3 Uyojabula ngokwesaba uJehova. +
Ngeke ahlulele ngokwalokho akubona ngamehlo akhe,
Noma amane asole ngokwalokho akuzwa ngezindlebe. +
4 Uyokwahlulela abantu abahluphekile ngokulunga,
Uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.
Amazwi akhe ayoba yinduku ayoshaya ngayo umhlaba +
Uyobulala ababi ngomoya wezindebe zakhe. +