Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Duteronomi 28:15
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 15 “Kodwa uma ungeke ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ngokuqikelela ukuthi wenza yonke imiyalo yakhe nemithetho yakhe engikuyala ngayo namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela phezu kwakho: +

  • Duteronomi 28:36
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 36 UJehova uyokuhola wena nenkosi owazibekela yona akuyise esizweni eningazange nisazi wena nokhokho bakho, + uyofike ukhonze abanye onkulunkulu, onkulunkulu bokhuni nabetshe. +

  • 2 AmaKhosi 17:6
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 6 Ngonyaka ka-9 kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalinqoba iSamariya. + Ngemva kwalokho yathatha abantu bakwa-Israyeli yabadingisela + e-Asiriya yabahlalisa eHala naseHabori ngasemfuleni iGozani + nasemadolobheni amaMede. +

  • 2 AmaKhosi 25:21
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 21 Inkosi yaseBhabhiloni yababulala eRibila ezweni laseHamati. + Kanjalo uJuda wasuka ezweni lakhe waya ekudingisweni. +

  • 2 IziKronike 6:36-39
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 36 “Uma bona kuwe (ngoba akekho umuntu ongoni), + bese ubathukuthelela ubanikele esitheni, abathumbi babo babathumbe babayise ezweni elikude noma eliseduze, + 37 bese besanguluka besezweni abathunjelwe kulo, babuyele kuwe bacele ukuba ubabonise umusa ezweni abayizithunjwa kulo, bathi, ‘Sonile senza okungalungile; senze ngokukhohlakala,’ + 38 babuyele kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo + nangawo wonke umphefumulo* wabo ezweni abayizithunjwa kulo + abayiswa kulo, bese bethandaza bebheke ezweni labo owalinika okhokho babo nasedolobheni olikhethile + nasendlini engiyakhele igama lakho, 39 yizwa usemazulwini, endaweni yakho yokuhlala, umthandazo wabo nesicelo sabo sokuba ubabonise umusa, ubakhiphele isahlulelo, + uthethelele abantu bakho abonile kuwe.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela