-
Numeri 11:16, 17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 UJehova waphendula uMose wathi: “Ngiqoqele amadoda angu-70 emadodeni amadala akwa-Israyeli, amadoda owaqaphelayo* ukuthi angamadoda amadala nezikhulu zabantu, + uwayise etendeni lokuhlangana, ame lapho kanye nawe. 17 Ngizokwehla + ngikhulume nawe lapho, + ngithathe omunye umoya + okuwe ngiwubeke kuwo, azokusiza ekuthwaleni umthwalo wabantu ukuze ungawuthwali wedwa. +
-
-
AbaHluleli 14:5, 6IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 Ngakho uSamsoni wehlela eThimna kanye noyise nonina. Lapho efika emasimini amagilebhisi aseThimna, kwaqhamuka ibhubesi* libhonga lize kuye. 6 Umoya kaJehova wamnika amandla, + walidwengula, njengalapho umuntu edwengula izinyane lembuzi ngezandla zakhe. Kodwa akamtshelanga uyise nonina ngalokho ayekwenzile.
-
-
2 IziKronike 15:1IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Umoya kaNkulunkulu wafika ku-Azariya indodana ka-Odedi.
-