentukuthelo yami, kwathululwa futhi kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema;+ futhi yaba yindawo ebhuqiwe, ihlane eliyincithakalo, njengakulolu suku.’+
7 “Manje yilokhu uJehova, uNkulunkulu wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Kungani nibangela imiphefumulo yenu+ inhlekelele enkulu, ukuze ninqume phakathi kwenu indoda nowesifazane, umntwana nosancela,+ baphele kwaJuda, kangangokuba ningazishiyeli insali; 8 ngokungicasula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushunqisela abanye onkulunkulu+ umusi womhlatshelo ezweni laseGibhithe, eningena kulo ukuyogogobala khona; ngenjongo yokuzibangela ukunqunywa nangenjongo yokuba nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?+ 9 Nizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu+ nezenzo ezimbi zamakhosi akwaJuda+ nezenzo ezimbi zomkawo+ nezenzo ezimbi zenu siqu nezenzo ezimbi zomkenu,+ abazenzile ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema? 10 Kuze kube yilolu suku abazange bazizwe bechobozekile,+ futhi abazange besabe,+ noma bahambe ngomthetho+ wami nangezimiso zami engazibeka phambi kwenu naphambi kokhokho benu.’+
11 “Ngakho-ke yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Bhekani ngimisa ubuso bami ngokumelene nani kube yinhlekelele nokunqunywa kukaJuda wonke.+ 12 Ngizothatha insali yakwaJuda ephokophelele ukungena ezweni laseGibhithe ukuze igogobale khona,+ futhi ngokuqinisekile iyophela yonke ezweni laseGibhithe.+ Iyowa ngenkemba; futhi iyophela ngendlala,+ kusukela komncane kunabo bonke kuye ngisho nakomkhulu kunabo bonke; iyofa ngenkemba nangendlala. Futhi iyoba yisiqalekiso, into eshaqisayo nesithuko nesihlamba.+ 13 Ngiyokwenza abahlala ezweni laseGibhithe balandise, njengoba nje ngenza ukuba iJerusalema lilandise, ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe.+ 14 Ngeke kube khona ophunyukile noma osindile ensalini yakwaJuda engenayo ukuyogogobala khona, ezweni laseGibhithe,+ ngisho nokubuyela ezweni lakwaJuda abaphakamisa isifiso somphefumulo wabo ukuthi bayobuyela khona ukuze bahlale;+ ngoba ngeke babuyele, ngaphandle kwabathile abayophunyuka.’”
15 Futhi wonke amadoda abekwazi ukuthi omkawo babeshunqisela abanye onkulunkulu umusi womhlatshelo,+ nabo bonke abafazi ababema njengebandla elikhulu nabo bonke abantu ababehlala ezweni laseGibhithe,+ ePhatirosi,+ bamphendula uJeremiya, bethi: 16 “Ngokuqondene nezwi olikhulume kithi egameni likaJehova, ngeke sikulalele;+ 17 kodwa ngokuqinisekile sizokwenza wonke amazwi aphumé emlonyeni wethu,+ ukuze sishunqisele ‘indlovukazi yamazulu’+ umusi womhlatshelo futhi siyithululele neminikelo yokuphuzwayo,+ njengoba nje thina ngokwethu+ nokhokho+ bethu, amakhosi+ ethu nezikhulu zethu senza emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, lapho sasizanelisa khona ngesinkwa simi kahle, futhi asizange nhlobo siyibone inhlekelele.+ 18 Futhi kusukela esikhathini esayeka ngaso ukushunqisela ‘indlovukazi yamazulu’ umusi womhlatshelo+ nokuyithululela iminikelo yokuphuzwayo siye santula yonke into, futhi siphelile ngenkemba nangendlala.+
