-
AbaHluleli 3:9, 10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
9 Lapho ama-Israyeli ecela usizo kuJehova, + uJehova wawamisela umsindisi ukuze awasindise, + u-Otheniyeli + indodana kaKhenazi, umfowabo kaKalebi omncane. 10 Umoya kaJehova wehlela kuye, + waba umahluleli ka-Israyeli. Lapho ephuma eyokulwa, uJehova wanikela uKushani-rishatayimi inkosi yaseMesophothamiya* esandleni sakhe, wamnqoba uKushani-rishatayimi.
-
-
AbaHluleli 4:14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 UDebora wathi kuBharaki: “Sukuma, ngoba lolu usuku uJehova azonikela ngalo uSisera esandleni sakho. Nakanjani uJehova uzohamba phambi kwakho.” UBharaki wehla esuka eNtabeni iThabori elandelwa amadoda angu-10 000.
-