-
Levitikusi 4:8-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 “‘Uzosusa wonke amafutha eduna lomnikelo wesono, kuhlanganise nomhlwehlwe omboze amathumbu nomhlwehlwe ozungeze amathumbu, 9 nezinso zombili ezinamafutha eziseduze kwezinkalo. Futhi uzosusa amafutha asesibindini kanye nezinso. + 10 Lezi zinto uzozisusa ngendlela efanayo nezisuswe ngayo emhlatshelweni ohlanganyelwayo. + Umpristi uzokushunqisa e-altare lomnikelo oshiswayo.
-
-
1 Samuweli 2:16, 17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 Lapho lowo muntu ethi kuso: “Mabaqiniseke ukuthi bashisa amanoni kuqala, + ngemva kwalokho ungazithathela noma yini oyifisayo,” isikhonzi sasithi: “Cha, yilethe manje; ngale kwalokho, ngizoyithatha ngenkani!” 17 Ngenxa yalokho isono sezikhonzi saba sikhulu kakhulu phambi kukaJehova, + ngoba la madoda ayengawuhloniphi umnikelo kaJehova.
-