-
Numeri 25:6-8IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 Kwathi kusenjalo nje, kwafika umuntu ongumIsrayeli, elethe ekamu owesifazane wakwaMidiyani + phambi kwamehlo kaMose nawayo yonke inhlangano yama-Israyeli, ngesikhathi inhlangano ikhala emnyango wetende lokuhlangana. 7 Lapho uFinehasi + indodana ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ebona lokhu, wasukuma ngokushesha phakathi kwenhlangano wathatha umkhonto.* 8 Wayilandela le ndoda yakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhokoda ngomkhonto bobabili, umkhonto waphumela ngale, wabhokoda le ndoda yakwa-Israyeli nowesifazane ezithweni zakhe zangasese. Ngemva kwalokho isishayo sanqamuka + kuma-Israyeli.
-
-
1 Samuweli 15:22, 23IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
22 USamuweli wathi: “Ingabe uJehova ujabulela iminikelo eshiswayo nemihlatshelo + kunokulalelwa kwezwi likaJehova? Ukulalela kungcono kunomhlatshelo, + nokunakisisa kungcono kunamanoni + ezinqama; 23 ngoba ukudlubulunda + kuyafana nesono sokubhula, + nenkani iyafana nokwenza imilingo nokukhonza izithixo.* Ngenxa yokuthi awulilalelanga izwi likaJehova, + naye ukulahlile ukuba ungabe usaba yinkosi.” +
-