Eyesibili YamaKhosi
11 Lapho u-Athaliya + unina ka-Ahaziya, ebona ukuthi indodana yakhe ifile, + wabulala yonke inzalo yasebukhosini. *+ 2 Nokho, uJehosheba indodakazi yeNkosi uJehoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wathatha uJehowashi + indodana ka-Ahaziya wameba emadodaneni enkosi ayezobulawa, wamfaka ekamelweni lokulala elingaphakathi yena nomzanyana* wakhe. Bakwazi ukumcashisa ukuze u-Athaliya angamtholi, ngakho akazange abulawe. 3 Wahlala naye iminyaka eyisithupha ecashiswe endlini kaJehova ngesikhathi u-Athaliya ebusa izwe.
4 Ngonyaka wesikhombisa uJehoyada wabiza izinduna zamakhulu zonogada benkosi nezonogada besigodlo, *+ wazingenisa endlini kaJehova. Wenza nazo isivumelwano, wazifungisa endlini kaJehova, ngemva kwalokho wazibonisa indodana yenkosi. + 5 Waziyala, wathi: “Nakhu okumele nikwenze: Iqembu elilodwa kwamathathu kini lizogada indlu* yenkosi + ngeSabatha, 6 elinye lizoba sesangweni elibizwa ngokuthi iSango Lesisekelo, bese kuthi elinye lokugcina libe sesangweni elingemva konogada besigodlo. Nizoyigada ngokushintshana indlu. 7 Amaqembu enu amabili azobe engasebenzi ngeSabatha kumele ayigade ngokucophelela indlu kaJehova ukuze avikele inkosi. 8 Kumele niyihaqe inkosi nxazonke, ngamunye ephethe izikhali zakhe ngesandla. Noma ubani ongena phakathi kwenu uyobulawa. Ningahlukani nenkosi nomaphi lapho iya khona.”*
9 Izinduna zamakhulu + zenza njengoba nje uJehoyada umpristi ayeziyalile. Ngakho ngayinye yathatha amadoda angaphansi kwayo ayesebenza ngeSabatha, kanye nalawo ayengasebenzi ngeSabatha, zeza kuJehoyada umpristi. + 10 Umpristi wanika lezi zinduna zamakhulu imikhonto namahawu ayindilinga okwakungokweNkosi uDavide, okwakusendlini kaJehova. 11 Onogada besigodlo + bama ezindaweni zabo ngamunye ephethe izikhali zakhe ngesandla, kusukela ngasohlangothini lwesokudla lwendlu kuze kufike ohlangothini lwesobunxele lwendlu, ngase-altare + nangasendlini, nxazonke zenkosi. 12 Ngemva kwalokho uJehoyada wayikhiphela ngaphandle indodana yenkosi + wayithwesa umqhele noBufakazi *+ bayibeka yaba inkosi, bayigcoba. Bashaya ihlombe bathi: “Mana njalo nkosi!” +
13 Lapho u-Athaliya ezwa umsindo wabantu begijima, waphuthuma waya kubantu endlini kaJehova. + 14 Wabona inkosi imi ngasensikeni ngokwenkambiso. + Izinduna nabashaya amacilongo + babekanye nenkosi, nabo bonke abantu bezwe babejabule beshaya amacilongo. Lapho ebona lokhu u-Athaliya waklebhula izingubo zakhe wamemeza wathi: “Uzungu! Uzungu!” 15 Kodwa uJehoyada umpristi wayala izinduna zamakhulu + ezaziphethe ibutho lempi, wathi kuzo: “Mkhipheni phakathi kwebutho, uma kukhona omlandelayo, mbulaleni ngenkemba!” Ngoba umpristi wayethe: “Ningambulaleli endlini kaJehova u-Athaliya.” 16 Ngakho zambamba, kwathi lapho zifika naye esangweni lamahhashi lendlu yenkosi, *+ zambulalela khona.
17 UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu, + ukuthi bazoqhubeka bengabantu bakaJehova, wenza nesivumelwano phakathi kwenkosi nabantu. + 18 Ngemva kwalokho bonke abantu bezwe baya endlini* kaBhali badiliza ama-altare akhe, + baphihliza imifanekiso yakhe, + babulala uMathani umpristi kaBhali + phambi kwama-altare.
Umpristi wabe esemisa abaqondisi phezu kwendlu kaJehova. + 19 Ngaphezu kwalokho, wathatha izinduna zamakhulu, + onogada benkosi, onogada besigodlo + nabo bonke abantu bezwe, ukuba behlise inkosi beyisusa endlini kaJehova, baya endlini yenkosi* ngendlela edlula esangweni lonogada. Inkosi yabe isihlala esihlalweni sobukhosi. + 20 Ngakho bonke abantu bezwe bajabula, idolobha laba nokuthula, ngoba u-Athaliya babembulale ngenkemba endlini yenkosi.
21 UJehowashi + wayeneminyaka eyisikhombisa lapho eba inkosi. +