Duteronomi 28:65 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 65 Phakathi kwalezo zizwe ngeke ube nampumuzo,+ futhi ngeke ibe khona indawo yokuphumula yamathe onyawo lwakho; impela uJehova uyokunika lapho inhliziyo ethuthumelayo+ nokufiphala kwamehlo+ nokuphelelwa ithemba komphefumulo. Jobe 17:7 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 7 Futhi iso lami liyaqundeka ngenxa yokukhathazeka+Futhi wonke amalungu ami anjengethunzi. IHubo 6:7 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 7 Iso lami libé buthakathaka ngenxa yokukhathazeka,+Ligugile ngenxa yabo bonke ababonisa ubutha kimi.+ Isaya 59:10 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 10 Silokhu siphumputha udonga njengezimpumputhe, njengalabo abangenawo amehlo siyaqhubeka siphumputha.+ Sikhubeké emini enkulu njengasebumnyameni bakusihlwa; phakathi kwabayizidlakela sinjengabantu abafileyo.+ IsiLilo 2:11 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 11 Amehlo ami aphelile ngezinyembezi zodwa.+ Amathumbu ami ayabila.+Isibindi sami sithululelwé emhlabathini,+ ngenxa yokuphahlazeka kwendodakazi yabantu bami,+Ngenxa yokufikelwa yisinxi komntwana nosancela ezigcawini zomzana.+
65 Phakathi kwalezo zizwe ngeke ube nampumuzo,+ futhi ngeke ibe khona indawo yokuphumula yamathe onyawo lwakho; impela uJehova uyokunika lapho inhliziyo ethuthumelayo+ nokufiphala kwamehlo+ nokuphelelwa ithemba komphefumulo.
7 Iso lami libé buthakathaka ngenxa yokukhathazeka,+Ligugile ngenxa yabo bonke ababonisa ubutha kimi.+
10 Silokhu siphumputha udonga njengezimpumputhe, njengalabo abangenawo amehlo siyaqhubeka siphumputha.+ Sikhubeké emini enkulu njengasebumnyameni bakusihlwa; phakathi kwabayizidlakela sinjengabantu abafileyo.+
11 Amehlo ami aphelile ngezinyembezi zodwa.+ Amathumbu ami ayabila.+Isibindi sami sithululelwé emhlabathini,+ ngenxa yokuphahlazeka kwendodakazi yabantu bami,+Ngenxa yokufikelwa yisinxi komntwana nosancela ezigcawini zomzana.+