Genesise 27:41 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 41 Nokho, u-Esawu wafukamela inzondo ngoJakobe ngenxa yesibusiso uyise ayembusise ngaso,+ futhi u-Esawu wayelokhu ethi enhliziyweni yakhe:+ “Izinsuku zenkathi yokulilela ubaba ziyasondela.+ Ngemva kwalokho ngizombulala uJakobe umfowethu.”+ Levitikusi 19:17 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 17 “‘Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho.+ Kufanele umsole impela umhlobo wakho,+ ukuze ungathwali isono kanye naye. IzAga 19:11 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 11 Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe,+ futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.+ IzAga 28:1 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 28 Ababi bayabaleka nakuba kungekho muntu obaxoshayo,+ kodwa abalungile banjengebhongo lengonyama elizethembayo.+
41 Nokho, u-Esawu wafukamela inzondo ngoJakobe ngenxa yesibusiso uyise ayembusise ngaso,+ futhi u-Esawu wayelokhu ethi enhliziyweni yakhe:+ “Izinsuku zenkathi yokulilela ubaba ziyasondela.+ Ngemva kwalokho ngizombulala uJakobe umfowethu.”+
17 “‘Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho.+ Kufanele umsole impela umhlobo wakho,+ ukuze ungathwali isono kanye naye.
11 Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe,+ futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.+
28 Ababi bayabaleka nakuba kungekho muntu obaxoshayo,+ kodwa abalungile banjengebhongo lengonyama elizethembayo.+