IzAga
19 Noma ngubani onokuncane ohamba ngobuqotho bakhe ungcono+ kunomuntu onezindebe eziyisigwegwe, nomuntu oyisiphukuphuku.+
2 Futhi, akukuhle ukuba umphefumulo ungabi nalo ulwazi,+ futhi osheshayo ngezinyawo zakhe uyona.+
3 Ngubuwula bomuntu wasemhlabeni obuhlanekezela indlela+ yakhe, bese inhliziyo yakhe ifuthekela uJehova.+
4 Umcebo yiwo owenezela abangane abaningi,+ kodwa ophansi uhlukaniswa ngisho nanomngane wakhe.+
5 Ufakazi wamanga ngeke ayekwe angajeziswa,+ nophafuza amanga ngeke aphunyuke.+
6 Baningi abancenga isicukuthwane,+ futhi wonke umuntu ungumngane womuntu ophanayo.+
7 Abafowabo bomuntu onokuncane bonke bamzondile.+ Yeka ukuthi badedele kude kangakanani naye abangane bakhe!+ Uyalandela enezinto afuna ukuzisho; kodwa abekho.+
8 Ozuza inhliziyo+ uthanda umphefumulo wakhe. Oqapha ukuqonda uyothola okuhle.+
9 Ufakazi wamanga ngeke ayekwe angajeziswa,+ nophafuza amanga uyoshabalala.+
10 Ukunethezeka akumfaneli oyisiphukuphuku.+ Kakhulu kangakanani-ke ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu!+
11 Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe,+ futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.+
12 Ukuthukuthela kwenkosi kuwukugwavuma okunjengokwebhongo lengonyama elinomhlwenga,+ kodwa ukuthakazelelwa yiyo kunjengamazolo phezu kwezimila.+
13 Indodana eyisiphukuphuku iwukuhlupheka kuyise,+ nomfazi wemibango unjengophahla oluvuzayo olumxoshayo umuntu.+
14 Ifa elivela kobaba lingumuzi nomcebo,+ kodwa umfazi oqondayo uvela kuJehova.+
15 Ubuvila bubangela ukuba kwehle ubuthongo obujulile,+ nomphefumulo owenqenayo uyalamba.+
16 Ogcina umyalo ugcina umphefumulo wakhe;+ odelela izindlela zakhe uyobulawa.+
17 Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova,+ futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.+
18 Yishaye indodana yakho lisekhona ithemba;+ ungaphakamiseli isifiso somphefumulo wakho ekuyibulaleni.+
19 Othukuthela kakhulu uyohlawula;+ ngoba uma umkhulula, uyoqhubeka ukwenza ngokuphindaphindiwe futhi.+
20 Lalela iseluleko wamukele isiyalo,+ ukuze uhlakaniphe esikhathini esizayo.+
21 Maningi amacebo asenhliziyweni yomuntu,+ kodwa yinjongo kaJehova eyokuma.+
22 Into efiselekayo kumuntu wasemhlabeni ngumusa wakhe wothando;+ umuntu onokuncane ungcono kunomuntu oqamba amanga.+
23 Ukwesaba uJehova kuholela ekuphileni,+ futhi umuntu uyolala ebusuku anelisekile;+ ngeke ahanjelwe okubi.+
24 Ivila lifake isandla salo esitsheni;+ alikwazi ukusibuyisela ngisho nasemlonyeni walo.+
25 Umhleki wosulu kufanele umshaye,+ ukuze ongenalwazi akhaliphe;+ futhi oqondayo kufanele asolwe, ukuze aqonde ulwazi.+
26 Ohlukumeza uyise noxosha unina+ uyindodana eyenza ngokuhlazisayo nangokuyichilo.+
27 Uma uyeka, ndodana yami, ukulalela isiyalo kuyosho ukuduka emazwini olwazi.+
28 Ufakazi ongelusizo lwalutho ubuhleka usulu ubulungisa,+ nomlomo wabantu ababi ugwinya okulimazayo.+
29 Izahlulelo zimiswe zaqina zimiselwe abahleka usulu,+ nemivimbo imiselwe umhlane wabayiziphukuphuku.+