NgokukaMathewu
17 Ngemva kwezinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPetru noJakobe noJohane umfowabo, wahamba nabo baya entabeni ephakeme bebodwa. + 2 Isimo sakhe saguqulwa phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, nezingubo zakhe zangaphandle zakhazimula* njengokukhanya. + 3 Bheka! babona uMose no-Eliya bexoxa naye. 4 UPetru wabe esethi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba lapha. Uma uthanda, ngizomisa amatende amathathu lapha, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” 5 Esakhuluma, bheka! ifu elikhanyayo labamboza, kwezwakala izwi kulelo fu, lathi: “Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. + Yilaleleni.” + 6 Lapho bezwa lokhu abafundi bawa ngobuso futhi besaba kakhulu. 7 Khona-ke uJesu wasondela wabathinta, wathi: “Sukumani. Ningesabi.” 8 Lapho bephakamisa amakhanda, ababonanga muntu ngaphandle kukaJesu. 9 Njengoba behla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu ngalo mbono ize ivuswe iNdodana yomuntu kwabafile.” +
10 Nokho, abafundi bambuza lo mbuzo: “Pho kungani ababhali bethi kumele kufike u-Eliya kuqala?” + 11 Ephendula wathi: “U-Eliya uyeza ngempela, futhi uyobuyisela zonke izinto. + 12 Nokho, ngithi kini u-Eliya usefikile kakade kodwa abamazanga kunalokho benza abakuthandayo kuye. + Ngale ndlela neNdodana yomuntu izohlupheka ezandleni zabo.” + 13 Khona-ke abafundi baqonda ukuthi wayekhuluma ngoJohane uMbhapathizi.
14 Lapho besondela ngasesixukwini, + umuntu othile weza kuye, waguqa wathi: 15 “Nkosi, yiba nesihe endodaneni yami, ngoba inesithuthwane futhi iyagula. Iwela emlilweni kaningi nasemanzini kaningi. + 16 Ngiyilethe kubafundi bakho, kodwa abakwazanga ukuyelapha.” 17 UJesu ephendula wathi: “O sizukulwane esingenalukholo nesisontekile, + kumele ngiqhubeke nginani kuze kube nini? Kumele nginibekezelele kuze kube nini? Yilethe lapha kimi.” 18 UJesu wayeselikhuza idemoni, laphuma kuye, umfana welapheka kusukela ngalelo hora. + 19 Ngemva kwalokho abafundi beza kuJesu ngasese bathi: “Kungani thina singakwazanga ukulixosha?” 20 Wathi kubo: “Kungenxa yokholo lwenu oluncane. Ngoba ngiqinisile ngithi kini, uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kule ntaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ isuke, futhi akukho lutho eningeke nikwazi ukulwenza.” + 21 *——
22 Kwakungesikhathi bebuthene ndawonye eGalile lapho uJesu athi kubo: “INdodana yomuntu izonikelwa ezandleni zabantu, + 23 futhi bazoyibulala, ngosuku lwesithathu ivuswe.” + Ngakho baba lusizi kakhulu.
24 Ngemva kokuba befike eKapernawume amadoda aqoqa intela yamadrakma amabili* asondela kuPetru athi: “Umfundisi wenu akayikhokhi yini intela yamadrakma amabili?” + 25 Wathi: “Yebo, uyayikhokha.” Nokho, lapho engena endlini uJesu wakhuluma naye kuqala wathi: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?” 26 Lapho ethi: “Ezihambini,” uJesu wathi kuye: “Khona-ke, ngempela amadodana awayikhokhi intela. 27 Kodwa ukuze singabakhubi, + hamba uye olwandle, uphonse udobo, bese ubamba inhlanzi ephuma kuqala, futhi lapho uvula umlomo wayo, uzothola uhlamvu lwesiliva.* Luthathe ubanike lona ukhokhele mina nawe.”