Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 IziKronike 28:9
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 9 “Wena Solomoni ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele *+ nangomphefumulo* ojabulayo,* ngoba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, + futhi uqonda yonke imicabango nezifiso. + Uma umfuna, uyomthola, + kodwa uma umshiya, uyokulahla kuze kube phakade. +

  • IHubo 62:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 O Jehova, nothando oluqotho lungolwakho, +

      Ngoba ubuyisela umuntu ngamunye ngokwezenzo zakhe. +

  • IzAga 24:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Uma uthi: “Kodwa besingakwazi lokhu,”

      Lowo ohlola izinhliziyo* akayiqondi yini imicabango yakho? +

      Yebo, Lowo okuqaphayo uyoyazi

      Futhi uyobuyisela kumuntu ngamunye ngokomsebenzi wakhe. +

  • Jeremiya 32:19
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 19 Unezinhloso ezinkulu futhi unamandla okwenza izinto, + amehlo akho abona zonke izinto ezenziwa abantu, + ukuze ubuyisele umuntu ngokwezindlela zakhe nangokwezenzo zakhe. +

  • Hezekeli 33:20
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 20 “Kodwa nina nithe, ‘Indlela kaJehova ayinabo ubulungisa.’ + Ngiyokwahlulela ngamunye wenu ngokuvumelana nezindlela zakhe, nina ndlu ka-Israyeli.”

  • Roma 2:6
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 6 Uyobuyisela umuntu ngamunye ngokwemisebenzi yakhe: +

  • 2 Korinte 5:10
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 10 Ngoba sonke kumele sivele* phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze ngamunye athole umvuzo ngokwezinto azenzile ngesikhathi esesemzimbeni, kungakhathaliseki ukuthi zinhle noma zimbi. +

  • Galathiya 6:7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 7 Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; +

  • 1 Petru 1:17
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 17 Uma nibiza uBaba owahlulela umsebenzi womuntu ngamunye ngokungakhethi, + ziphatheni ngokwesaba + phakathi nesikhathi sokuba kwenu yizakhamuzi zesikhashana.

  • IsAmbulo 22:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 “ ‘Bheka! Ngiyeza masinyane, ngiphethe umvuzo engiwunikezayo, ukuze nginikeze ngamunye ngokomsebenzi wakhe. +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela