Eksodusi
13 UJehova wakhuluma noMose, wathi: 2 “Ngingcwelisele* wonke amazibulo esilisa* phakathi kwama-Israyeli. Umuntu wesilisa nesilwane seduna okuzozalwa kuqala, kungokwami.” +
3 UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu suku eniphume ngalo eGibhithe, + endlini yobugqila, ngoba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile lapha. + Ngakho akukho lutho olunemvubelo olungase ludliwe. 4 Ngalolu suku niyaphuma, ngenyanga ka-Abhibhi. *+ 5 Lapho uJehova esenilethile ezweni lamaKhanani, amaHeti, ama-Amori, amaHivi namaJebusi, + afunga kokhokho benu ukuninika lona, + izwe eligeleza ubisi noju, + kumele nigubhe lokhu ngale nyanga: 6 Kumele nidle isinkwa esingenamvubelo + izinsuku eziyisikhombisa, ngosuku lwesikhombisa kuzoba nomkhosi wokuhlonipha uJehova. 7 Isinkwa esingenamvubelo kumele sidliwe izinsuku eziyisikhombisa; + akukho lutho olunemvubelo okumele lutholakale kini + futhi akukho nhlama ebilisiwe okumele itholakale kini kuyo yonke indawo* yenu. 8 Kumele nitshele amadodana enu ngalolo suku, nithi, ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona lapho ngiphuma eGibhithe.’ + 9 Lo mkhosi uyoba uphawu esandleni senu nesikhumbuzo esiphongweni senu, *+ ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wenu, ngoba uJehova wanikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe. 10 Kumele nigcine lo mthetho ngesikhathi sawo esibekiwe unyaka nonyaka. +
11 “Lapho uJehova eniletha ezweni lamaKhanani, afunga kini nakokhokho benu ukuthi uzoninika lona, + 12 kumele ninikele kuJehova wonke amazibulo esilisa,* kanye nawo wonke amazibulo eduna emfuyo eniyitholayo. Okwesilisa kungokukaJehova. + 13 Wonke amazibulo ezimbongolo kumele niwathenge ngemvu, uma ningawathengi, kumele niwaphule izintamo. Wonke amazibulo esilisa amadodana enu kumele niwathenge. +
14 “Uma amadodana enu enibuza kamuva, ethi, ‘Kusho ukuthini lokhu?’ nina-ke kufanele nithi kuwo, ‘UJehova wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, endlini yobugqila. + 15 Lapho uFaro enqaba ngenkani ukusikhulula, + uJehova wabulala wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela ezibulweni lomuntu kuya ezibulweni lesilwane. + Yingakho senzela uJehova umhlatshelo ngawo wonke amazibulo esilisa* futhi siwathenga wonke amazibulo amadodana ethu.’ 16 Lokhu kumele kube uphawu esandleni nasesiphongweni senu, *+ ngoba uJehova wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.”
17 Ngesikhathi uFaro ekhulula abantu, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yezwe lamaFilisti nakuba yayiseduze. Ngoba uNkulunkulu wathi: “Kungenzeka abantu bashintshe umqondo lapho bebhekana nempi bese bebuyela eGibhithe.” 18 Ngakho uNkulunkulu wenza ukuba abantu bazungeze ngendlela yasehlane lasoLwandle Olubomvu. + Kodwa ama-Israyeli akhuphuka ezweni laseGibhithe ngendlela ehlelekile, njengeqembu lamasosha. 19 UMose wathatha namathambo kaJosefa, ngoba uJosefa wayewafungisile nokuwafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “UNkulunkulu ngeke ahluleke ukuninaka futhi kumele nithathe amathambo ami niphume nawo lapha.” + 20 Basuka eSukoti bagxumeka amatende e-Ethamu, emaphethelweni ehlane.
21 UJehova wayehamba phambi kwawo emini ewahola ngensika yefu, + ebusuku ewahola ngensika yomlilo endleleni ukuze awanike ukukhanya futhi akwazi ukuhamba emini nasebusuku. + 22 Insika yefu yayingasuki phambi kwabantu emini, nensika yomlilo yayingasuki ebusuku. +