-
AbaHluleli 3:9, 10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
9 Lapho ama-Israyeli ecela usizo kuJehova, + uJehova wawamisela umsindisi ukuze awasindise, + u-Otheniyeli + indodana kaKhenazi, umfowabo kaKalebi omncane. 10 Umoya kaJehova wehlela kuye, + waba umahluleli ka-Israyeli. Lapho ephuma eyokulwa, uJehova wanikela uKushani-rishatayimi inkosi yaseMesophothamiya* esandleni sakhe, wamnqoba uKushani-rishatayimi.
-
-
AbaHluleli 14:5, 6IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 Ngakho uSamsoni wehlela eThimna kanye noyise nonina. Lapho efika emasimini amagilebhisi aseThimna, kwaqhamuka ibhubesi* libhonga lize kuye. 6 Umoya kaJehova wamnika amandla, + walidwengula, njengalapho umuntu edwengula izinyane lembuzi ngezandla zakhe. Kodwa akamtshelanga uyise nonina ngalokho ayekwenzile.
-
-
1 Samuweli 10:10, 11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 Ngakho basuka lapho baya egqumeni, wafike wahlangana neqembu labaprofethi khona. Ngaso leso sikhathi umoya kaNkulunkulu wamnika amandla, + waqala ukuprofetha + kanye nalo. 11 Lapho bonke labo ababemazi bembona eprofetha kanye nabaprofethi, bathi omunye komunye: “Kwenzekeni endodaneni kaKishi? Ingabe noSawule uphakathi kwabaprofethi?”
-