-
2 IziKronike 14:11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 U-Asa wabe esebiza uJehova uNkulunkulu wakhe + wathi: “O Jehova, akunandaba kuwe ukuthi labo obasizayo baningi noma abanamandla. + O Jehova Nkulunkulu wethu, sisize ngoba sithembele* kuwe, + sizolwa nalesi sixuku egameni lakho. + O Jehova, wena unguNkulunkulu wethu. Ungamvumeli umuntu ofayo abe namandla kunawe.” +
-
-
2 IziKronike 20:5, 6IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 UJehoshafati wasukuma ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaJehova phambi kwegceke elisha, 6 wathi:
“O Jehova Nkulunkulu wokhokho bethu, awuyena yini uNkulunkulu emazulwini; + awubusi yini phezu kwayo yonke imibuso yezizwe? + Esandleni sakho kukhona amandla nobukhulu, akukho muntu ongamelana nawe. +
-