Hezekeli
19 “Wena, phakamisa ingoma yokulila+ ngokuphathelene nezikhulu zakwa-Israyeli,+ 2 uthi, ‘Wayeyini unyoko? Wayeyingonyamakazi phakathi kwezingonyama.+ Walala phansi phakathi kwamabhongo ezingonyama anomhlwenga. Wakhulisa amawundlu akhe.
3 “‘Kancane kancane wakhulisa elinye lamawundlu akhe.+ Laba ibhongo lengonyama elinomhlwenga, lafunda ukudwengula inyamazane.+ Lashwabadela ngisho nomuntu wasemhlabeni. 4 Izizwe zazilokhu zizwa ngalo. Labanjwa emgodini wazo, zaliletha ngezingwegwe ezweni laseGibhithe.+
5 “‘Lapho ebona ukuthi wayelindile nokuthi ithemba lakhe lase lishabalele, wathatha elinye lamawundlu akhe.+ Walikhipha njengebhongo lengonyama elinomhlwenga. 6 Laqala ukuhambahamba phakathi kwezingonyama. Laba ibhongo lengonyama elinomhlwenga. Kancane kancane lafunda ukudwengula inyamazane.+ Lashwabadela ngisho nomuntu wasemhlabeni.+ 7 Layazi imibhoshongo yakhe yokuhlala, labhuqa imizi yabo,+ kangangokuthi izwe lenziwa incithakalo laligcwalisa ngomsindo wokubhonga kwalo.+ 8 Izizwe ezinxazonke ezifundeni zombuso zaqala ukumelana nalo+ futhi zelulela inetha lazo phezu kwalo.+ Labanjwa emgodini wazo.+ 9 Ekugcineni zalifaka endlwaneni ngezingwegwe zaliyisa enkosini yaseBhabhiloni.+ Zaliyisa ngamanetha okuzingela ukuze izwi lalo lingabe lisazwakala phezu kwezintaba zakwa-Israyeli.+
10 “‘Unyoko+ wayenjengomvini egazini lakho,+ etshalwe ngasemanzini. Waba umtheli wezithelo wagcwala amagatsha ngenxa yamanzi amaningi.+ 11 Aba yizinduku zakhe eziqinile, ngenjongo yokuba yizintonga zababusi.+ Kancane kancane ukuphakama kwawo kwaba kukhulu phakathi kwamagatsha, wabonakala ngenxa yobude bawo, ngenxa yobuningi bamahlamvu awo.+ 12 Kodwa ekugcineni wasishulwa ngokufutheka.+ Waphonswa emhlabathini, futhi kwaba khona umoya wasempumalanga owazomisa izithelo zakhe.+ Induku yakhe eqinile yaphulwa yoma.+ Umlilo wawushwabadela.+ 13 Manje utshalwe ehlane,+ ezweni elingenamanzi nelomile.+ 14 Kwaphuma umlilo endukwini yakhe.+ Washwabadela amahlumela akhe, zona kanye izithelo zakhe, kwangaba khona nduku eqinile kuye, kwangaba khona ntonga yokubusa.+
“‘Leyo yingoma yokulila, futhi iyoba yingoma yokulila.’”+