Joshuwa
19 Kwabe sekuphuma isabelo + sesibili, saphumela isizwe sikaSimeyoni + ngokwemindeni yaso. Ifa laso laliphakathi kwefa lesizwe sakwaJuda. + 2 Ifa laso kwakuyiBheri-sheba + kanye neSheba, iMolada, + 3 iHazari-shuwali, + iBala, i-Ezemi, + 4 i-Elitoladi, + iBhetuli, iHorma, 5 iZikilagi, + iBheti-marikabhoti, iHazari-susa, 6 iBheti-lebhawoti + neSharuheni—amadolobha angu-13 nemizi engaphansi kwawo; 7 i-Ayini, iRimoni, i-Etere ne-Ashani +—amadolobha amane nemizi engaphansi kwawo; 8 nayo yonke imizi eyayiseduze kwala madolobha kuze kuyofika eBhahalati-bheri, iRama laseningizimu. Leli kwakuyifa lesizwe sakwaSimeyoni ngokwemindeni yaso. 9 Ifa lenzalo kaSimeyoni lakhishwa esabelweni sakwaJuda ngoba isabelo sakwaJuda sasisikhulu kakhulu. Ngakho inzalo kaSimeyoni yathola ifa efeni lakwaJuda. +
10 Ngokulandelayo isabelo + sesithathu saphumela inzalo yakwaZebhuloni + ngokwemindeni yayo, umngcele wefa layo wawuze ufike eSaridi. 11 Umngcele wabo wawukhuphukela ngasentshonalanga uye eMareyali uze ufike eDabesheti bese udlulela esigodini esiphambi* kweJokineyamu. 12 Wawusuka eSaridi uye empumalanga emngceleni weKhisiloti-thabhori, bese udlulela eDaberati, + ukhuphukele eJafiya. 13 Ukusuka lapho wawuqhubekela empumalanga uye eGati-heferi, + udlulele e-Eti-kazini, udlule uye eRimoni uze uyofika eNeya. 14 Umngcele wawulizungeza ngasenyakatho uye eHanathoni, uphelele eSigodini Sase-Jifita-yeli. 15 Indawo yabo yayihlanganisa neKathati, iNahalali, iShimroni, + i-Idala neBhetlehema +—amadolobha angu-12 nemizi engaphansi kwawo. 16 Leli kwakuyifa lenzalo kaZebhuloni ngokwemindeni yayo. + Lawa kwakungamadolobha nemizi engaphansi kwawo.
17 Isabelo + sesine saphumela u-Isakare, + saba esenzalo ka-Isakare ngokwemindeni yayo. 18 Umngcele wabo wawufinyelela eJizreyeli, + eKhesuloti, eShunemi, + 19 eHafarayimi, eShiyoni, e-Anaharati, 20 eRabiti, eKishiyoni, e-Ebezi, 21 eRemeti, e-Eni-ganimi, + e-Eni-hada naseBheti-phazezi. 22 Umngcele wawudlulela eThabori, + eShahazuma naseBheti-shemeshi, uphelele eJordani—amadolobha angu-16 nemizi engaphansi kwawo. 23 Leli kwakuyifa lesizwe sakwa-Isakare ngokwemindeni yaso, + amadolobha nemizi engaphansi kwawo.
24 Isabelo + sesihlanu saphumela isizwe sakwa-Asheri + ngokwemindeni yaso. 25 Umngcele wabo kwakuyiHelikati, + iHali, iBetheni, i-Akishafu, 26 i-Alameleki, i-Amadi neMishali. Wawufinyelela ngasentshonalanga eKarmeli + naseShihori-libhinati, 27 bese ubuyela ngasempumalanga eBheti-dagoni ufike kwaZebhuloni naseSigodini Sase-Jifita-yeli enyakatho, uye eBheti-emeki naseNeyiyeli, ufike eKhabuli kwesobunxele, 28 nase-Ebroni, eRehobe, eHamoni naseKana kuze kufike eSidoni, + idolobha elikhulu. 29 Umngcele wawubuyela emuva eRama uze ufike edolobheni laseThire + elinezivikelo eziqinile. Wawube usubuyela emuva eHosa, bese uphelela olwandle ezweni lase-Akizibi, 30 e-Uma, e-Afeki + naseRehobe +—amadolobha angu-22 nemizi engaphansi kwawo. 31 Leli kwakuyifa lesizwe sakwa-Asheri ngokwemindeni yaso. + Lawa kwakungamadolobha nemizi engaphansi kwawo.
32 Isabelo + sesithupha saphumela inzalo kaNafetali, saba esenzalo kaNafetali ngokwemindeni yayo. 33 Umngcele wabo wasuka eHelefi, esihlahleni esikhulu eZahananimu, + nase-Adami-nekebi naseJabineyeli kuze kufike eLakumi; waphelela eJordani. 34 Lo mngcele wabuyela emuva ngasentshonalanga e-Azinoti-thabori, wadlula waya eHukikoki waze wayofika kwaZebhuloni eningizimu, kwa-Asheri entshonalanga nakwaJuda eJordani ngasempumalanga. 35 Amadolobha ayenezivikelo eziqinile kwakuyiZidimi, iZeri, iHamati, + iRakhati, iKhinereti, 36 i-Adama, iRama, iHazori, + 37 iKedeshi, + i-Edireyi, i-Eni-hazori, 38 iYironi, iMigidali-eli, iHoremi, iBheti-anati neBheti-shemeshi +—amadolobha angu-19 nemizi engaphansi kwawo. 39 Leli kwakuyifa lesizwe sakwaNafetali ngokwemindeni yaso, + amadolobha nemizi engaphansi kwawo.
40 Isabelo sesikhombisa + saphumela isizwe sakwaDani + ngokwemindeni yaso. 41 Umngcele wefa labo kwakuyiZora, + i-Eshitawoli, i-Iri-shemeshi, 42 iShahalabhini, + i-Ajaloni, + i-Ithila, 43 i-Eloni, iThimna, + i-Ekroni, + 44 i-Elitekehi, iGibhethoni, + iBhahalati, 45 iJehudi, iBhene-bheraki, iGati-rimoni, + 46 iMe-jarikoni neRakhoni, umngcele ubhekene neJopha. + 47 Kodwa indawo yabakwaDani yayincane kakhulu. + Ngakho bakhuphuka bayokulwa neLeshemu + balinqoba balibhuqa ngenkemba. Balithatha bahlala kulo, bashintsha igama leLeshemu balibiza ngokuthi kukwaDani, igama likakhokho wabo uDani. + 48 Leli kwakuyifa lesizwe sakwaDani ngokwemindeni yaso. Lawa kwakungamadolobha nemizi engaphansi kwawo.
49 Baqeda kanjalo-ke ukuhlukanisa izwe ukuze libe yifa ngokwezindawo zalo. Ama-Israyeli abe esenika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwawo. 50 Bamnika idolobha alicela, iThimnati-sera, + elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngokuvumelana nomyalo kaJehova. Walivuselela leli dolobha wabe esehlala kulo.
51 Lawa amafa u-Eleyazare umpristi, uJoshuwa indodana kaNuni nezinhloko zemindeni yoyise yezizwe zakwa-Israyeli abawaba + ngenkatho eShilo + phambi kukaJehova, emnyango wetende lokuhlangana. + Ngakho baqeda ukuhlukanisa izwe.