Eyesibili KaSamuweli
10 Kamuva inkosi yama-Amoni + yashona, uHanuni indodana yayo wabusa esikhundleni sayo. + 2 UDavide wathi: “Ngizombonisa uthando oluqotho uHanuni indodana kaNahashi, njengoba nje uyise angibonisa uthando oluqotho.” Ngakho uDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngenxa yokushona kukayise. Kodwa lapho izinceku zikaDavide zifika ezweni lama-Amoni, 3 izikhulu zama-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Ucabanga ukuthi uDavide udumisa uyihlo ngokuthumela abantu abazokududuza? Akukhona yini ukuthi uDavide uthumele izinceku zakhe kuwe ukuze zenze uphenyo edolobheni, zilihlole ukuze aligumbuqele?” 4 Ngakho uHanuni wathatha izinceku zikaDavide wazishefa ingxenye yentshebe, + wasika izingubo zazo ukusuka ezinqeni kwehle, wayesezidedela zahamba. 5 Lapho uDavide etshelwa ngalokhu, ngaso leso sikhathi wathumela amadoda ukuba ayozihlangabeza, ngoba zazilulazeke kakhulu; inkosi yathi kuzo: “Hlalani eJeriko + zize zikhule izintshebe zenu, bese niyabuya.”
6 Ngokuhamba kwesikhathi ama-Amoni abona ukuthi uDavide wayesewazonda, ngakho ama-Amoni athumela izithunywa zayoqasha amaSiriya aseBheti-rehobe + namaSiriya aseZoba, + amasosha ahamba ngezinyawo angu-20 000; nenkosi yaseMahakha + namadoda angu-1 000; namadoda angu-12 000 ase-Ishithobi. *+ 7 Lapho uDavide ezwa ngalokho, wathumela uJowabe nalo lonke ibutho kanye namaqhawe akhe anamandla. + 8 Ama-Amoni aphuma alungela impi phambi kwesango ledolobha, kuyilapho amaSiriya aseZoba nawaseRehobe kanye nabase-Ishithobi* nabaseMahakha bebodwa esigangeni.
9 Lapho uJowabe ebona ukuthi impi yayimqhamukela ngaphambili nangemuva, wakhetha abathile emasosheni angamaqhawe kwa-Israyeli, wabahlela ukuba bayolwa namaSiriya. + 10 Wonke amanye amadoda wawabeka ngaphansi* kuka-Abhishayi umfowabo, + ukuze awahlelele ukuyolwa nama-Amoni. + 11 Wabe esethi: “Uma amaSiriya engidonsisa kanzima, kumele uze uzongisiza; kodwa uma ama-Amoni ekudonsisa kanzima, ngizoza ngizokusiza. 12 Kumele siqine sibe nesibindi + ngenxa yabantu bakithi nangenxa yamadolobha kaNkulunkulu wethu, uJehova uzokwenza okuhle emehlweni akhe.” +
13 UJowabe namadoda ayekanye naye basondela balwa namaSiriya, amaSiriya ambalekela. + 14 Lapho ama-Amoni ebona ukuthi amaSiriya abalekile, nawo ambalekela u-Abhishayi angena edolobheni. Ngemva kokulwa nabakwa-Amoni, uJowabe weza eJerusalema.
15 Lapho amaSiriya ebona ukuthi u-Israyeli uwahlulile, aphinde abuthana ukuze alwe. + 16 Ngakho uHadadezeri + wathumela izithunywa zayolanda amaSiriya ayehlala ngaseMfuleni, *+ eza eHelamu kanye noShobaki induna yebutho likaHadadezeri owayewahola.
17 Lapho uDavide ethola umbiko, ngokushesha wahlanganisa wonke u-Israyeli wawela iJordani waya eHelamu. AmaSiriya alungela impi ukuze abhekane noDavide, alwa naye. + 18 Kodwa amaSiriya ambalekela u-Israyeli; uDavide wabulala abashayeli bezinqola abangu-700 nabagibeli bamahhashi bamaSiriya abangu-40 000, wabulala uShobaki induna yebutho lawo, wafela khona lapho. + 19 Lapho wonke amakhosi, izinceku zikaHadadezeri, ebona ukuthi u-Israyeli uwahlulile, ngokushesha enza ukuthula no-Israyeli aba ngaphansi kwakhe; + amaSiriya ayesesaba ukuphinde asize ama-Amoni.