Levitikusi
22 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi: 2 “Tshela u-Aroni namadodana akhe ukuthi kufanele banakisise indlela abaphatha ngayo izinto* ezingcwele zama-Israyeli futhi bangalingcolisi igama lami elingcwele + ngokuqondene nezinto abazingcwelisela mina. + NginguJehova. 3 Uthi kuwo, ‘Kuzo zonke izizukulwane zenu, noma ubani enzalweni yenu okuthi lapho esangcolile asondele ezintweni ezingcwele, ama-Israyeli azingcwelisela uJehova, lowo muntu* uzobulawa. *+ NginguJehova. 4 Akukho muntu wenzalo ka-Aroni onochoko + noma ophuma ukungcola esithweni sangasese + ongadla ezintweni ezingcwele kuze kube yilapho ehlanzeka, + kungaba umuntu othinta umuntu ongcoliswe umuntu oshonile,* + noma umuntu ophuma isidoda, + 5 umuntu othinta isilwane esincane esibhuzayo esingcolile + noma othinta umuntu ongcoliswe yinoma ubani ongamenza angcole. + 6 Umuntu othinta noma yini yalezi zinto uzoba ongcolile kuze kuhlwe futhi ngeke adle noma iyiphi yezinto ezingcwele, kodwa kufanele ageze ngamanzi. + 7 Lapho ilanga selishonile, uzoba ohlanzekile, kamuva angadla ezintweni ezingcwele ngoba zingukudla kwakhe. + 8 Akufanele adle noma isiphi isilwane esizifele noma ngabe yini edwengulwe isilwane sasendle ukuze simngcolise. + NginguJehova.
9 “‘Kumele bagcine isibopho sabo kimi ukuze bangabi nesono ngenxa yaso bese kudingeka bafe ngenxa yaso ngoba bebesingcolisa. NginguJehova obangcwelisayo.
10 “‘Akukho muntu ongagunyaziwe* ongadla into engcwele. + Akukho sivakashi sompristi esiyisifiki noma isisebenzi esiqashiwe esingadla into engcwele. 11 Kodwa uma umpristi ethenga othile ngemali yakhe, lowo muntu angahlanganyela ekuyidleni. Izigqila ezizalwe endlini yakhe nazo zingahlanganyela ekudleni ukudla kwakhe. + 12 Uma indodakazi yompristi ishada nomuntu ongeyena umpristi,* ngeke iwudle umnikelo wezinto ezingcwele. 13 Kodwa uma indodakazi yompristi iba umfelokazi noma umyeni wayo eyidivosile, ingenazo izingane futhi ibuyele endlini kayise njengasebusheni bayo, ingadla ekudleni kukayise; + kodwa akukho muntu ongagunyaziwe* ongakudla.
14 “‘Uma umuntu edla into engcwele ngephutha, kumele enezele kuyo okwesihlanu kwenani layo, anike umpristi umnikelo ongcwele. + 15 Ngakho akufanele bangcolise izinto ezingcwele zama-Israyeli azinikela kuJehova, + 16 babangele ukuba bathole isijeziso ngecala labo ngenxa yokudla izinto zawo ezingcwele; ngoba nginguJehova obangcwelisayo.’”
17 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 18 “Khuluma no-Aroni namadodana akhe nawo wonke ama-Israyeli, uthi kubo, ‘Lapho umIsrayeli noma isifiki esihlala kwa-Israyeli siletha umnikelo oshiswayo + kuJehova ukuze sigcwalise izifungo zaso noma senze umnikelo wokuzithandela, + 19 kufanele silethe iduna eliphile kahle + elivela emhlanjini wezinkomo, wamawundlu noma wezimbuzi ukuze samukelwe. 20 Noma yini enesici akumele niyilethe + ngoba ngeke inenze namukelwe.
21 “‘Uma umuntu eletha umhlatshelo ohlanganyelwayo + kuJehova ukuze afeze isifungo noma ube umnikelo wokuzithandela, kufanele ube isilwane esiphile kahle esivela emhlanjini ukuze amukelwe. Akufanele neze sibe nesici. 22 Akukho mnikelo okufanele ube impumputhe, ulethwe ulimele, usikekile, unensumpa, unotwayi noma umbandamu; akumele nilethe kuJehova noma yikuphi kwalokhu, noma nenzele uJehova umnikelo onjalo e-altare. 23 Ningayiletha inkunzi noma imvu enomlenze noma ingalo ende kakhulu kunenye ibe umnikelo wokuzithandela, kodwa ngeke yamukeleke uma iwumnikelo wesifungo. 24 Akumele nilethe kuJehova isilwane esinamasende alimele noma achobozekile noma asusiwe noma anqunyiwe, akufanele ninikele ngezilwane ezinjalo ezweni lenu. 25 Akumele nilethe noma isiphi kuzo sivela kumuntu oyisifiki ukuba sibe isinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngoba zonakele futhi zinesici. Ngeke zamukelwe.’”
26 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 27 “Lapho kuzalwa iduna lenkomo noma lemvu noma lembuzi, lizoba nonina izinsuku eziyisikhombisa, + kodwa kusukela osukwini luka-8 kuqhubeke liyokwamukeleka njengomnikelo, umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni. 28 Ngokuqondene nenkunzi nemvu, akumele niyihlabe nomntwana wayo ngosuku olulodwa. +
29 “Uma nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, + kufanele niwenze ukuze nizizuzele ukwamukelwa. 30 Kufanele udliwe ngalolo suku. Akumele nishiye noma yini yawo kuze kube sekuseni. + NginguJehova.
31 “Kumele nigcine imiyalo yami futhi niyenze. + NginguJehova. 32 Akumele ningcolise igama lami elingcwele, + kumele ngingcweliswe phakathi kwama-Israyeli. + NginguJehova oningcwelisayo, + 33 onikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngizibonakalise nginguNkulunkulu kini. + NginguJehova.”