-
Numeri 15:2-4IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 “Khuluma nama-Israyeli, uthi kuwo, ‘Lapho ekugcineni nifika ezweni engininika lona ukuba nihlale kulo + 3 bese nenza umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni, umnikelo ovela emhlanjini wezinkomo noma wezimvu nezimbuzi—kungakhathaliseki ukuthi umnikelo oshiswayo + noma umhlatshelo wokwenza isifungo esikhethekile noma umnikelo wokuzithandela + noma umnikelo phakathi nemikhosi yenu yezinkathi ezithile, + ukuze nenzele uJehova iphunga elimnandi *+— 4 lowo oletha umnikelo wakhe kumele futhi alethe kuJehova umhlatshelo wokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile, + okweshumi kwe-efa* okuxutshwe nokwesine kwehini* lamafutha.
-