-
1 IziKronike 17:23-27IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Manje Jehova, kwangathi isithembiso osenzile ngokuphathelene nenceku yakho nendlu yayo singagcwaliseka kuze kube phakade, kwangathi ungenza njengoba nje uthembisile. + 24 Kwangathi igama lakho lingaqhubeka likhona* futhi liphakanyiswe + kuze kube phakade, ukuze abantu bathi, ‘UJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu ku-Israyeli,’ futhi kwangathi indlu yenceku yakho uDavide ingama iqine phambi kwakho. + 25 Ngoba wena, Nkulunkulu wami, wembulele inceku yakho injongo yokuyakhela indlu. Yingakho inceku yakho ineqholo lokusho lo mthandazo kuwe. 26 Manje Jehova, wena unguNkulunkulu weqiniso, uthembise lezi zinto ezinhle ngokuphathelene nenceku yakho. 27 Ngakho kwangathi kungakujabulisa ukubusisa indlu yenceku yakho, kwangathi ingahlale iphambi kwakho kuze kube phakade, ngoba wena Jehova uyibusisile, futhi ibusisekile kuze kube phakade.”
-