-
Hebheru 12:18-21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Ngoba anisondelanga entweni engase ithintwe + futhi eyokhelwe ngomlilo, + nasefwini elimnyama nasebumnyameni obukhulu nasesiphephweni, + 19 nasekukhaleni kwecilongo + nasezwini elikhuluma amazwi, + okwathi lapho abantu belizwa bancenga ukuba kungabe kusashiwo lutho olunye kubo. + 20 Ngoba wawunzima kubo lo myalo othi: “Uma ngisho nesilwane sithinta intaba, kumele sishaywe ngamatshe.” + 21 Ngaphezu kwalokho, okwakubonakala kwakwesabisa kakhulu, uMose waze wathi: “Ngiyesaba futhi ngiyathuthumela.” +
-