Eyokuqala YeziKronike
13 UDavide wabonisana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu nabo bonke abaholi. + 2 UDavide wabe esethi kulo lonke ibandla lika-Israyeli: “Uma kukuhle kini futhi kwamukeleka kuJehova uNkulunkulu wethu, masithumele umyalezo kubafowethu abasele kuzo zonke izifunda zakwa-Israyeli nakubapristi namaLevi emadolobheni awo + anamadlelo, ukuba beze kithi. 3 Futhi masibuyise uMphongolo + kaNkulunkulu wethu.” Ngoba abazange bawunakekele ezinsukwini zikaSawule. + 4 Lonke ibandla lavuma ukwenza lokho, ngoba kwabonakala kuyinto enhle kubo bonke abantu. 5 Ngakho uDavide waqoqa wonke u-Israyeli kusukela emfuleni* waseGibhithe kwaze kwaba seLebo-hamati, *+ ukuze alande uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso eKiriyati-jeyarimi. +
6 UDavide nawo wonke u-Israyeli bakhuphukela eBhahala, + eKiriyati-jeyarimi elingelakwaJuda, beyolanda uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso uJehova, ohlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu* kwamakherubi, + lapho igama lakhe libizwa khona. 7 Nokho, uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso bawulayisha enqoleni entsha + bewususa endlini ka-Abhinadaba; u-Uza no-Ahiyo babehola le nqola. + 8 UDavide nawo wonke u-Israyeli babegiya phambi kukaNkulunkulu weqiniso ngawo wonke amandla abo, ngezingoma, amahabhu, ezinye izinsimbi zomculo ezinezintambo, amathamborini, + amasimbali + namacilongo. + 9 Kodwa lapho befika esibuyeni* sikaKidoni, u-Uza welula isandla sakhe wabamba uMphongolo, ngoba izinkomo zacishe zawuwisa. 10 Ngenxa yalokho uJehova wamthukuthelela kakhulu u-Uza, wambulala ngoba wayelule isandla sakhe wabamba uMphongolo, + wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu. + 11 Kodwa uDavide wathukuthela* ngenxa yokuthi uJehova wayethukuthelele u-Uza; leyo ndawo yabizwa ngokuthi iPherezi-uza kuze kube namuhla.
12 Ngakho uDavide wamesaba uNkulunkulu weqiniso ngalolo suku, wathi: “UMphongolo kaNkulunkulu weqiniso ngingawuletha kanjani kimi?” + 13 UDavide akazange awulethe uMphongolo lapho ayehlala khona eDolobheni LikaDavide, kodwa wathi mawuyiswe endlini ka-Obede-edomi umGiti. 14 UMphongolo kaNkulunkulu weqiniso wahlala nabomndeni ka-Obede-edomi izinyanga ezintathu, uJehova wayelokhu ewubusisa umndeni ka-Obede-edomi nakho konke ayenakho. +