Luka
13 Ngayo kanye leyo nkathi kwakukhona lapho abathile abayibikela ngabaseGalile+ abagazi labo uPilatu ayelixube nemihlatshelo yabo. 2 Ngakho yaphendula yathi kubo: “Ingabe nicabanga ukuthi laba baseGalile babeyizoni+ ezimbi kakhulu kunabo bonke abanye baseGalile ngoba beye bahlupheka ngalezi zinto? 3 Ngiyanitshela, akunjalo neze; kodwa, ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa kanjalo.+ 4 Noma labo abayishumi nesishiyagalombili umbhoshongo waseSilowama owawela phezu kwabo, ngaleyo ndlela ubabulala, ingabe nicabanga ukuthi babenecala kakhulu kunabo bonke abanye abantu abahlala eJerusalema? 5 Ngiyanitshela, akunjalo neze; kodwa, ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa ngendlela efanayo.”+
6 Khona-ke yaqhubeka yalandisa lo mfanekiso: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe,+ weza efuna isithelo kuwo,+ kodwa akatholanga nesisodwa.+ 7 Khona-ke wathi kumgcini-sivini, ‘Bheka sekuyiminyaka emithathu+ ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, kodwa angitholanga nesisodwa. Wugawule!+ Kungani ngempela lo mkhiwane kufanele ugcine umhlabathi ungenamsebenzi?’ 8 Ephendula wathi kuye, ‘Nkosi, wuyeke+ nakulo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo ngifake umquba; 9 uma-ke uthela isithelo esikhathini esizayo, kuhle; kodwa uma ungatheli, uyowugawula.’”+
10 Manje yayifundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. 11 Bheka! owesifazane owayenomoya+ wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, wayeqhothile engakwazi nhlobo ukuma aqonde. 12 Lapho embona, uJesu wakhuluma naye wathi: “Sifazane, ukhululiwe+ ebuthakathakeni bakho.” 13 Wambeka izandla; ngaso leso sikhathi waqonda,+ waqala ukukhazimulisa uNkulunkulu. 14 Kodwa ngenxa yalokhu umphathi wesinagoge, ethukuthele ngoba uJesu elaphe ngesabatha, wathi esixukwini: “Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo;+ ngakho-ke, anokuza nelashwe ngazo, hhayi ngosuku lwesabatha.”+ 15 Nokho, iNkosi yasiphendula yathi: “Bazenzisi,+ yilowo nalowo kini akayithukululi yini inkomo yakhe noma imbongolo yakhe ngesabatha endlwaneni esesitebeleni amuke nayo ayoyiphuzisa?+ 16 Khona-ke, bekungafanele yini ngalona wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama,+ nalowo uSathane abembophile, bhekani! iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, ukuba athukululwe kulesi sibopho ngosuku lwesabatha?” 17 Nokho, lapho isho lezi zinto, bonke abaphikisi bayo baba namahloni;+ kodwa sonke isixuku sajabula ngazo zonke izinto ezikhazimulayo eyayizenza.+
18 Ngakho-ke yathi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani, futhi ngingawuqhathanisa nani?+ 19 Ufana nohlamvu lwesinaphi umuntu aluthatha walutshala ensimini yakhe, lwakhula lwaba umuthi, izinyoni zezulu+ zahlala emagatsheni awo.”+
20 Yaphinda yathi: “Ngizowuqhathanisa nani umbuso kaNkulunkulu? 21 Ufana nemvubelo, owesifazane ayithatha wayifihla ezilinganisweni ezintathu ezinkulu zikafulawa yaze yabila yonke inhlama.”+
22 Yahamba idabula umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, ifundisa futhi iqhubeka nohambo lwayo iya eJerusalema.+ 23 Manje indoda ethile yathi kuyo: “Nkosi, ingabe abasindiswayo bambalwa?”+ Yathi kubo: 24 “Zikhandleni+ ngamandla ukuba ningene ngomnyango omncane,+ ngoba ngiyanitshela, abaningi bayofuna ukungena kodwa ngeke bakwazi,+ 25 lapho nje umninindlu esevukile wahluthulela umnyango, niqala ukuma ngaphandle ningqongqoze emnyango, nithi, ‘Mnumzane, sivulele.’+ Kodwa uyophendula athi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi.’+ 26 Khona-ke niyoqala ukuthi, ‘Sasidla siphuza phambi kwakho, ufundisa ezindleleni zakithi ezibanzi.’+ 27 Kodwa uyothi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi. Sukani kimi, nonke nina benzi bokubi!’+ 28 Lapho yilapho niyokhala khona niququde amazinyo,+ lapho nibona u-Abrahama no-Isaka noJakobe nabo bonke abaprofethi embusweni kaNkulunkulu,+ kodwa nina nikhishelwé ngaphandle. 29 Ngaphezu kwalokho, abantu bayofika bevela ezingxenyeni ezisempumalanga nezisentshonalanga, enyakatho naseningizimu,+ bayohlala etafuleni embusweni kaNkulunkulu.+ 30 Bhekani! kukhona abokugcina abayoba ngabokuqala, futhi kukhona abokuqala abayoba ngabokugcina.”+
31 Ngalo kanye lelo hora abaFarisi abathile beza, bethi kuyo: “Phuma uhambe lapha, ngoba uHerode ufuna ukukubulala.” 32 Yathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi,+ ‘Bheka! Ngikhipha amademoni futhi ngiyaphulukisa namuhla nakusasa, ngosuku lwesithathu ngizobe sengiqedile.’+ 33 Noma kunjalo, kumelwe ngihambe namuhla nakusasa nangosuku olulandelayo, ngoba akuvumelekile ukuba umprofethi abulawelwe ngaphandle kweJerusalema.+ 34 Jerusalema, Jerusalema, wena mbulali+ wabaprofethi nokhanda ngamatshe+ labo abathunyelwe kuwe—yeka ukuthi kukaningi kangakanani ngifuna ukubuthela ndawonye abantwana bakho ngendlela isikhukukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso,+ kodwa nina anifunanga!+ 35 Bhekani! Indlu yenu+ ishiywa nani. Ngiyanitshela, anisoze nangibona nize nithi, ‘Ubusisiwe oza egameni likaJehova!’”+