Eyesibili YamaKhosi
14 Ngonyaka wesibili kaJehowashi + indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli, u-Amaziya indodana kaJehowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2 Wayeneminyaka engu-25 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-29 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJehowadini waseJerusalema. + 3 Waqhubeka enza okulungile emehlweni kaJehova, kodwa hhayi njengoDavide + ukhokho wakhe. Wenza yonke into ngendlela uJehowashi uyise ayenze ngayo. + 4 Nokho, izindawo eziphakeme azizange zisuswe, + abantu babesayenza imihlatshelo beshunqisa nomusi womhlatshelo ezindaweni eziphakeme. + 5 Kwathi nje lapho esewubambe waqina umbuso, wabulala izinceku zakhe ezazibulale uyise inkosi. + 6 Kodwa amadodana alabo babulali akazange awabulale, ngokuvumelana nomyalo kaJehova olotshwe encwadini yoMthetho KaMose othi: “Oyise akufanele babulawe ngenxa yamadodana abo, namadodana akufanele abulawe ngenxa yoyise; kodwa yilowo nalowo kufanele abulawe ngenxa yesono sakhe.” + 7 Wabulala abakwa-Edomi + eSigodini Sikasawoti, + amadoda angu-10 000, waqhwaga iSela empini, + lase libizwa ngokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.
8 Ngemva kwalokho u-Amaziya wathumela izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi indodana kaJehu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza silwe.” *+ 9 UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela lo myalezo ku-Amaziya inkosi yakwaJuda: “Ukhula olunameva oluseLebhanoni lwathumela umyalezo kumsedari oseLebhanoni, lwathi, ‘Ganisela indodana yami indodakazi yakho.’ Nokho, kwadlula isilo sasendle saseLebhanoni salunyathela ukhula olunameva. 10 Yiqiniso ukuthi umnqobile u-Edomi, + manje inhliziyo yakho isiyaqhosha. Jabula ngodumo lwakho kodwa uhlale endlini yakho.* Kungani kufanele uzibizele inhlekelele futhi unqotshwe, wena kanye noJuda?” 11 Kodwa u-Amaziya akalalelanga. +
Ngakho uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka, yena no-Amaziya inkosi yakwaJuda balwa eBheti-shemeshi, + kwaJuda. + 12 UJuda wanqotshwa u-Israyeli, yilowo nalowo wabalekela ekhaya.* 13 UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumba u-Amaziya inkosi yakwaJuda, oyindodana kaJehowashi oyindodana ka-Ahaziya, eBheti-shemeshi. Ngemva kwalokho baya eJerusalema, wafike wabhodloza udonga lwaseJerusalema, kusukela eSangweni Lika-Efrayimi + kuze kufike eSangweni Elisekhoneni, + izingalo ezingu-400.* 14 Wathatha lonke igolide nesiliva nazo zonke izinto ezatholakala endlini kaJehova nasendaweni yokugcina ingcebo endlini* yenkosi, wathatha nezithunjwa. Wabe esebuyela eSamariya.
15 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJehowashi, lokho akwenza namandla akhe nendlela alwa ngayo no-Amaziya inkosi yakwaJuda, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 16 UJehowashi walala nokhokho bakhe wangcwatshwa eSamariya + kanye namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu *+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.
17 U-Amaziya + indodana kaJehowashi inkosi yakwaJuda waphila iminyaka engu-15 ngemva kokufa kukaJehowashi + indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli. + 18 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Amaziya, ulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. 19 Kamuva bamakhela uzungu + eJerusalema, wabalekela eLakishi, kodwa bamthumelela abantu eLakishi bambulalela khona. 20 Ngakho bamthwala ngamahhashi bambuyisela emuva, wangcwatshwa eJerusalema kanye nokhokho bakhe eDolobheni LikaDavide. + 21 Ngemva kwalokho bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya, *+ owayeneminyaka engu-16, + bambeka waba inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya. + 22 Walakha kabusha i-Elati + walibuyisela kuJuda ngemva kokuba inkosi* isingcwatshwe nokhokho bayo. +
23 Ngonyaka ka-15 ka-Amaziya indodana kaJehowashi inkosi yakwaJuda, uJerobowamu + indodana kaJehowashi inkosi yakwa-Israyeli waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engu-41. 24 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova. Akazange asuke kuzo zonke izono uJerobowamu indodana kaNebhati onisa ngazo u-Israyeli. + 25 Wabuyisela umngcele ka-Israyeli kusukela eLebo-hamati *+ kuze kufike oLwandle Lwase-Araba, *+ ngokwezwi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli alikhuluma ngenceku yakhe uJona + indodana ka-Amithayi, umprofethi waseGati-heferi. + 26 Ngoba uJehova wayekubonile ukuhlupheka okumunyu kuka-Israyeli. + Kwakungekho muntu owayengasiza u-Israyeli, kungekho ngisho nabantukazana noma ababuthakathaka. 27 Kodwa uJehova wayethembise ukuthi ngeke alesule igama lika-Israyeli ngaphansi kwamazulu. + Ngakho wamsindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJehowashi. +
28 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJerobowamu, konke akwenza namandla akhe, indlela alwa ngayo nendlela abuyisela ngayo iDamaseku + neHamati + ngaphansi kukaJuda no-Israyeli, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 29 Ekugcineni uJerobowamu walala nokhokho bakhe, amakhosi akwa-Israyeli; uZakariya indodana yakhe + wabusa esikhundleni sakhe.