-
2 AmaKhosi 14:17-20IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
17 U-Amaziya + indodana kaJehowashi inkosi yakwaJuda waphila iminyaka engu-15 ngemva kokufa kukaJehowashi + indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli. + 18 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Amaziya, ulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. 19 Kamuva bamakhela uzungu + eJerusalema, wabalekela eLakishi, kodwa bamthumelela abantu eLakishi bambulalela khona. 20 Ngakho bamthwala ngamahhashi bambuyisela emuva, wangcwatshwa eJerusalema kanye nokhokho bakhe eDolobheni LikaDavide. +
-