Numeri 20:24 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 24 “U-Aroni uzofa angcwatshwe njengoba kwangcwatshwa abantu bakubo. *+ Ngeke angene ezweni engizolinika ama-Israyeli ngoba nobabili nadlubulunda emyalweni wami ophathelene namanzi aseMeriba. + Numeri 20:28 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 28 UMose wabe esekhumula u-Aroni izingubo zakhe wazigqokisa u-Eleyazare indodana yakhe. Ngemva kwalokho u-Aroni wafela lapho esiqongweni sentaba. + UMose no-Eleyazare behla entabeni. Numeri 33:38 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 38 U-Aroni umpristi wenyukela eNtabeni iHori njengoba ayeyalwe uJehova, wafela khona ngonyaka ka-40 ngemva kokuphuma kwama-Israyeli ezweni laseGibhithe, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lokuqala lwenyanga. + Duteronomi 10:6 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 6 “Ama-Israyeli asuka eBeyeroti Bhene-jahakani aya eMosera. U-Aroni wafela khona, wangcwatshwa khona, + indodana yakhe u-Eleyazare yaba umpristi esikhundleni sakhe. + Duteronomi 32:50 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 50 Ngemva kwalokho uzofela kule ntaba osuzoyenyuka, ungcwatshwe nabantu bakini,* njengoba nje no-Aroni umfowenu afela eNtabeni iHori + wangcwatshwa nabantu bakubo,
24 “U-Aroni uzofa angcwatshwe njengoba kwangcwatshwa abantu bakubo. *+ Ngeke angene ezweni engizolinika ama-Israyeli ngoba nobabili nadlubulunda emyalweni wami ophathelene namanzi aseMeriba. +
28 UMose wabe esekhumula u-Aroni izingubo zakhe wazigqokisa u-Eleyazare indodana yakhe. Ngemva kwalokho u-Aroni wafela lapho esiqongweni sentaba. + UMose no-Eleyazare behla entabeni.
38 U-Aroni umpristi wenyukela eNtabeni iHori njengoba ayeyalwe uJehova, wafela khona ngonyaka ka-40 ngemva kokuphuma kwama-Israyeli ezweni laseGibhithe, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lokuqala lwenyanga. +
6 “Ama-Israyeli asuka eBeyeroti Bhene-jahakani aya eMosera. U-Aroni wafela khona, wangcwatshwa khona, + indodana yakhe u-Eleyazare yaba umpristi esikhundleni sakhe. +
50 Ngemva kwalokho uzofela kule ntaba osuzoyenyuka, ungcwatshwe nabantu bakini,* njengoba nje no-Aroni umfowenu afela eNtabeni iHori + wangcwatshwa nabantu bakubo,