19 “Futhi, lapho sasishunqisela ‘indlovukazi yamazulu’ umusi womhlatshelo+ futhi sithambekele ekuyithululeleni iminikelo yokuphuzwayo,+ ingabe sayenzela amaqebelengwane omhlatshelo singacelanga kubayeni bethu, ukuze senze umfanekiso wayo, futhi siyithululele iminikelo yokuphuzwayo?”+
20 UJeremiya yena wakhuluma kubo bonke abantu, emadodeni anamandla nakubafazi nakubo bonke abantu, ababemphendula ngezwi, wathi: 21 “Ngokuphathelene nomusi womhlatshelo enaniwushunqisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema,+ nina+ nokhokho benu,+ amakhosi enu+ nezikhulu zenu+ nabantu bezwe, akukhona yini lokhu uJehova akukhumbula futhi okwafika enhliziyweni yakhe?+ 22 Ekugcineni, uJehova wayengasenakukubekezelela ngenxa yobubi bezenzo zenu, ngenxa yezinto ezinengekayo enanizenzile,+ kanjalo izwe lenu laba yindawo ebhuqiwe nento eshaqisayo nesiqalekiso, ingenamuntu owakhileyo, njengakulolu suku.+ 23 Ngenxa yokuthi nashunqisa umusi womhlatshelo+ futhi nona kuJehova,+ anizange nililalele izwi likaJehova+ futhi anizange nihambe ngomthetho+ wakhe nangezimiso zakhe nangezikhumbuzo zakhe, yingakho niye nehlelwa yile nhlekelele njengakulolu suku.”+
24 UJeremiya waqhubeka wathi kubo bonke abantu nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaJehova, nonke nina bakwaJuda enisezweni laseGibhithe.+ 25 Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushilo, ‘Kepha nina madoda nabafazi benu,+ nina besifazane niyakhuluma nangemilomo yenu, (futhi nikugcwalisile ngezandla zenu,) nithi: “Nakanjani siyozigcwalisa izifungo zethu esizenzile,+ ukuba sishunqisele ‘indlovukazi yamazulu’+ umusi womhlatshelo futhi siyithululele iminikelo yokuphuzwayo.”+ Nina besifazane nakanjani niyozifeza izifungo zenu, futhi nakanjani niyozenza izifungo zenu.’
26 “Ngakho-ke yizwani izwi likaJehova, nonke nina bakwaJuda enihlala ezweni laseGibhithe,+ ‘“Bhekani mina ngokwami ngifungé igama lami elikhulu,”+ kusho uJehova, “ukuthi igama lami ngeke lisaba yinto eyobizwa umlomo wanoma yimuphi umuntu wakwaJuda,+ ethi, ‘Kuphila kweNkosi EnguMbusi uJehova!’+ kulo lonke izwe laseGibhithe. 27 Bhekani ngihlala ngiqaphile ngakubo ukuba ngibalethele inhlekelele hhayi okuhle;+ futhi wonke amadoda akwaJuda asezweni laseGibhithe ngokuqinisekile ayophela ngenkemba nangendlala, aze angabe esaba khona.+ 28 Kepha abaphunyuka enkembeni, bayosuka eGibhithe babuyele ezweni lakwaJuda, bembalwa ngesibalo;+ futhi bonke abensali yakwaJuda, abangena ezweni laseGibhithe ukuba bagogobale khona, ngokuqinisekile bayokwazi ukuthi yizwi likabani eliba yiqiniso, ukuthi elami yini noma elabo.”’”+
29 “‘Futhi lokhu kuyisibonakaliso kini,’+ kusho uJehova, ‘sokuthi ngiyaninaka kule ndawo, ukuze nazi ukuthi amazwi ami ayogcwaliseka nakanjani phezu kwenu kube yinhlekelele:+ 30 Yilokhu uJehova akushilo: “Bheka nginikela uFaro Hofira, inkosi yaseGibhithe,+ esandleni sezitha zakhe nasesandleni salabo abafuna umphefumulo wakhe,+ njengoba nje ngimnikele uZedekiya inkosi yakwaJuda esandleni sikaNebukhadirezari inkosi yaseBhabhiloni, isitha sakhe nalowo ofuna umphefumulo wakhe.”’”+