Hebheru
9 Khona-ke, isivumelwano sangaphambili, sona, sasinezimiso zenkonzo engcwele+ nendawo yaso engcwele yasemhlabeni.+ 2 Ngoba kwakhiwa igumbi+ lokuqala letende okwakukhona kulo uthi lwesibani+ netafula+ nombukiso wezinkwa;+ futhi libizwa ngokuthi “iNdawo Engcwele.”+ 3 Kodwa ngemva kwesihenqo+ sesibili kwakukhona igumbi letende elibizwa ngokuthi “iNgcwelengcwele.”+ 4 Leli lalinomcengezi wempepho wegolide+ nomphongolo wesivumelwano+ onanyekwe ngegolide nxazonke,+ okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana+ kanye nenduku ka-Aroni eyaba nemiqumbe+ kanye nezibhebhe+ zesivumelwano; 5 kodwa ngenhla ngaphezu kwawo kwakukhona amakherubi akhazimulayo+ asibekele isembozo esiyisihlawulelo.+ Kodwa manje akusona isikhathi sokukhuluma ngokuningiliziwe ngokuphathelene nalezi zinto.
6 Ngemva kokuba lezi zinto sezakhiwe ngale ndlela, abapristi bangena egumbini+ lokuqala letende ngazo zonke izikhathi ukuze benze izinkonzo ezingcwele;+ 7 kodwa egumbini lesibili umpristi ophakeme yedwa, ungena kanye ngonyaka,+ hhayi ngaphandle kwegazi,+ alinikela ngenxa yakhe+ nangenxa yezono zabantu zokungazi.+ 8 Kanjalo umoya ongcwele ukwenza kukhanye ukuthi indlela+ engena endaweni engcwele yayingakabonakaliswa ngesikhathi itende lokuqala limile.+ 9 Leli tende liwumfanekiso+ wesikhathi esimisiwe esesikhona manje,+ futhi ngokuvumelana nalo kunikelwa kokubili izipho nemihlatshelo.+ Nokho, lokhu akukwazi ukwenza umuntu owenza inkonzo engcwele aphelele+ ngokuqondene nonembeza wakhe,+ 10 kodwa kuphathelene kuphela nokudla+ neziphuzo+ nobhapathizo oluhlukahlukene.+ Kwakuyizimfuneko ezingokomthetho eziphathelene nenyama+ futhi zabekwa kwaze kwaba isikhathi esimisiwe sokuqondisa izinto.+
11 Nokho, lapho uKristu efika njengompristi ophakeme+ wezinto ezinhle esezenzekile, edabula etendeni elikhulu neliphelele ngokwengeziwe elingenziwanga ngezandla, okuwukuthi, elingelona elale ndalo,+ 12 akangenanga negazi+ lezimbuzi nelamathole eduna, cha, kodwa wangena endaweni engcwele negazi lakhe,+ kwaba kanye kuphela futhi wasitholela ukukhululwa okuphakade.+ 13 Ngoba uma igazi lezimbuzi+ nelezinkunzi+ nomlotha+ wesithole ofafazwa kulabo abangcolisiwe+ kungcwelisa kube ukuhlanzeka kwenyama,+ 14 igazi+ likaKristu, owathi ngomoya waphakade wazinikela+ engenasici kuNkulunkulu, liyobahlanza+ kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile+ ukuze sinikele inkonzo engcwele+ kuNkulunkulu ophilayo?
15 Kungakho-ke engumlamuleli+ wesivumelwano esisha, ukuze kuthi, ngenxa yokuthi eye wafa ukuze ngesihlengo+ bakhululwe eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sangaphambili,+ labo ababiziwe bamukele isithembiso sefa eliphakade.+ 16 Ngoba lapho kukhona khona isivumelwano,+ kudingeka afe umenzi wesivumelwano ongumuntu. 17 Ngoba isivumelwano sisebenza ngokufa kwezisulu, njengoba singasebenzi nganoma isiphi isikhathi lapho umenzi wesivumelwano ongumuntu esaphila. 18 Ngenxa yalokho, nesivumelwano sangaphambili+ asimiswanga ngaphandle kwegazi.+ 19 Ngoba lapho uMose eseyishilo yonke imiyalo ngokuvumelana noMthetho kubo bonke abantu,+ wathatha igazi lamathole eduna nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi+ wafafaza incwadi ngokwayo nabantu bonke, 20 wathi: “Leli yigazi lesivumelwano uNkulunkulu asibeke njengomyalo phezu kwenu.”+ 21 Futhi wafafaza itende+ nazo zonke izitsha zenkonzo yomphakathi ngokufanayo ngegazi.+ 22 Yebo, cishe izinto zonke zihlanzwa ngegazi+ ngokoMthetho, futhi ngaphandle kokuba kuthululwe igazi+ akukho ukuthethelelwa okuba khona.+
23 Ngakho-ke kwakudingekile ukuba imifuziselo+ yezinto ezisezulwini ihlanzwe ngalezi zindlela,+ kodwa izinto zasezulwini zona zihlanzwe ngemihlatshelo engcono kunemihlatshelo enjalo. 24 Ngoba uKristu akangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla,+ engumfanekiso wokungokoqobo,+ kodwa wangena ezulwini ngokwalo,+ manje ukuba abonakale phambi kukaNkulunkulu ngenxa yethu.+ 25 Futhi kungekhona ukuba azinikele kaningi, njengoba empeleni umpristi ophakeme engena endaweni engcwele+ unyaka nonyaka+ negazi okungelona elakhe siqu. 26 Ukube kwakungenjalo, kwakuyomelwe ahlupheke kaningi kusukela ekusungulweni+ kwezwe. Kodwa manje uzibonakalisé+ kwaba kanye+ kuphela esiphelweni sezimiso zezinto+ ukuze asuse isono ngomhlatshelo wakhe.+ 27 Futhi njengoba kugcinelwe abantu+ ukuba bafe kanye kube kuphela, kodwa ngemva kwalokhu kube ukwahlulelwa,+ 28 kanjalo noKristu wanikelwa kanye+ kwaba kuphela ukuze athwale izono zabaningi;+ futhi lapho ebonakala+ okwesibili+ kuyobe kungaphandle kwesono+ futhi kube kulabo abamfuna ngobuqotho ukuze basindiswe.+