-
Eksodusi 30:12-16IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 “Noma nini lapho ubala abantwana bakwa-Israyeli ukuze uthole inani labo, + ngamunye kumele anike uJehova isihlengo sokuphila* kwakhe lapho bebalwa. Lokhu kwenzelwa ukuba kungabikho nhlupho elethwa kubo lapho bebhaliswa. 13 Yilokhu bonke ababhalisiwe abazokukhipha: uhhafu weshekeli* ngeshekeli elivamile lendawo engcwele. *+ Amagera* angu-20 alingana neshekeli. Uhhafu weshekeli ungumnikelo kuJehova. + 14 Wonke umuntu obhalisiwe oneminyaka engu-20 nangaphezulu uzokhipha umnikelo kaJehova. + 15 Ocebile akufanele akhiphe okungaphezulu nohluphekayo akufanele akhiphe okungaphansi kukahhafu weshekeli* njengomnikelo kaJehova ukuze nenzele ukuphila* kwenu isihlawulelo. 16 Kufanele uthathe imali yesiliva yesihlawulelo kuma-Israyeli uyinikelele inkonzo yetende lokuhlangana, ukuze ibe isikhumbuzo phambi kukaJehova ngenxa yama-Israyeli, ukuze yenzele ukuphila* kwenu isihlawulelo.”
-